Skip to Content

"sakwamanase"

35 occurrences in ZUL

1 iziKronike 12:31

Kuyo in xenye yesizwe sakwaManase yizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, ezabizwa ngamagama ukuba zize zimbeke uDavide inkosi.

1 iziKronike 12:37

Ngaphesheya kweJordani kwabakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase, benezikhali zonke zempi zokulwa, yizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili.

1 iziKronike 27:20

kubantwana bakwa-Efrayimi nguHosheya indodana ka -Azaziya; enxenyeni yesizwe sakwaManase nguJoweli indodana kaPhedaya;

1 iziKronike 5:18

Amadodana kaRubeni , nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase , amadoda anamandla, amadoda aphatha ihawu nenkemba , ansala umnsalo , ayefunde ukulwa , ayeyizinkulungwane ezingamashumi amane nane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha aphuma impi.

1 iziKronike 5:23

Abantwana benxenye yesizwe sakwaManase bahlala kulelo zwe , kusukela eBashani kuze kube seBali Hermoni naseSeniri nasentabeni yaseHermoni.

1 iziKronike 5:26

UNkulunkulu ka -Israyeli wavusa umoya kaPhuli inkosi yase -Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase -Asiriya, wabathumba: abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase , wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGozani kuze kube namuhla.

1 iziKronike 6:62

namadodana kaGereshomu ngemindeni yawo esizweni sakwa -Isakare, nasesizweni sakwa -Asheri, nasesizweni sakwaNafetali , nasesizweni sakwaManase, eBashani, imizi eyishumi nantathu,

1 iziKronike 6:70

nasenxenyeni yesizwe sakwaManase i-Anere namadlelo alo , neBileyamu namadlelo alo, ibe ngeyomndeni oseleyo wamadodana kaKohati.

1 iziKronike 6:71

Amadodana kaGereshomu anikwa emndenini wenxenye yesizwe sakwaManase iGolanu, eBashani, namadlelo alo ne-Ashitaroti namadlelo alo;

2 iziKronike 34:9

Bafika kuHilikiya umpristi omkhulu , bayinikeza imali eyayilethwe endlini kaNkulunkulu iqoqwe ngamaLevi, abalindisango, esandleni sakwaManase no- Efrayimi, nakuyo yonke insali yakwa -Israyeli, nakuye wonke uJuda noBenjamini, nakwabakhileyo eJerusalema;

IsAmbulo 7:6

esizweni sakwa -Asheri abayizinkulungwane eziyishumi nambili , esizweni sakwaNafetali abayizinkulungwane eziyishumi nam bili, esizweni sakwaManase abayizinkulungwane eziyishumi nambili,

UDuteronomi 3:13

insali yakwaGileyadi, nalo lonke iBashani , umbuso ka-Ogi, nganika lokho inxenye yesizwe sakwaManase , sonke isifunda sase-Arigobi neBashani lonke elibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.

UJoshuwa 12:6

UMose inceku kaJehova na bantwana bakwa -Israyeli babebabulele ; uMose inceku kaJehova wabanika lona abakwaRubeni , nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.

UJoshuwa 13:29

UMose wanika inxenye yesizwe sakwaManase : kwaba ngokwenxenye yesizwe sabantwana bakwaManase ngemindeni yabo.

UJoshuwa 13:7

Ngalokho yahlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyag alolunye nelenxenye yesizwe sakwaManase.

UJoshuwa 17:1

Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase , ngokuba wayeyizibulo likaJosefa . UMakiri-ke, izibulo likaMa nase, uyise kaGileyadi , wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi.

UJoshuwa 18:7

Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu , lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo ; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.

UJoshuwa 1:12

UJoshuwa wakhuluma kwabakwaRubeni , nabakwaGadi, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase, wathi:

UJoshuwa 20:8

Phesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBeseri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi , neGolanu eBashani esizweni sakwaManase.

UJoshuwa 21:25

Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase : iThahanaki namadlelo alo , neGati Rimoni namadlelo alo, imizi mibili.

UJoshuwa 21:27

Abantwana bakwaGereshoni bemindeni yamaLevi babelwa kuyo inxenye yesizwe sakwaManase iGolanu eBashani namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neBeyeshitera namadlelo alo, imizi mibili.

UJoshuwa 21:6

Abantwana bakwaGereshoni babelwa emindenini yesizwe sa kwa-Isakare, nasesizweni sakwa -Asheri, nasesizweni sakwaNafetali , nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase eBashani imizi eyishumi nantathu.

UJoshuwa 22:1

UJoshuwa wababiza abakwaRubeni , nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase,

UJoshuwa 22:10

sebefike eziyingeni zamatshe ngaseJordani ezisezweni laseKhanani abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i -altare ngaseJordani , liyi-altare e likhulu ukubonakala kwalo.

UJoshuwa 22:11

Abantwana bakwa -Israyeli bezwa kuthiwa : Bhekani, abantwana bakwaRubeni nabantwana ba kwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakhile i -altare malungana nezwe laseKhanani eziyingeni zamatshe ngaseJordani ngaphesheya kwabantwana bakwa-Israyeli.

UJoshuwa 22:15

Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ez weni lakwaGileyadi , bakhuluma kubo , bathi:

UJoshuwa 22:21

Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase baphendula , bakhuluma kuzo izinhloko zemindeni yakwa - Israyeli, bathi:

UJoshuwa 22:7

Inxenye yesizwe sakwaManase uMose wayeyabele izwe eBashani , kepha inxenye uJoshuwa way inika izwe phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga . Lapho uJoshuwa esebamukisa ukuba baye ematendeni abo, wababusisa, wakhuluma kubo, wathi:

UJoshuwa 22:9

Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase babuya , bamuka kubantwana bakwa -Israyeli eShilo eliyizwe laseKhanani ukuba baye ezweni lakwaGileyadi, izwe lefa labo, ababelwa lona njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose;

UJoshuwa 4:12

Abantwana bakwaRubeni , nabantwana bakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase bawela behlomile phambi kwabantwana bakwa -Israyeli, njengalokho uMose ebekhulumile kubo;

UNumeri 13:11

Owesizwe sakwaJosefa, owesizwe sakwaManase: uGadi indodana kaSusi.

UNumeri 1:35

labo ababalwayo kubo , abesizwe sakwaManase , babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.

UNumeri 2:20

Eceleni kwakhe kuyakuba khona isizwe sakwaManase; isikhulu sabantwana bakwaManase siyakuba nguGamaliyeli indodana kaPedasuri.

UNumeri 32:33

UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka -Ogi inkosi yaseBashani , izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke.

UNumeri 34:14

ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni njengezindlu z awoyise nesizwe sabantwana bakwaGadi njengezindlu zawoyise sezilitholile, nenxenye yesizwe sakwaManase isilitholile ifa layo;