Skip to Content

"sengathi"

58 occurrences in ZUL

1 iziKronike 11:17

UDavide wanxanela , wathi: Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni.

1 iziKronike 4:10

UJabesi wabiza uNkulunkulu ka -Israyeli, wathi: Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami , isandla sakho sibe nami , ungivikele ebubini , ngingehlelwa ngubuhlungu . UNkulunkulu wamnika akucelayo.

1 kwabaseKorinte 4:8

Senize nasutha , senize naceba , senabusa ngaphandle kwethu ; yebo-ke sengathi ngabe niyabusa, ukuze nathi sibuse kanye nani.

1 kwabaseThesalonika 3:11

Sengathi uNkulunkulu noBaba wethu uqobo neNkosi yethu uJesu angayiqondisa indlela yethu yokuza kini,

2 AmaKhosi 5:3

Yathi enkosikazini yayo : Sengathi inkosi yami ingaba phambi komprofethi oseSamariya; khona ibiyakuphiliswa ochokweni lwayo.

2 kwabaseKorinte 11:1

Sengathi ningangibekezelela ebuwuleni obuyingcosana , yebo, ngibekezeleleni.

2 kwabaseThesalonika 2:2

ukuba ningasheshi ninyak aziswe engqondweni yenu , ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi , sengathi usuku lukaKristu selufikile.

2 uSamuweli 15:4

U-Abisalomu wathi futhi : Sengathi ngingenziwa umahluleli ezweni , kuze kimi wonke umuntu onecala nendaba, ngimenzele ukulunga.

2 uSamuweli 18:33

Yayisidabuka kakhulu inkosi , yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi : Hhawu, ndodana yami Abisalomu , ndodana yami, ndodana yami Abisalomu ! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!

2 uSamuweli 23:15

UDavide wanxanela , wathi: Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema ongasesangweni.

AbAhluleli 9:29

Sengathi laba bantu nga besesandleni sami ; bengiyakumsusa u-Abimeleki. Wathi ku-Abimeleki: Yandisa impi yakho, uphume.

AmaHubo 119:5

Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho.

AmaHubo 139:19

Sengathi ungabulala ababi , Nkulunkulu; ngalokho sukani kimi nina bantu begazi.

AmaHubo 14:7

Sengathi ukusindiswa kuka -Israyeli kungavela eSiyoni . Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabant u bakh e uJakobe uyakwethaba , u-Israyeli ajabule.

AmaHubo 50:21

Lokho ukwenzile , ngathula; ushaye sengathi nginjengawe ; ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.

AmaHubo 53:6

Sengathi kungavela u kusindiswa kuka -Israyeli eSiyoni. Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe , uJakobe ethabe , u- Israyeli ajabule.

AmaHubo 55:6

Besengithi: Sengathi ngingaba namaphiko njengejuba ; ngabe ngindizela ekudeni, ngihlale khona.

AmaHubo 58:7

Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe , mayibe sengathi iqundekile.

AmaHubo 74:5

Zaba sengathi abantu baphakamisa amazembe emithini eminyeneyo.

AmaHubo 81:13

Sengathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.

AmaHubo 81:8

Zwanini, bantu bami , ngizakufakaza kini ukuthi : O Israyeli , sengathi ungangilalela!

IsAmbulo 1:15

nezinyawo zakhe zifana nethusi elikhazimulayo sengathi zazishiswe esithandweni, nezwi lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi;

IsAmbulo 21:11

unenkazimulo kaNkulunkulu ; ukukhanya kwawo kwakunjengetshe elinenani elikhulu sengathi yitshe lejaspi elicwebezelayo,

IsAmbulo 3:15

Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi , kawushisi. Sengathi ngabe uyabanda noma ushise.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:1

Sengathi nga unjengomfoweth u owancela amabele kamame ! Uma bengikufumana phandle, bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.

IzAga 14:12

Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu , kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.

KumaHeberu 11:27

Ngokukholwa was hiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi ; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.

KwabaseFilipi 2:3

ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe ; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani,

KwabaseGalathiya 5:12

Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo. Imisebenzi yenyama nezithelo zikaMoya

NgokukaLuka 19:42

Wathi: Sengathi nga wa zi nawe ngalolu suku okokuthula . Kepha kalokhu kufihlakele emehlweni akho.

