Skip to Content

"othandekayo"

13 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 4:17

Ngalokho-ke ngithumele kini uThimothewu ongumntanami othandekayo nothembekayo eNkosini , oyakunikhumbuza ngokuhamba kwami okukuKristu, njengokuba ngifundisa ezindaweni zonke emabandleni onke.

2 kaPetru 3:15

nithi ukubekezela kweNkosi yethu kungukusindiswa , njengalokho nomzalwane wethu othandekayo uPawulu wanilobela njengokuhlakanipha ayekuphiweyo,

2 kuThimothewu 1:2

kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa , nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. UPawulu umvusa uThimothewu ukuba aqine ekulweleni ivangeli

3 kaJohane 1:1

Ilunga kuye uGayu othandekayo engimthanda ngeqiniso.

KuFilemoni 1:16

angabi esaba njengesigqila , kodwa abe ngaphezu kwesigqila , engumzalwane othandekayo , kakhulu kimi kepha kakhulu kangakanani kuwe, nasenyameni naseNkosini.

Kwabase-Efesu 6:21

Kepha ukuba nani nazi okuqondene nami nalokhu e ngikwenzayo, uyakunazisa konke uThikhiku , umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo eNkosini,

KwabaseKolose 1:7

njengalokho nafunda ku-Ephafra othandekayo oyinceku kanye nathi , oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu;

KwabaseKolose 4:7

Konke okuqondene nami uyakunazi sa khona uThikhiku , umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini,

KwabaseRoma 16:12

Khonzani koTrifina noTrifosa abakhandleka eNkosini . Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini.

UDaniyeli 10:11

Wathi kimi : Daniyeli, wena muntu othandekayo , qonda amazwi engiwakhuluma kuwe , ume nokuma , ngokuba ngithunywe kuwe ; lapho esekhulumile leli zwi kimi, ngema ngithuthumela.

UDaniyeli 10:19

Wathi: Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine. Lapho ekhuluma kimi , ngaqiniswa, ngathi: Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.

UDuteronomi 21:15

Uma umuntu enabafazi ababili , omunye ethandeka omunye aliwa , bamzalele abantwana , othandekayo nowaliwayo , bese kuthi indodana eyizibulo ingeyowaliwayo,

UJeremiya 31:20

U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye , ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela ; ngiyakuba nesihe impela kuye, usho uJehova.