Skip to Content

"sezitha"

28 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 12:10

Bakhala kuJehova , bathi: S onile, ngokuba simshiyile uJehova , sakhonza oBali no -Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu , siyakukukhonza.

1 uSamuweli 12:11

UJehova wayesethuma oJerubali , noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.

1 uSamuweli 20:16

UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide ; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide.

1 uSamuweli 4:3

Kwathi abantu bengena ekamu , amalunga akwa -Israyeli athi : UJehova usibulaleleni phambi kwamaFilisti na ? Masithathe umphongolo wesivumelwano sikaJehova eShilo , siwulethe kithi , ufike phakathi kwethu , usisindise esandleni sezitha zethu.

2 AmaKhosi 21:14

Ngiyakushiya insali yefa lami , ngiyinikele esandleni sezitha zayo , ibe yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo;

2 iziKronike 25:20

Kepha u-Amasiya akalalelanga , ngokuba kwavela kuNkulunkulu ukuba abanikele esandleni sezitha zabo , ngokuba babefunile onkulunkulu bakwa - Edomi.

2 uSamuweli 19:9

Bonke abantu babephikisana ezizweni zonke zakwa -Israyeli, bethi: Inkosi yasophula esandleni sezitha zethu , yasikhulula esandleni samaFilisti ; manje isibalekile ezweni, imbalekele u-Abisalomu.

2 uSamuweli 22:1

UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,

AbAhluleli 10:5

UJayire wafa, wembelwa eKhamoni. Abakwa-Israyeli babuyela esandleni sezitha zabo

AbAhluleli 2:14

Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa -Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga , wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo.

AbAhluleli 2:18

Lapho uJehova ebavusela abahluleli , uJehova wayenaye umahluleli , wabasindisa esandleni sezitha zabo izinsuku zonke zomahluleli , ngokuba uJehova waba nesihe ngokubulawa kwabo ngenxa yababacindezelayo nababakhathazayo.

AbAhluleli 8:34

Abantwana bakwa -Israyeli babengakhumbuli uJehova uNkulunkulu wab o owabophula esandleni sezitha zonke zabo nxazonke.

AmaHubo 31:15

Izikhathi zami zisesandleni sakho ; ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.

IsiLilo 1:7

IJerusalema liyakhumbula ezinsukwin i zokuhlupheka kwalo nezinsizi zal o konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo ; lapho abantu balo bewela esandleni sezitha , kungekho olisizayo , abamelene nalo balibona , bahleka ukuchithwa kwalo.

NgokukaLuka 1:74

ukusinika ukuba sithi sikhululiwe esandleni sezitha zethu , siyikhonze singenakwesaba

U-Eksodusi 23:22

Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo , ukwenze konke engikukhulumayo, ngiyakuba yisitha sezitha zakho, ngiphambane nabaphambana nawe.

U-Isaya 29:5

Kodwa isixuku sezitha zakho siyakuba njengebhuqu elicolekileyo, noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo , yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso.

UGenesise 49:8

Juda, abafowenu bazakukudumisa wena ; isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho; amadodana kayihlo ayakukukhothamela.

UHezekeli 39:23

Izizwe ziyakwazi ukuthi indlu yakwa -Israyeli yathunjwa ngenxa yobubi bayo, ngokuba baphambuka kimi, ngasitheza ubuso bami kubo ; ngabanikela esandleni sezitha zabo, bawa bonke ngenkemba.

UJeremiya 12:7

Ngiyishiyile indlu yami , ngililahlile ifa lami , nginikele othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.

UJeremiya 20:5

Futhi ngiyakunikela yonke imfuyo yalo muzi , nayo yonke imisebenzi yawo, nakho konke kwawo okuyigugu , yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBabele.

UJeremiya 21:7

Ngasemuva, usho uJehova , ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda , nezinceku zakhe , nabantu abasele kulo muzi esifweni , nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele , nasesandleni sezitha zabo , nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo , abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.

UJeremiya 34:20

yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo , izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.

UJeremiya 34:21

USedekiya, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakhe, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo , nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo , nasesandleni sempi yenkosi yaseBabele, asebenyukile kini.

UJeremiya 44:30

Usho kanje uJehova , uthi: Bhekani, ngiyakunikela uFaro uHofira inkosi yaseGibithe esandleni sezitha zakhe nasesandleni sabafuna ukuphila kwakhe, njengalokho nganikela uSedekiya inkosi y akwaJuda esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele , isitha sakhe esasifuna ukuphila kwakhe.

UMika 4:10

Yiba nemihelo , uzale, ndodakazi yase Siyoni njengobelethayo , ngokuba manje uyakuphuma emzini , uhlale endle , ufike naseBabele , lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.

UNehemiya 9:27

Wawusubanikela esandleni sezitha zabo ezabahlupha ; ngesikhathi sokuhlupheka kwabo sebekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, nangomusa wakho omkhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.

UNehemiya 9:28

Kepha sebephumulile , babuye benza okubi ebusweni bakho ; wawusubashiya esandleni sezitha zabo , zaze zabusa phezu kwabo ; kodwa lapho bebuye bekhala kuwe , wena wabezwa usezulwini , wabophula kaningi ngomusa wakho omkhulu,