Skip to Content

"owesilisa"

23 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 16:11

Kwathi esaqala nje ukubusa, esehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBahasha , kamshiyelanga nomntwana oyedwa owesilisa kwabazalana naye nakubo abangane bakhe.

1 uSamuweli 27:11

UDavide akashiyanga owesilisa nowesifazane ephilile ukubayisa eGati, ethi: Funa basicebe ngokuthi: Wenze njalo uDavide. Yayinjalo indlela yakhe zonke izinsuku ehlezi ezweni lamaFilisti.

1 uSamuweli 27:9

UDavide walichitha izwe , akashiyanga muntu ephilile , owesilisa nowesifazane, wathatha izimvu , nezinkabi, nezimbongolo, namakamela, nezingubo, wabuya, wafika ku-Akhishi.

2 iziKronike 15:13

nesokuba bonke ababengamfuni uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli babulawe, noma bebancane noma bebakhulu, owesilisa noma owesifazane.

KwabaseGalathiya 3:28

Akakho umJuda nomGreki , akakho oboshiweyo nokhululekileyo , akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.

NgokukaMarku 10:6

Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu waben za owesilisa nowesifazane.

NgokukaMathewu 19:4

Waphendula, wathi kubo : Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane,

U-Eksodusi 21:28

Uma inkabi iqhubukusha owesilisa noma owesifazane baze bafe , inkabi yokhandwa ngamatshe impela , inyama yayo ingadliwa ; kepha umnininkabi uyakuyekelwa.

U-Eksodusi 21:29

Kepha uma inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili , futhi lokhu kufakaziwe kumniniyo, engayigcinanga kodwa , inkabi isibulele owesilisa noma owesifazane, leyo nkabi yokhandwa, abulawe nomniniyo.

UDuteronomi 17:2

Uma kutholakala phakathi kwakho, ngaphakathi kwelithile lamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona , owesilisa noma owesifazane owenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho ngokweqa isivumelwano sakhe,

UGenesise 17:14

Owesilisa ongasokiwe , engasokwanga enyameni yejwabu lakhe , lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo , ngokuba waphulile isivumelwano sami.

UGenesise 1:27

UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe ; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.

UGenesise 5:2

Wabadala owesilisa nowesifazane , wababusisa, waqamba igama labo ngokuthi abantu mhla bedalwa.

UJeremiya 30:6

Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na?

ULevitikusi 13:29

Nxa owesilisa noma owesifazane enesifo ekhanda noma esilevini,

ULevitikusi 13:38

Nanxa owesilisa noma owesifazane enamabala akhanyayo esikhumbeni senyama yabo, amabala amhlophe akhanyayo,

ULevitikusi 15:2

Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi kubo : Nxa owesilisa ecuc uza emzimbeni wakhe, ungcolile ngokucucuza kwakhe.

ULevitikusi 20:27

Owesilisa noma owesifazane , elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.

ULevitikusi 27:3

ukulinganisa kwakho owesilisa , kusukela koneminyaka engamashumi amabili kuze kube koneminyaka engamashumi ayisithupha , kuyakuba ngamashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele.

ULevitikusi 27:5

Uma kusukela koneminyaka eyisihlanu kuze kube koneminyaka engamashumi amabili , ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba ngamashekeli angamashumi amabili, nowesifazane amashekeli ayishumi.

ULevitikusi 27:6

Uma kusukela konenyanga kuze kube koneminyaka eyisihlanu, ukulinganisa kwakho owesilisa kuyakuba ngamashekeli ayisihlanu esiliva , nokulinganisa kwakho owesifazane kuyakuba ngamashekeli amathathu esiliva.

UNumeri 5:6

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Nxa owesilisa noma owesifazane enza isono esenziwa ngabantu ukuphambeka kuJehova , lowo muntu abeseba necala,

UNumeri 6:2

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi kubo : Nxa owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esithile , isithembiso somNaziri , ukuzahlukanisela kuJehova,