"ovela"
16 occurrences in ZUL
Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa,
Mayisho inkosi yethu ukuba izinceku eziphambi kwakho zifune umuntu owazi ukubetha ihabhu ; kuyakuthi lapho ufikelwa ngumoya omubi ovela kuNkulunkulu, abethe ngesandla sakhe, kube kuhle kuwe.
Bathi: Yisiphi kuzo izizwe zakwa -Israyeli esingakhuphukelanga kuJehova eMispa na? Bheka, akufikanga muntu ekamu ovela eJabesh i Gileyadi ukuya ebandleni.
Kwathi emva kwalezo zinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo ; base bema ngezinyawo zabo , nabababonayo behlelwa ngukwesaba okukhulu.
Ithempeli lagcwala umusi ovela ekukhazimuleni kukaNkulunkulu nasemandleni akhe ; akakho owayengangena ethempelini, zingakapheleli izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.
Njengamanzi aqandayo emphefumulweni owomileyo , unjalo umbiko omuhle ovela ezweni elikude.
Ovela phezulu uphezu kwakho konke ; ovela emhlabeni ungowomhlaba , ukhuluma okomhlaba. Ovela ezulwini uphezu kwakho konke.
Akusikho ukuthi ukhona oke wambona uBaba , kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba.
Esephume emkhunjini , kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo.
Kepha manje senzelwe isikhashana umusa ovela kuJehova uNkulunkulu wethu ukusishiyela insali yabasindileyo nokusinika isikhonkwane endaweni yakhe engcwele ukuba uNkulunkulu wethu akhanyi se amehlo ethu , asinike ikhefu elincane ebugqileni bethu.
Ngama-oki aseBashani benzile amaphini akho ; indeki yakho bayenzile ngophondo lwendlovu , lufakelwe emthini womkhoba ovela eziqhingini zaseKitimi.
Noma enezithelo phakathi kwabafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ovela ehlane ; besewujabha umthombo, isiphethu sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, zonke izinto ezinxanelekayo.
Ngumsindo wokukhala ovela eBabele , nowencithakalo enkulu ophuma ezweni lamaKaledi,
Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki , nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.
Kwavuka umoya ovela kuJehova , waletha izigwaca zivela ngaselwandle , waziwisa ngasekamu kungathi ibanga losuku ngalapha nebanga losuku ngalapha kwekamu nxazonke , nokuphakama phezu komhlaba kungathi izingalo ezimbili.
u-Aroni azulise amaLevi phambi kukaJehova abe ngumnikelo wokuzuliswa ovela kubantwana bakwa-Israyeli, aze asebenze umsebenzi kaJehova.