Skip to Content

"olungileyo"

99 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:32

mawuzwe wena ezulwini , wenze, wahlulele izinceku zakho , kulahlwe onecala, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, uthethelele olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe.

1 kaJohane 2:1

Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;

1 kaPetru 3:18

Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono , olungileyo ngenxa yabangalungile , ukuba asiyise kuNkulunkulu , ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,

1 kaPetru 4:18

Uma olungileyo esindiswa kalukhuni , uyakubonakalaphi ongamesabi uNkulunkulu noyisoni na?

1 kuThimothewu 1:9

ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo , umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe , abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo , nababulali bawonina , nababulala abantu,

2 iziKronike 6:23

mawuzwe wena ezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho, kuphindiselwe konecala, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe , uthethelele olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe.

2 kaPetru 2:7

noLoti olungileyo, ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho, wamhlangulisa --

2 kaPetru 2:8

ngokuba ngokubona nangokuzwa lona olungileyo , ehlala phakathi kwabo , wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho --

2 kuThimothewu 4:8

sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi , umahluleli olungileyo , kungeyimi ngedwa , kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo. UThimothewu ucelwa ukuba afike kuPawulu

2 uSamuweli 4:11

kakhulu kangakanani, lapho abantu ababi bebulele umuntu olungileyo endlini yakhe embhedeni wakhe , angiyikubiza igazi lakhe esandleni senu , nginisuse emhlabeni, na?

AmaHubo 107:42

Olungileyo uyakukubona, ajabule; ububi bonke bumelwe ukuvala umlomo.

AmaHubo 112:6

Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade ; olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.

AmaHubo 118:20

Yileli isango likaJehova; olungileyo uyakungena ngalo.

AmaHubo 11:3

Nxa izisekelo zidilizwa, olungileyo angenzani na?

AmaHubo 11:5

UJehova uyamhlola olungileyo ; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.

AmaHubo 141:5

Olungileyo makangishaye , kungumusa kimi ; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi , ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona.

AmaHubo 32:6

Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuw e ngesikhathi sokukufumana; impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula , angafinyeleli kuye.

AmaHubo 34:21

Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala.

AmaHubo 37:12

Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi, amgedlele amazinyo.

AmaHubo 37:16

Okuncane anakho olungileyo kungcono kunemfuyo yababi abaningi.

AmaHubo 37:21

Omubi uyatsheleka, angabuyiseli; kepha olungileyo unesihawu, aphane.

AmaHubo 37:25

Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.

AmaHubo 37:32

Omubi uqaphela olungileyo, ufuna ukumbulala.

AmaHubo 55:22

Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho , uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.

AmaHubo 58:10

Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo ; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,

AmaHubo 5:12

Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo ; umphahla ngomusa njengesihlangu.

AmaHubo 64:10

Olungileyo uyakujabula kuJehova , aphephele kuye ; bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.

AmaHubo 72:7

Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza , kuvame ukuthula , ize ingabikho inyanga.

AmaHubo 7:11

UNkulunkulu ungumahluleli olungileyo ; unguNkulunkulu othukuthela imihla yonke.

AmaHubo 7:9

Makuphele ukonakala kwababi , kepha olungileyo mawumqinise . Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo.

AmaHubo 92:12

Olungileyo uyahluma njengesundu, uyakhula njengomsedari eLebanoni.

AmaHubo 97:11

Ukukhanya kuh lwanyelelwe olungileyo , ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.

AmaHubo 9:4

ngokuba ulimelele ilungelo lami nendaba yami , uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo.

EkaJakobe 5:6

Nilahlile, nabulala olungileyo; akamelani nani. Ukubekezela

IsAmbulo 22:11

Ongalungile makenze njalo okungalungile , nongcolileyo makazingcolise njalo, kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.

IzAga 10:25

Lapho sidlula isivunguvungu , akasekho omu bi, kepha olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.

IzAga 10:30

Olungileyo akayikunyakaziswa kuze kube phakade , kepha ababi abayikuhlala ezweni.

