Skip to Content

"owezwa"

4 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 14:24

Abantu bakwa -Israyeli babecindezelwa ngalolo suku , kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi , ngingakaziphindiseli ezitheni zami. Akwabakho muntu owezwa ukudla.

IsAmbulo 22:8

Mina Johane nginguye owezwa nowabona lezi zinto . Kuthe sengizwile , sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezo zinto.

NgokukaMathewu 7:24

Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami , awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.

NgokukaMathewu 7:26

Kodwa yilowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi.