Skip to Content

"phesheya"

29 occurrences in ZUL

1 iziKronike 26:30

KumaHebroni uHashabiya n abafowabo, amaqhawe anamandla , beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa, babe ngababonisi kwa -Israyeli phesheya kweJordani ngasentshonalanga emsebenzini wonke kaJehova nasenkonzweni yenkosi.

1 uSamuweli 26:13

UDavide wayesewelela phesheya, wema esiqongweni sentaba ekude , isikhala esikhulu siphakathi kwabo.

2 iziKronike 20:2

Kwafika abanye , bamtshela uJehoshafati , bathi: Kusondela kuwe isixuku esikhulu sivela phesheya kolwandle e-Aramu; bheka, sebeseHasasoni Thamari eliyi-Eni Gedi.

AbAhluleli 7:25

Abamba izikhulu ezimbili zakwaMidiyani , o-Orebi noZebi , ambulala u - Orebi ngasedwaleni lika-Orebi, noZebi bambulala ngasesikhamweni sewayini sikaZebi, abaxosha abakwaMidiyani ; aletha ikhanda lika -Orebi nelikaZebi kuGideyoni phesheya kweJordani.

NgokukaJohane 10:40

Waphinda wamuka , waya phesheya kweJordani kuleyo ndawo lapho uJohane waqala ukubhapathiza khona, wahlala lapho.

NgokukaJohane 18:1

UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe , waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe.

NgokukaJohane 3:26

Base beza kuJohane , bathi kuye : Rabi, lowo owayenawe phesheya kweJordani, owamfakazelayo, bheka, uyabhapathiza, bonke beza kuye.

NgokukaJohane 6:1

Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya.

NgokukaJohane 6:25

Kwathi ukuba bamfumane phesheya kolwandle , bathi: Rabi, ufike nini lapha na?

NgokukaMarku 5:1

Base befika phesheya kolwandle ezweni lamaGerasa.

NgokukaMarku 6:45

Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini , bamandulele ukuya phesheya eBetsayida, yena aze amukise isixuku.

NgokukaMathewu 14:22

Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini , bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku.

NgokukaMathewu 16:5

Sebefike phesheya, abafundi bakhe babekhohliwe ukuphatha izinkwa.

NgokukaMathewu 19:1

Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi , wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani.

U-Ezra 4:10

nezinye izizwe ezathunjwa ngu -Osinaphari omkhulu nodumileyo , zahlaliswa emzini waseSamariya nakwelinye phesheya koMfula , nokuthi nokuthi.

U-Ezra 4:16

Siyazisa inkosi ukuthi uma lo muz i wakhiwa , ziqedwe izingange zawo , ngalokho awusayikuba nasiqephu phesheya koMfula.

U-Ezra 4:17

Inkosi yayisithuma incwadi kuRehumi unqamulajuqu noShimshayi umbhali nabanye abangane babo ababehlala eSamariya nakwelinye phesheya koMfula yokuthi: Ukuthula, nokuthi nokuthi.

U-Ezra 5:3

Ngasona leso sikhathi kwafika kubo uThathenayi, umbusi phesheya koMfula, noShethati Bozenayi , nabangane babo , basho kanje kubo , bathi: Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?

U-Ezra 6:6

Ngalokho, Thathenayi, mbusi phesheya koMfula , nawe Shethari Bozenayi nabangane benu ama -Afarisaki abangaph esheya koMfula , manibe kude nalapho;

U-Ezra 8:36

Banika imithetho yenkosi kothulasizwe benkosi nakubabusi phesheya koMfula; basekela abantu nendlu kaNkulunkulu.

UJoshuwa 13:27

nasesigodini: iBeti Haramu , neBeti Nimra , neSukoti, neSafoni, insali yombuso kaSihoni inkosi yaseHeshiboni , iJordani nogu lwalo , kuze kufike ekupheleni kolwandle lwaseKinereti phesheya kweJordani ngasempumalanga.

UJoshuwa 13:32

Lawo angamafa uMose awabela emathafeni akwaMowabi phesheya kweJordani, ngaseJeriko ngasempumalanga.

UJoshuwa 20:8

Phesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBeseri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi , neGolanu eBashani esizweni sakwaManase.

UJoshuwa 22:7

Inxenye yesizwe sakwaManase uMose wayeyabele izwe eBashani , kepha inxenye uJoshuwa way inika izwe phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga . Lapho uJoshuwa esebamukisa ukuba baye ematendeni abo, wababusisa, wakhuluma kubo, wathi:

UJoshuwa 24:14

Manje yesabani uJehova , nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso , nisuse onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo phesheya koMfula naseGibithe, nimkhonze uJehova.

UNehemiya 2:7

Futhi ngathi enkosini : Uma kukuh le enkosini , manginikwe izincwadi kubabusi phesheya koMfula , ukuze bavume ukuba ngidlule ngize ngifike kwaJuda,

UNehemiya 2:9

Ngase ngifika kubabusi phesheya koMfula , ngabanika izincwadi zenkosi . Inkosi yayithume nami izinduna zempi nabamahhashi.

UNehemiya 3:7

Eceleni kwabo kwalungisa uMelathiya waseGibeyoni , noJadoni waseMeronoti, amadoda aseGibeyoni naseMispa , phansi kwesihlalo sombusi phesheya koMfula.

UZefaniya 3:10

Kusukela phesheya kwemifula yaseKush e abanxusa kimi , indodakazi yabahlakazekileyo bami, bayakuletha umnikelo wami.