Skip to Content

"senkosi"

72 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 1:20

Wena nkosi yami , nkosi, amehlo abo bonke abakwa -Israyeli akuwe ukuba ubatshele ukuthi ngubani ozakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami , inkosi, emva kwayo,

1 AmaKhosi 1:27

Le nto yenziwe yini yinkosi yami , inkosi, ungazazisanga izinceku zakho ukuthi ngubani oyakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo, na? Ukubekwa kukaSolomoni abe yinkosi

1 AmaKhosi 1:37

Njengalokho uJehova waba nenkosi yami , inkosi, makabe naye uSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide.

1 AmaKhosi 22:12

Bonke abaprofethi baprofetha kanje , bathi: Yenyukela eRamoti Gil eyadi, ube nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.

1 AmaKhosi 22:15

Esefikile enkosini , inkosi yathi kuye : Mikhaya, sihambe silwe neRamoti Gileyadi, noma siliyeke , na? Wathi kuyo: Yenyuka, ube nempumelelo ; uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.

1 AmaKhosi 22:3

Inkosi yakwa-Israyeli yathi ezincekwini zayo: Niyazi ukuthi iRamoti Gileyadi lingelethu na? Kepha siyathula, asilikhiphi esandleni senkosi yase-Aramu.

1 AmaKhosi 22:6

Inkosi yakwa -Israyeli yayisibutha abapr ofethi kungathi abantu abangamakhulu amane , yathi kubo : Ngihambe ngilwe neRamoti Gileyadi , noma ngiliyeke na ? Bathi: Yenyuka, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.

1 kwabaseKorinte 10:21

Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni ; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.

1 kwabaseKorinte 11:16

Kepha uma umuntu efuna ukuphika inkani, asinawo umkhuba onjalo thina, namabandla kaNkulunkulu kawanawo. Indlela yokuphatha isidlo seNkosi

1 kwabaseKorinte 11:20

Ngakho-ke nxa nibuthana ndawonye, akusikho ukudla isidlo seNkosi lokho;

1 kwabaseKorinte 11:27

Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa , aphuze lesi sitsha seNkosi ngokungafanele, unecala lomzimba negazi leNkosi.

1 uSamuweli 12:9

Kepha bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori , nasesandleni samaFilisti , nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo.

1 uSamuweli 23:20

Ngalokho yehla , nkosi, uma kuyisifiso senhliziyo yakho ukwehla , thina simkhaphele esandleni senkosi.

2 AmaKhosi 16:7

U-Ahazi wathuma izithunywa kuThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya ngokuthi: Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho : yenyuka, ungisindise esandleni senkosi yase -Aramu nasesandleni senkosi yakwa -Israyeli angivukelayo.

2 AmaKhosi 18:30

futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uJehova ngokuthi : UJehova uyakusophula nokusophula , nalo muzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.

2 AmaKhosi 18:33

Abanye onkulunkulu bezizwe bake bophula nokophula yini izwe lakubo esandleni senkosi yase-Asiriya na?

2 AmaKhosi 19:10

Niyakukhuluma kanje kuHezekiya inkosi yakwaJuda , nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.

2 AmaKhosi 20:6

Ngiyakwenezela ezinsukwini za kho iminyaka eyishumi nanhlanu , ngikophule wena nalo muzi esandleni senkosi yase -Asiriya; ngiyakuwuvikela lo muzi ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.

2 iziKronike 18:11

Bonke abaprofethi baprofetha kanje , bathi: Khuphukela eRamoti Gileyadi , ube nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.

2 iziKronike 18:5

Inkosi yakwa -Israyeli yayisibutha abaprofethi , amadoda angamakhulu amane, yathi kubo : Sihambe siye yini eRamoti Gileyadi ukulwa, noma ngiliyeke na ? Bathi: Khuphukani, ngokuba uNkulunkulu uyakul inikela esandleni senkosi.

2 iziKronike 24:21

Bamenzela ugobe , bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.

2 iziKronike 28:5

UJehova uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase - Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa , babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa -Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.

2 iziKronike 29:15

Babutha abafowabo , bazingcwelisa, bangena njengesiyalezo senkosi ngamazwi kaJehova ukuba bayihlambulule indlu kaJehova.

2 iziKronike 30:12

NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.

2 iziKronike 30:6

Zase zihamba izigijimi nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u -Israyeli noJuda ngesiyalezo senkosi sokuthi: Nina bantwana bakwa -Israyeli, buyelani kuJehova uNkulunkulu ka - Abrahama noka -Isaka noka -Israyeli ukuba abuyele kuyo insali yenu yabasindileyo esandleni samakhosi ase-Asiriya.

