"omuhle"
68 occurrences in ZUL
kodwa kube ngobumnene nang okwesaba, nibe nonembeza omuhle , ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.
enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso , okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu
unokukholwa nonembeza omuhle , okuthe abanye bekulahlile , bafelwa umkhumbi wokukholwa,
kepha umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe , nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo,
Likholekile leli zwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi , unxanela umsebenzi omuhle.
ebongwa ngemisebenzi emihle , uma ondlile abantwana , uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele , uma esizile abahluphekayo , uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.
USamuweli wathi kuye : UJehova uklebhul ile umbuso ka -Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.
Wayenendodana egama layo lalinguSawule , insizwa enhle ; kwakungekho muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu.
Ngokuba isixuku sabantu , abaningi bakwa-Efrayimi nakwaManase nakwa- Isakare nakwaZebuloni , sasingazihlambululanga, salidla iphasika ngokungalotshiwe. Ngokuba uHezekiya wayebakhulekele ngokuthi : UJehova omuhle makathethelele
ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto , uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu , esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.
Kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu omuhle njengo -Abisalomu owababazeka kakhulu, kungekho sici kuye kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.
Umlindi wayesethi : Ngibona kungathi ukugijima kowokuqala kunjengokugijima kuka -Ahimahasi indodana kaSadoki . Yathi inkosi : Ngumuntu omuhle yena; uletha umbiko omuhle.
Umuntu omuhle nguye onomusa , otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga.
Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba wena unguNkulunkulu wami; umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo.
Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho; uyakusuthisa ngokolweni omuhle.
Ubeyakubapha ukolweni omuhle ; yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.
Njengendandatho yegolide empumulweni yengulube , unjalo owesifazane omuhle ongenangqondo.
Omuhle uthola umusa kuJehova, kepha umuntu wamacebo uyamlahla.
Ohlehla ngenhliziyo uyasutha ngezindlela zakhe , nomuntu omuhle ngemisebenzi yakhe.
ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho , nemigexo entanyeni yakho.
Njengamanzi aqandayo emphefumulweni owomileyo , unjalo umbiko omuhle ovela ezweni elikude.
UPawulu wayesegqolozela umphakathi , wathi: Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.
Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli , behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye. UPetru ukhuluma ngoKristu ukuthi uyiNkosi yokuphila
Kwase kulethwa indoda ethile eyisishosha kwasesiswini sikanina , ababeyibeka imihla ngemihla ngasemnyango wet hempeli othiwa Omuhle ukuba icele ukwabelwa izipho kwabangenayo ethempelini.
nxa sibuzwa namuh la ngomsebenzi omuhle kumuntu ogulayo ukuthi yena usindiswe ngani,
Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle ; abawesabanga umyalo wenkosi.
Ngokukholwa u -Abela wanikela kuNkulunkulu ng omhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile , uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.
Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle , sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.
ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu,
Kepha nginakho konke ngokweqileyo ; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu- Ephafrodithu okuvela kinina , iphunga elimnandi , umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.
Ngokuba uma wena wanqunywa emnqumweni ongowasendle ngemvelo , wafakelwa emnqumweni omuhle ngokuphambene nemvelo , ikakhulu labo abangabemvelo bayakufakelwa emnqumweni wakubo. Ngokukholwa kwabezizwe abakwa-Israyeli bayakubuyiswa
ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle;
Ngingumalusi omuhle . Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.
Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,
Bamphendula abaJuda , bathi: Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza , ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.
Umbusi othile wayesembuza ethi : Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?
Kepha uJesu wathi kuye : Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na ? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.
nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi.
Ngokuba akukho muthi omuhle othela isithelo esibi ; futhi nomuthi omubi awutheli isithelo esihle.
Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo , nomubi uveza okubi emfuyweni embi ; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi , balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.
Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu. Ekusho lokhu wamemeza wathi: Onezindlebe zokuzwa makezwe.
Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye , waguqa ngamadolo phambi kwakhe , wambuza wathi : Mfundisi omuhle , ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?
Kepha uJesu wathi kuye : Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na ? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.
Kepha uJesu wathi : Myekeni; nimhluphelani na ? Usebenzile umsebenzi omuhle kimi.
Nabahlwanyelwe emhlabathini omuhle yilabo abalizwa izwi , balamukele, bathele isithelo ngamashumi amathathu , nangamashumi ayisithupha , nangekhulu.
Enye yawela emhlabathini omuhle ; yahluma, yakhula, yathela isithelo , yaveza ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.
Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle ; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.
Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi , aliqonde, athele impela isithelo , omunye aveze ngekhulu , omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngamashumi amathathu.
Kepha enye yawela emhlabathini omuhle ; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.
Kepha uJesu ekwazi lokho wathi kubo : Nimhluphelani owesifazane na ? Ngokuba usebenzile umsebenzi omuhle kimi;
Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle , kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi.
Uma kukuhle enkosini , makuphume izwi lobukhosi , lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi u -Ahashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe.
wasimba, wakhipha amatshe aso , wasitshala ngomvini omuhle , wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso , waqopha isikhamo kuso , wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, kepha saveza izithelo zasendle.
ubone phakathi kwabathunjwa owesifazane omuhle onamathela kuye , uthanda ukumthatha abe ngumkakho,
Kwathi esasondela ukungena eGibithe , wathi kuSarayi umkakhe: Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo.
Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini, ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle ; uhlanza izingubo zakhe ewayinini , nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.
Ngafaka icici emakhaleni akho, namagenqeza ezindlebeni zakho, nomqhele omuhle ekhanda lakho.
ngilitshale empakameni yentaba yakwa -Israyeli, liveze amagatsha, lithele izithelo, libe ngumsedari omuhle, kuhlale phansi kwamagatsha onke izinyoni zezinhlobo zonke, zihlale ethunzini lamagatsha alo.
Wawusemhlabathini omuhle ngasemanzini amaningi ukuba uveze amagatsha, uthele izithelo, ube ngumvini omuhle.
wahlala embhedeni omuhle , itafula elilungisiweyo liphambi kwawo , owabeka kulo impepho yami namafutha ami.
Mina ngakutshala ungumvini omuhle , imbewu elungileyo yodwa ; pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi , elomvini wabezizwe , na?
Omuhle wabo unjengobobe , olungileyo mubi kunothango lwameva ; usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile ; sekuyakuba ngukukhungatheka kubo.
Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa; awugodlanga imana lakho emilonyeni yabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.
Uyakuba ngumbuyi si wokuphila kuwe , nomondli ebudaleni bakho , ngokuba umalokazana wakho okuthandayo , omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.
Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha , nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe , siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.
Ngase ngifumana okubaba kunokufa : owesifazane onhliziyo yakhe iyizingibe namane tha, nezandla zakhe ziyizibopho ; omuhle phambi kukaNkulunkulu uyakuphunyuka kuye, kepha isoni siyakubanjwa nguye.
Konke kungabehlela bonke , olungileyo nomubi, omuhle nohlambulukileyo nongcolileyo, onikela ngomhlatshelo nong enawo umhlatshelo , omuhle abe njengesoni, ofungayo njengowesaba isifungo.