Skip to Content

"oyihlo"

60 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 4:15

Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu , nokho oyihlo kababaningi , ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.

1 uSamuweli 12:6

USamuweli wathi kubantu : NguJehova, yena owabeka oMose no -Aroni nowakhuphula oyihlo ezweni laseGibithe.

1 uSamuweli 12:8

Lapho uJakobe esefikile eGibithe , oyihlo bakhala kuJehova , uJehova wathuma oMose no -Aroni abakhipha oyihlo eGibithe , babahlalisa kule ndawo.

2 AmaKhosi 17:13

Nokho uJehova wayexwayisile o -Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nababoni ukuthi : Phendukani ezindleleni zenu ezimbi , nigcine imiyalo yami nezimiso zami njengawo wonke umth etho engayala ngawo oyihlo nengawuthuma kini ngesandla sezinceku zami abaprofethi.

2 AmaKhosi 20:17

Bheka, izinsuku ziyeza , lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyis wa eBabele; akuyikusala lutho, usho uJehova.

2 iziKronike 29:6

Ngokuba oyihlo baphambukile , benza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wethu , bamshiya, baphendula ubuso babo endl ini kaJehova , bamfulathela.

2 iziKronike 33:8

futhi angisayikususa unyawo luka -Israyeli ezweni engilimisele oyihlo , uma beyakugcina kuphela ukwenza konke engibayale ngakho , wonke umthetho, nezimiso, nezahlulelo, ngesandla sikaMose.

AbAhluleli 2:1

Ingelosi kaJehova yakhuphuka eGiligali , yaya eBokimi . Yathi: Nganikhuphula eGibithe , nginilethile ezweni engalifungela oyihlo ; ngathi: Angisoze ngaphula kuze kube phakade isivumelwano sami nani,

AmaHubo 95:9

lapho oyihlo bangilinga khona, bangivivinya, babona umsebenzi wami.

IzAga 22:28

Ungasusi isikhonkwane esidala oyihlo abasimisileyo.

IzEnzo 7:52

Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na ? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo , eseningabakhapheli nababulali bakhe,

KumaHeberu 3:9

lapho oyihlo bangilinga bengihlola, noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;

NgokukaLuka 11:47

Maye kinina , ngokuba niyawakha amathuna abaprofethi , kanti oyihlo bababulala!

U-Eksodusi 10:6

Izindlu zakho , nezindlu zezinceku zakho zonke , nezindlu zabo bonke abaseGibithe ziyakugcwaliswa yiso , abangazange basibone esinjalo oyihlo nawoyise bawoyihlo , selokhu ba fika emhlabeni kuze kube namuhla . Waphenduka, waphuma kuFaro.

U-Isaya 39:6

Bheka, izinsuku ziyeza , lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyiswa eBabele ; akuyikusala lutho, usho uJehova.

UDuteronomi 10:22

Oyihlo behla , baya eGibithe bengabantu abangamashumi ayisikhombisa; manje uJehova uNkulunkulu wakho ukwenzile ube ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.

UDuteronomi 11:21

ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana benu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona , njengezinsuku zezulu phezu komhlaba.

UDuteronomi 11:9

nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona nenzalo yabo, izwe elivame ubisi nezinyosi.

UDuteronomi 19:8

Uma uJehova uNkulunkulu wakho ewandisa umkhawulo wakho njengokufunga kwakhe koyihlo , akunike lonke izwe athembisa ukubanika lona oyihlo,

UDuteronomi 1:35

Impela akuyikubona noyedwa walaba bantu balesi sizukulwane esibi izwe elihle engafunga ukubanika lona oyihlo,

UDuteronomi 1:8

Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu ; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo , o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.

UDuteronomi 28:11

UJehova uyakukwandisela okuhle: inzalo yesisu sakho, nenzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho ezweni uJehov a alifungela oyihlo ukukunika lona.

UDuteronomi 30:20

ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho , ulilalele izwi lakhe , unamathele kuye , ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.

UDuteronomi 30:5

uJehova uNkulunkulu wakho akungenise ezweni oyihlo abalidlayo , ulidle; uyakukwenzela okuhle, akwandise ngaphezu kwawoyihlo.

UDuteronomi 4:37

Lokhu ebethanda oyihlo wakhetha inzalo yabo emva kwabo , wakukhipha yena uqobo ngamandla akhe amakhulu eGibithe

UDuteronomi 6:10

Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni alifungela oyihlo , o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukukunika lona kanye nemizi emikhulu nemihle ongayakhanga,

UDuteronomi 6:18

Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kube kuhle kuwe, ungene ulidle lelo zwe elihle uJehova alifungela oyihlo

UDuteronomi 7:12

Kuyakuthi ngokuba nilalela lezi zahlulelo , nizigcine, nizenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakugcina isivumelwano nawe nomusa awufungela oyihlo,

UDuteronomi 7:13

akuthande, akubusise, akwandise, abusise nenzalo yesisu sakho , nesithelo somhlabathi wakho , namabele akho , newayini lakho , namafutha akho , nenzalo yezink omo zakho , nokwanda kwezimvu zakho ezweni alifungela oyihlo ukuninika lona.