2 iziKronike 31:3

nesabelo senkosi emfuyweni yayo ukuba sibe ngeseminikelo yokushiswa , eseminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa , neseminikelo yokushiswa yamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga , neyemikhosi emisiweyo njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova.

2 iziKronike 32:11

UHezekiya akaniyengi yini ukuba aninikele, nife ngendlala nangokoma , ethi: U Jehova uNkulunkulu wethu uyakusophula esandleni senkosi yase - Asiriya, na?

2 iziKronike 35:10

Yayisilungiswa-ke inkonzo ; abapristi bema ezindaweni zabo namaLevi ngezigaba zawo njengesiyalezo senkosi.

2 iziKronike 35:16

Yayisilungiswa-ke inkonzo kaJehova ngalusuku lunye ukwe nza iphasika nokunikela ngeminikelo yokushiswa e -altare likaJehova njengesiyalezo senkosi uJosiya.

2 uSamuweli 14:26

Nxa ephucula ikhanda lakhe ngokuba wayelo khu eliphucula njalo ngasekupheleni komnyaka , lokhu izinwele zakhe zamsinda ; ngalokho waziphucula wazilinganisa izinwele zekhanda lakhe , zalingana namashekeli angamakhulu amabili ngesisindo senkosi.

2 uSamuweli 18:18

U-Abisalomu esekhona wayethathe insika , wazimisela yona esiGod ini seNkosi, ngokuba wathi : Anginandodana yokukhumbuzela igama lami . Wayiqamba insika ngegama lakhe; ithiwa isikhumbuzo sika -Abisalomu kuze kube namuhla.

AmaHubo 75:8

Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso ; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.

IzAga 14:35

Isisa senkosi sikuyo inceku enokuqonda , kepha intukuthelo yayo i yakuba kwehlazisayo.

IzEnzo 11:21

Isandla seNkosi sasinabo ; kwakholwa abaningi kakhulu , baphendukela eNkosini.

IzEnzo 13:11

Bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho manje . Uzakuba yimpumputhe , kube yisikhathi ungaliboni ilanga . Kwase kumfikela khona lapho ukufiphala nobumnyama, wahamba efuna abazakumhola ngesandla.

IzEnzo 13:12

Khona umbusi esebona okwenzekileyo wakholwa , emangaliswa ngesifundiso seNkosi. UPawulu ushumayela e-Antiyokiya lasePhisidiya

KwabaseGalathiya 6:14

Kepha kimi makungabikho nakanye ukuzibonga, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi nami kulo izwe.

NgokukaLuka 1:66

nabo bonke abazizwayo bazigcina ezinhliziyweni zabo , bethi: Kodwa lo mntwana uyakuba yini na? Isandla seNkosi sasinaye.

NgokukaLuka 24:3

Kuthe bengena, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu.

U-Esteri 1:12

Kepha inkosikazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinduna; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu , ulaka lwayo lwashisa phakathi kwayo.

U-Esteri 1:20

Lapho isimemezelo senkosi eyakusenza sesiyakuzwakala embusweni wayo wonke, ngokuba mkhulu bonke abafazi bayakuwahlonipha amadoda abo , amakhulu namancane.

U-Esteri 1:7

Baphuziswa ngezitsha zegolide , izitsha zahlukene , ezinye nezinye , iwayini lamakhosi eliningi njengokwesandla senkosi.

U-Esteri 3:3

Zase zithi izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi kuMoridekayi: Weqelani isiyalezo senkosi na?

U-Esteri 3:9

Uma kukuhle enkosini , makulotshwe ukuba sichithwe ; ngiyakukhokhela amatalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zabenza umsebenzi wenkosi, ayiswe esikhwameni senkosi.

U-Esteri 4:7

UMoridekayi wamtshela konke okumehleleyo nenani lemali uHamani ayethembisile ukulikhokhela esikhwameni senkosi ngabaJuda ukuba babhujiswe.

U-Ezra 10:3

Ngalokho masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu ukuba silahle bonke abesifazane nabazelwe yibo ngesiluleko senkosi nesabathuthumela ngomyalo kaNkulunkulu wethu; akwenziwe ngomthetho.

U-Ezra 7:28

wehlisela phezu kwami umusa phambi kwenkosi , nabeluleki bayo , naphambi kwezikhulu zonke zenkosi ezingamaqhawe . Mina ngaqiniswa ngokwesandla seNkosi uNkulunkulu wami esasiphezu kwami, ngabutha ku- Israyeli abayizinhloko ukuba bakhuphuke nami.

