Skip to Content

"ongunaphakade"

6 occurrences in ZUL

KwabaseRoma 16:26

kepha manje isibonakalisiwe ngemibhalo yabaprofethi , ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade , yazisiwe ezizweni zonke , kube ngukulalela kokukholwa,

U-Isaya 40:28

Awazi yini ? Awuzwanga na ? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba ; akapheli amandla , akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.

U-Isaya 9:6

Ngokuba sizalelwa umntwana , siphiwa indodana ; umbuso uyakuba semahlombe akhe , negama lakhe liyakuthiw a uMluleki omangalisayo , uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.

UDaniyeli 4:3

Yeka ubuningi bezib onakaliso zakhe , namandla ezimangaliso zakhe ! Umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade , nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane.

UDaniyeli 7:27

Umbuso nokubusa nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke; umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.

UGenesise 21:33

U-Abrahama watshala umtamarisk e ngaseBeri Sheba , wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu Ongunaphakade.