"omoya"
21 occurrences in ZUL
Bathandekayo, maningakholwa yibo bonke omoya , kepha hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini ; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.
Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu ufikile enyameni bangabakaNkulunkulu;
ehamba ngawo ukushumayeza omoya abasekuboshweni
Kepha uMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni , benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni,
omunye ukwenza imisebenzi yamandla , omunye ukuprofetha , omunye ukwahlukanisa omoya , omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi , omunye ukuhumusha izilimi.
Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; wabonwa emaphikweni omoya.
obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya;
Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; washweza ngamaphiko omoya.
Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako , nasemlonyeni wesilo , nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo , befana nezingxangxa;
Yamemeza ngezwi elinamdla , yathi: Liwile, liwile iBabiloni elikhulu , selibe yindawo yokuhlala amademoni , nendawo yokubopha bonke omoya abangcolileyo, nendawo yokubopha zo nke izinyoni ezingcolileyo nezizondekayo,
Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange , unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.
Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo , bememeza ngezwi elikhulu ; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa;
Azisibo yini zonke omoya boku khonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?
Nokho ningathokozi ngalokhu kokut hi omoya bayanithobela , kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini. UJesu uyamdumisa uYise (Math. 11:25)
Khona abesehamba , azithathele abanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale lapho, ukugcina kwalowo muntu kube kubi kunokwakuqala.
Behlelwa ngukwesaba bonke , bakhuluma bodwa , bathi: Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume?
nabesifazane abathile ababephulukiswe kubo omoya ababi nasezifweni : uMariya obizwa ngokuthi uMagdalena , okwakuphume kuye amademoni ayisikhombisa,
Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma , bangena ezingulubeni ; umhlambi wagulukudela eweni , waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.
Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye , bangene bahlale khona ; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi. Izihlobo eziyizo zikaJesu (Mark. 3:31; Luk. 8:19)
Kwathi sekuhlwile , baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni , wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo,
Babeyakuba njengezibi phambi k omoya, nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.