NgokukaLuka 24:28

Base besondela emzaneni ababeya kuwo yena washaya sengathi udlulela phambili.

U-Eksodusi 16:3

Abantwana bakw a-Israyeli bathi kubo : Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe , lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama , sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala. Abantu basuthiswa ngezigwaca nangemana*

U-Isaya 27:4

Ukufutheka akukho kimi ; sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva ! Bengiyakuwasukela ngokulwa, ngiwashise kanyekanye,

U-Isaya 48:18

Sengathi nga ulalele imiyalo yami ! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle;

U-Isaya 64:1

Sengathi ungadabula amazulu, wehle, zizamazame izintaba phambi kwakho

UDuteronomi 28:67

ekuseni uyakuthi : S engathi ngabe kukusihlwa , nakusihlwa uyakuthi : Sengathi ngabe kusekuseni, ngenxa yengebhe yenhliziyo yakho oyakuba nayo nagenxa yokubonwa ngamehlo akho oyakukubona.

UDuteronomi 32:29

Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo.

UDuteronomi 5:29

Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe , bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.

UGenesise 17:18

Wathi u-Abrahama kuNkulunkulu: Sengathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho.

UJeremiya 9:1

Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi , namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bam i imini nobusuku.

UJeremiya 9:2

Sengathi nga nginendawo yokulal a kwezihambi ehlan e ukuba ngishiye abantu bami , ngisuke kubo , ngokuba bangabaphingi bonke , umhlangano wabakhohlisi.

UJobe 11:5

Sengathi uNkulunkulu angakhuluma, akuvulele izindebe zakhe,

UJobe 13:5

Sengathi ningathula nokuthula, lokho kube ngukuhlakanipha kini.

UJobe 14:13

Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo , ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.

UJobe 19:23

Sengathi amazwi ami angalotshwa! Sengathi angabhalwa encwadini,

UJobe 23:3

Sengathi ngingazi ukuthi ngiyakumtholaphi, ngize ngifike endlini yakhe,

UJobe 29:2

Sengathi ng a nginjengasezinyangeni zakuqala , njengasemihleni uNkulunkulu angigcina ngayo,

UJobe 31:35

sengathi angaba khona ongizwayo nantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla -- ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!

UJobe 34:36

Sengathi uJobe angavivinywa kuze kube sekupheleni, ngokuba uphendula njengabantu ababi.

UJobe 6:2

Sengathi ukuncokolozwa kwam i ngabe kulinganiswe nokulinganiswa , inhlupheko yami ibekwe esilinganisweni kanyekanye.

UJobe 6:8

Sengathi isicelo sami singenziwa , uNkulunkulu angiphe lokhu engikubhekayo.

UJobe 6:9

Yebo, sengathi uNkulunkulu angangichoboza , athukulule isand la sakhe , anginqume.

UJoshuwa 7:7

UJoshuwa wathi: Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ubaweliseleni iJordani nakanye laba bantu ukuba usinikele esandleni sama -Amori, usibhubhise, na? Sengathi nga saneliswa ukuhlala ngaphesheya kweJordani!

UMalaki 1:10

Sengathi kungaba khona phakathi kwenu ongavala izicabha , ukuze ningabaseli ize e -altare lami ! Angithokozi ngani , usho uJehova Sebawoti , angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu.

UNumeri 11:29

UMose wathi kubo : Unomhawu ngenxa yami na ? Sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba ngabaprofethi , uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo.

UNumeri 14:2

Bonke abantwana bakwa -Israyeli bakhonona ngoMose nango -Aroni; yonke inhlangano yathi kubo: Sengathi nga safa ezweni laseGibithe , noma sengathi nga safa kuleli hlane.

UNumeri 20:3

Abantu balwa noMose , bakhuluma bathi : Sengathi ngabe safa ekufeni kwabafowethu phambi kukaJehova.

UNumeri 22:29

UBileyamu wathi embongolweni : Ngokuba ungiswabulele; sengathi ngabe kukhona inkemba esandleni sami, ngokuba ngabe sengikubulele.