Skip to Content

"sebefike"

10 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 10:10

Lapho sebefike khona entabeni , bheka, iviyo labaprofethi lahlangana naye ; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waprofetha phakathi kwabo.

2 AmaKhosi 3:24

Sebefike ekamu lika -Israyeli, abakwa-Israyeli basuka bashaya abakwaMowabi, baze babaleka ebusweni babo ; bangena ezweni labo bechitha abakwaMowabi.

2 AmaKhosi 6:20

Kwathi sebefike eSamariya , u-Elisha wathi : Jehova, vula amehlo alaba bantu ukuba babone . UJehova wavula amehlo abo , babona; bheka, base bephakathi kweSamariya.

2 AmaKhosi 6:4

Wayesehamba nabo. Sebefike eJordani bagawula imithi.

2 AmaKhosi 7:5

Basuka kuh welela, baya ekamu lama -Aramu; sebefike emaphethelweni ekamu lama-Aramu, bheka, kwakungekho muntu lapho.

2 AmaKhosi 7:8

Labo abanochoko sebefike emaphethe lweni ekamu , bangena kwelinye itende, badla, baphuza, basusa khona isiliva , negolide, nezingubo, baya bakuthukusa; babuya, bangena kwelinye itende , basusa nakhona , baya bakuthukusa.

AbAhluleli 20:10

sithathe abantu abayishumi ekhulwini kuzo zonke izizwe zakwa -Israyeli, nabayikhulu enkulungwaneni , nabayinkulungwane ezinkulungwaneni eziyishumi, ukuba balande ukudla kwabantu , nalapho sebefike eGibeya lakwaBenjamini benze ngokobuwula ababenzile kwa-Israyeli.

NgokukaMathewu 16:5

Sebefike phesheya, abafundi bakhe babekhohliwe ukuphatha izinkwa.

UGenesise 46:31

UJosefa wathi kubafowabo nakuyo indlu kayise : Ngizakukhuphuka, ngimtshele uFaro , ngithi kuye : Abafowethu nendlu kababa ababesezweni laseKhanani sebefike kimi.

UJoshuwa 22:10

sebefike eziyingeni zamatshe ngaseJordani ezisezweni laseKhanani abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i -altare ngaseJordani , liyi-altare e likhulu ukubonakala kwalo.