U-Isaya 19:4

Ngiyakubanikeza abaseGibith e esandleni senkosi elukhuni , nenkosi enamandla iyakubusa phezu kwabo, isho iNkosi uJehova Sebawoti.

U-Isaya 36:15

futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uJehova ngokuthi : U Jehova uyakusophula nokusophula , nalo muzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.

U-Isaya 36:18

Xwayani ukuba uHezekiya anganiyengi ngokuthi : UJehova uyakusophula. Abanye onkulunkulu bezizwe bake bophula nokophula yini izwe lakubo esandleni senkosi yase-Asiriya na?

U-Isaya 37:10

Niyakukhuluma kanje kuHezekiya, inkosi yakwaJuda, nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.

U-Isaya 38:6

Ngiyakophula wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya, ngiwuvikele lo muzi.

UDaniyeli 3:22

Ngalokho ngokuba isiya lezelo senkosi sasicindezele , nesithando somlilo sasishisa kakhulu , ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda abakhuphula oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego.

UDaniyeli 6:12

Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi , athi: Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunk ulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu , kuphela kuwe nkosi , uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na ? Inkosi yaphendula yathi : Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.

UDaniyeli 6:7

Bonke abongameli bombuso , nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi , kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi , uyakuphonswa emph andwini wezingonyama.

UGenesise 14:17

Emva kokubuya kwakhe ekunqobeni uKedorlawomere namakhosi anaye yaphuma inkosi yaseSodoma , yaya ukumhlangabeza esiGodini saseShave esiyisiGodi seNkosi.

UGenesise 44:33

Ngalokho inceku yakho ake ihlale esikhundleni somfana , ibe yisigqila senkosi, umfana akhuphuke nabafowabo.

UHezekeli 30:25

Yebo, ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele , izingalo zikaFaro ziwe , bazi ukuthi nginguJehova , lapho ngibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBabele; yona iyakuyelula phezu kwezwe laseGibithe.

UHezekeli 8:1

Kwathi ngomnyaka wesithupha ngenyanga yesithupha ngolwesihlanu lwenyanga lapho ngihlezi endlini yami , amalunga akwaJu da ehlezi ngaphambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela lapho phezu kwami.

UJeremiya 20:4

Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho ; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone ; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.

UJeremiya 21:10

Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi , kungabi kuhle, usho uJehova; uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.

UJeremiya 32:3

lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda ebemvalele khona ngokuthi : Uprofethelani uthi : U sho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwuthathe,

UJeremiya 32:36

Ngalokho manje usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli ngalo muzi enithi ngawo : U nikelwe esandleni senkosi yaseBabele ngenkemba , nangendlala, nangesifo, uthi:

UJeremiya 32:4

uSedekiya inkosi yakwaJuda angaphunyuki esandleni samaKaledi , kepha anikelwe nokunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, akhulume nayo umlomo nomlomo, amehlo akhe awabone amehlo ayo,

UJeremiya 34:2

Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kuSedekiya inkosi yakwaJuda , uthi kuye : U sho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.

UJeremiya 37:17

uSedekiya inkosi wathumela wamlanda ; inkosi yambuza ngasese endlini yayo, yathi: Kukhona izwi elivela kuJehova na ? UJeremiya wathi: Likhona. Wathi futhi: Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele.

UJeremiya 38:23

Bayakukhiphela amaKaledi bonke abafazi bakho nabantwana bakho ; awuyikuphunyuka esandleni sabo , kepha uyakubanjwa ngesandla senkosi yaseBabele, wenze ukuba lo muzi ushiswe ngomlilo.

UJoshuwa 3:11

Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uwela iJordani phambi kwenu.

UNehemiya 11:24

UPhethahiya, indodana kaMeshezabeli, wabantwana bakwaZera, indodana kaJuda, wayengasesandleni senkosi ezindabeni zonke zabantu.

UNumeri 23:21

Akabonanga ingozi kuJakobe , akabukanga nankathazo kwa -Israyeli. UJehova uNkulunkulu wakhe unaye, nesenanelo senkosi siphakathi kwabo.

UZakariya 11:6

Ngokuba angisayikubahawukela abakhileyo ezweni , usho uJehova , kepha bheka, ngiyakunikela abantu, kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe nasesandleni senkosi yakhe ; bona bayakushaya izwe labo , kepha angiyikubophula esandleni sabo.

UZakariya 14:10

Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lakuqala , kuze kube seSangweni Lasegumbini , kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini senkosi.