UDuteronomi 7:8

kepha ngokuba uJehova enithanda nangokuba ebeyakugcina isifungo asifungela oyihlo uJehova unikhiphile ngesandla esinamandla , wanihlenga endlini yezigqila esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe.

UDuteronomi 8:1

Yonke imiyalo engikuya la ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo.

UDuteronomi 8:16

wakupha imana ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ngasekugcineni,

UDuteronomi 8:18

Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho , ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe asifungela oyihlo njenganamuhla.

UDuteronomi 8:3

Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova , yikho umuntu aphila ngakho.

UDuteronomi 9:5

Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo , kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifunge la oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

UHezekeli 20:27

Ngalokho, ndodana yomuntu , khuluma kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova , uthi: Kulokho oyihlo bangihlambalazile ngokwenza isiphambeko kimi.

UHezekeli 20:42

Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho nginingenisa ezweni lakwa -Israyeli, izwe engaliphakamisela isandla sami ukuba ngilinike oyihlo.

UHezekeli 36:28

Niyakuhlala ezweni engalinika oyihlo , nibe ngabantu bami , mina ngibe nguNkulunkulu wenu.

UHezekeli 37:25

Bayakuhlala ez weni engilinike inceku yami uJakobe , ababehlala kulo oyihlo; bayakuhlala kulo, bona nabantwana babo , nabantwana babantwana babo kuze kube phakade, uDavide inceku yami abe yisikhulu sabo kuze kube phakade.

UHezekeli 47:14

Niyakulidla, kube yilowo nalowo , ngokuba ngasiphakamisa isandla sami ukulinika oyihlo; leli zwe liyakuba yifa lenu.

UHoseya 9:10

Ngamfumana u -Israyeli njengezithelo zomvini ehlane , ngabona oyihlo njengolibo emkhiwanen i ngesikhathi sawo sokuqala . Kepha bafika eBali Peyori, bazahlukanisela okunezinhloni , baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.

UJeremiya 11:4

engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe , isithando sensimbi, ngokuthi: Zwanini izwi lami , nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu,

UJeremiya 11:7

Ngokuba ngibayalile nokubayala oyihlo osukwini engabakhuphula ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngibayalile, ngathi: Yizwani izwi lami.

UJeremiya 16:11

Usuyakusho kubo ukuthi : Ngenxa yokuba oyihlo bangishiyile , usho uJehova, balandela aba nye onkulunkulu , babakhonza, bakhuleka kubo , bangishiya, abagcinanga umthetho wami,

UJeremiya 17:22

futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha , ningasebenzi msebenzi, kepha lungcweliseni usuku lwesabatha njengokuyala kwami oyihlo,

UJeremiya 2:5

Usho kanje uJehova , uthi: Ububi buni oyihlo ababufumene kimi , baze badeda kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?

UJeremiya 34:14

Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa niyakuvumela , kube yilowo nalowo umfowabo ongumHeberu othengisiwe kuw e, wakukhonza iminyaka eyisithupha, ukuba ahambe , nimdedele, akhululeke kini . Kepha oyihlo abangilalelanga, ababekanga izindlebe.

UJeremiya 3:18

Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho , ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.

UJeremiya 7:25

Kusukela osukwini oyihlo abaphuma ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla ngithumile kini zonke izinceku zami abaprofethi , ngibathuma imihla ngemihla njalonjalo.

UJeremiya 7:7

ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade.

UJoshuwa 24:14

Manje yesabani uJehova , nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso , nisuse onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo phesheya koMfula naseGibithe, nimkhonze uJehova.

UJoshuwa 24:15

Uma kukubi e mehlweni enu ukumkhonza uJehova , khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza , noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula, noma onkulunkulu bama -Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.

UJoshuwa 24:2

UJoshuwa wathi kubantu bonke : Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka - Israyeli, uthi: Oyihlo bahlala endulo ngaphesheya koMfula, uThera uyise ka- Abrahama noyise kaNahori, bakhonza abanye onkulunkulu.

UJoshuwa 24:6

Ngakhipha oyihlo eGibithe; nafika elwandle; abaseGibithe babaxosha oyihlo ngezinqola nangabamahhashi, baze bafika eLwandle Olubomvu.

UNehemiya 13:18

Abenzanga kanjalo oyihlo , noNkulunkulu wenu akehl iselanga yini phezu kwenu konke lokho okubi , naphezu kwalo muzi, na? Nokho nina niyenezela intukuthelo phezu kuka-Israyeli ngokulona isabatha.

UNumeri 32:8

Benze njalo oyihlo mhl a ngibathuma besuka eKadeshi Barineya ukubona izwe.

UZakariya 1:2

UJehova wathukuthelela nokuthukuthelela oyihlo.

UZakariya 1:5

Oyihlo baphi na? Nabaprofethi bakhona kuze kube phakade na?

UZakariya 1:6

Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo , baze baphenduka , bathi: Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu , wenze kanjalo kithina, na? Umbono ngezinkweli zamahhashi

UZakariya 8:14

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Njengalokho ngahlosa ukwenza okubi kini , lapho oyihlo babengithu kuthelisa, usho uJehova Sebawoti, ngingazisolanga,