IzAga 11:31

Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni ; kakhulu kangakanani omubi nesoni.

IzAga 11:8

Olungileyo uyakhululwa osizini, kepha omubi ungena esikhundleni sakhe.

IzAga 12:10

Olungileyo uyakunaka ukuphila kwesilwane sakhe , kepha isihhe sababi silunya.

IzAga 12:13

Ngokuphambeka kwezindebe kukhona ugibe lomubi , kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni.

IzAga 12:21

Olungileyo akayikwehlelwa nangokukodwa okubi , kepha ababi bayakugcwala ububi.

IzAga 12:26

Olungileyo ungumholi womakhelwane wakhe , kepha indlela yababi iyabadukisa.

IzAga 13:22

Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa , kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.

IzAga 13:25

Olungileyo uyadla uze usuthe umphefumulo wakhe , kepha isisu sababi siyaswela.

IzAga 13:5

Olungileyo uyazonda amazwi amanga , kepha omubi ubanga amahloni , ahlazise.

IzAga 14:32

Omubi uwiswa phansi ngobubi bakhe, kepha olungileyo unethemba ekufeni kwakhe.

IzAga 17:15

Othetha omubi nolahla olungileyo bayisinengiso kuJehova bobabili.

IzAga 17:26

Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle, nokushaya abaqotho akulungile.

IzAga 18:10

Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla ; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

IzAga 18:5

Ukukhetha ubuso bomubi ukuba olungileyo aphambukiswe ekwahlulelweni akukuhle.

IzAga 20:7

Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe , babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.

IzAga 21:12

Olungileyo uyaqaphela indlu yomubi; ababi bayachithelwa ebubini.

IzAga 21:26

Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke, kepha olungileyo uyaphana engancishi.

IzAga 24:16

Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa , abesebuye avuke, kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.

IzAga 25:26

Njengomthombo odungekileyo nesiphethu esonakaleyo , unjalo olungileyo ozanyazanyiswa phambi komubi.

IzAga 29:6

Esiphambekweni somuntu omub i kukhona ugibe , kepha olungileyo uyenanela, athokoze.

IzAga 29:7

Olungileyo uyazi indaba yabampofu, kepha omubi akayiqondi.

IzAga 9:9

Siphe isihlakaniphi , siyakwanda ngokuhlakanipha ; fundisa olungileyo , uyakwenezela emfundweni.

IzEnzo 22:14

Wayesethi: U Nkulunkulu wawobaba wakumisela ngaphambili ukuyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe,

KuThithu 1:8

kepha ophatha kahle izihambi , othanda okuhle , oqondileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibayo,

KumaHeberu 10:38

kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa ; kepha uma ehleh la nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.

KwabaseGalathiya 3:11

Kepha ukuthi ngomthetho akukho muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa;

KwabaseRoma 1:17

Ngokuba ukulunga kukaNku lunkulu kwambulwa kulo , kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi : Olungileyo uzakuphila ngokukholwa. Intukuthelo kaNkulunkulu ngezono zabezizwe

KwabaseRoma 3:10

njengokuba kulotshiwe ukuthi: Akakho olungileyo, akakho noyedwa;

KwabaseRoma 5:7

ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle;

NgokukaJohane 17:25

Baba olungileyo, izwe kalikwazanga, kepha mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile.

NgokukaMathewu 10:41

Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo.

NgokukaMathewu 1:19

Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo , engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese.

NgokukaMathewu 23:35

ukuba kufike phezu kwenu igazi lonke elilungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika -Abela olungileyo kuze kube segazini likaZakariya indodana kaBarakiya enambulala phakathi kwethempeli ne-altare.

NgokukaMathewu 27:19

Esahlezi esihlalweni sokwahlulela , umkakhe wathumela kuye , wathi: Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo ; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.

U-Amose 2:6

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa -Israyeli, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva, nompofu ngamabhangqa ezicathulo.

U-Eksodusi 23:8

Awuyikwamukela isipho , ngokuba isipho siphuphuthekisa ababonayo , siphendukezele amazwi olungileyo.

