Skip to Content

"omlilo"

20 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 2:11

Kwathi beselokhu behamba bekhuluma , bheka, nanso inqola yomlilo namahhashi omlilo , kwabahlukanisa bobabili ; u-Eliya wakhuphukela ezulwini ngesivunguvungu.

2 uSamuweli 22:13

Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe kwavuthiswa amalahle omlilo.

AmaHubo 105:32

Wabanika isichotho saba yimvula yabo, amalangabi omlilo ezweni labo.

AmaHubo 120:4

Imicibisholo ebukhali yeqhawe namalahle omlilo.

AmaHubo 29:7

Izwi likaJehova lidabula amalangabi omlilo.

IsAmbulo 19:12

Amehlo akhe angamalangabi omlilo , nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela;

IsAmbulo 1:14

futhi ikhanda lakhe nezinwele zakhe kumhlophe njengoboya bezimvu , njengeqhwa, namehlo akhe enjengamalangabi omlilo,

IsAmbulo 2:18

Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi : Nakhu ekushoyo iNdodana kaNkulunkulu enamehlo anjengamalangabi omlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo, ithi:

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:6

Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho , njengophawu engalweni yakho , ngokuba uthando lunamand la njengokufa; isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo; amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi likaJehova.

IzAga 25:22

Ngokuba uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda lakhe , besekuthi uJehova akuvuze.

KumaHeberu 11:34

bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.

KumaHeberu 1:7

Ngezingelosi uthi: Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.

U-Isaya 31:9

Idwala lakhe liyakunyamalala ngovalo, nezikhulu zalo ziyakuphela amandla ngebhanela, usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni , nosithando sakhe siseJerusalema.

U-Isaya 66:15

Ngokuba bheka , uJehova uyakufika ngomlilo , izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, ukubuyisela intukuthelo yakhe ngokufuthek a nokukhuza kwakhe ngamalangabi omlilo.

UDaniyeli 7:9

Ngisabheka, kwabekwa izihlalo zobukhosi , kwahlala omdala wezinsuku ; izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa , izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo ; isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.

UHezekeli 10:2

Wakhuluma kuyo indoda eyembethe ilineni , wathi: Ngena phakathi kwamasondo ayingilizayo phansi kwekherubi , ugcwalise izandla zakho zombili ngamalahle omlilo ophakathi kwamakherubi , uwahlakaze phezu komuzi. Yangena phambi kwamehlo ami.

UHezekeli 1:13

Isimo sezidalwa sasinjengamalahle omlilo avutha njengezibani , ahambahamba phakathi kwezidalwa ; umlilo wamenyezela, nasemlilweni kwaphuma unyazi.

UHezekeli 28:14

Wawuyikherubi eligcotshiweyo elisibekelayo ; ngakubeka, waba sentabeni engcwele kaNkulunkulu, wahamba phakathi kwamatshe omlilo.

UHezekeli 28:16

Ngobuningi bokuthenga kwakho wagcwaliswa ngobudlova , wonile; ngalokho ngakulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu, ngakuchitha wena kherubi elisibekelayo, ungabikho phakathi kwamatshe omlilo.

ULevitikusi 16:12

Wothabatha umcengezi womlilo ogcwele amalahle omlilo ase -altare phambi kukaJehova , izandla zakhe zigcwele impepho ethaphukayo icolisisiwe, akulethe ngaphakathi kwesihenqo,