Skip to Content

"senzile"

9 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:47

kepha bese becabanga ezweni lapho bethunjelwe khona , baphenduke, banxuse kuwe ezweni lababathumbayo ngokuthi : S onile, senzile ngokuphambeneyo, saziphatha kabi;

2 iziKronike 6:37

kepha bese becabanga ezweni lapho bethunjelwe khona , baphenduke, banxuse kuwe ezweni lababathumbayo ngokuthi: S onile, senzile ngokuphambeneyo, saziphatha kabi;

AmaHubo 106:6

Sonile kanye nawobaba; senzile okubi, sonakala.

U-Isaya 28:15

Ngokuba nithe : Senzile isivumelwano nokufa , sivumelene nendawo yabafileyo; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula , asiyikusehlela thina, ngokuba senzile amanga abe yisiphephelo sethu , sicashile phansi kwenkohliso.

UDaniyeli 9:15

Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.

UDaniyeli 9:5

sonile, siziphathe kabi , senzile okubi , sihlubukile, sachezuka emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho;

UJeremiya 44:17

Kepha siyakwenza nokwenza onke amazwi aphumile emilonyeni yethu , sishisele inkosikazi yezulu impepho , siyithululele iminikelo yokuphuzwa , njengalokho senzile , thina nawobaba , namakhosi ethu , nezikhulu zethu emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, ngokuba sasisuthi isinkwa, sahlala kahle, asabona okubi.

UJoshuwa 22:24

Qha, impela senzile lokho ngokunakekela nangesizathu, sathi: Ngesikhathi esizayo abantwana benu bangakhuluma kubantwana bethu ngokuthi : Ninamsebenzi muni noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli na?

UNehemiya 1:7

Senzile kabi kakhulu kuwe , asigcinanga imiyalo , nezimiso, nezahlulelo owayala ngakho inceku yakho uMose.