U-Isaya 29:21

ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje , bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni, bachezukisa olungileyo ngento engelutho.

U-Isaya 45:21

Kumemezeleni, nikuveze; yebo, balulekane kanyekanye . Ngubani owakuzwisa lokhu endulo , wakumemezela kwasesikhathini samandulo n a? akusimina Jehova na ? Akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami , uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akakho ngaphandle kwami.

U-Isaya 57:1

Olungileyo uyabhubha, akakho okubeka enhliziyweni ; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini,

UDuteronomi 16:19

Awuyikuphendukezela isahlulelo , ungakhethi ubuso bamuntu , ungafunjathiswa isipho , ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.

UDuteronomi 25:1

Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu , baye ukwahlulelwa , kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala,

UGenesise 18:23

U-Abrahama wasondela , wathi: Uyakubhubhisa olungileyo kanye nomubi na?

UGenesise 18:25

Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela , ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi ; lokhu makube kude nawe ; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?

UHabakuki 1:13

Wena omehlo akho ahlambulukile ukuba ungaboni okubi , ungenakubheka ukuhlanekezela, ubhekelani abakhohlisayo, uthulelani lapho omubi egwinya olungileyo kunaye,

UHabakuki 1:4

Ngalokho umthetho uba buthakathaka , nokwahlulela akuphumi kuze kube nini, ngokuba omubi uhaqa olungileyo ; ngalokho ukwahlulela kuph uma kuhlanekezelwe. UNkulunkulu uvusela u-Israyeli amaKaledi

UHabakuki 2:4

Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile , awuqotho phakathi kwakhe , kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.

UHezekeli 18:26

Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe , enze okubi , uyakufa ngakho, afe ngenxa yokubi akwenzileyo.

UHezekeli 18:5

Kepha uma umuntu olungileyo enza ukwahlulela nokulunga,

UHezekeli 33:18

Lapho olungileyo ebuya ekulungeni kwakhe, enze okubi, uyakufa ngakho.

UHezekeli 3:20

Lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe , enze okubi , ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe , uyakufa. Uma ungamxwayisanga , uyakufela ezonweni zakhe , nezenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo aziyikukhunjulwa , kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.

UHezekeli 3:21

Kepha uma umxwayisa olungileyo ukuba olungileyo angoni , abese engoni, uyakuphila nokuphila, ngokuba exwayile; wena-ke uwophulile umphefumulo wakho.

UJeremiya 11:20

Jehova Sebawoti , mahluleli olungileyo , ovivinya izinso nenhliziyo , mangibone ukuphindisela kwakho kubo , ngokuba n gibonakalisile indaba yami kuwe.

UJeremiya 20:12

Kepha, Jehova Sebawoti , ovivinya olungileyo , obona izinso nenhliziyo , mangibone ukuphindisela kwakho kubo , ngokuba ngikwambulele indaba yami.

UJobe 12:4

Ngiyisigcono somngane wami , ngowambiza uNkulunkulu , waphendula; olungileyo nongenasici uyisigcono.

UJobe 17:9

Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe ; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.

UJobe 23:7

Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye , mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.

UJobe 34:17

Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na ? Uyakumlahla olungileyo nonamandla

UMika 7:4

Omuhle wabo unjengobobe , olungileyo mubi kunothango lwameva ; usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile ; sekuyakuba ngukukhungatheka kubo.

URuthe 3:11

Manje, ndodakazi yami , ungesabi; ngiyakukwenzela konke okushoyo , ngokuba wonke umuzi wabantu bakithi uyazi ukuthi ungowesifazane olungileyo.

UmShumayeli 7:15

Konke ngikubonile emihleni yami eyize : kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe , kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.

UmShumayeli 7:20

Ngokuba akukho muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.

UmShumayeli 9:2

Konke kungabehlela bonke , olungileyo nomubi, omuhle nohlambulukileyo nongcolileyo, onikela ngomhlatshelo nong enawo umhlatshelo , omuhle abe njengesoni, ofungayo njengowesaba isifungo.