Skip to Content

"sidle"

15 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 6:28

Yayisithi inkosi kuye : Unani na? Wathi: Lo wesifazane wathi kimi : Letha indodana yakho ukuba siyidle namuhla, sidle indodana yami kusasa.

2 iziKronike 7:13

Uma ngivala izulu ukuba kungabikho mvula , noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami,

KwabaseRoma 12:20

Kepha: Uma isitha sakho silambile , siphe sidle ; uma somile , siphuzise, ngokuba ngokwenza lo kho uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.

NgokukaLuka 15:23

nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule;

NgokukaLuka 22:8

Wathuma oPetru noJohane , wathi: Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.

NgokukaMathewu 21:38

Kepha kwathi abalimi bebona indodana , bakhuluma bodwa , bathi: Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.

U-Eksodusi 10:12

UJehova wayesethi kuMose : Yelula isandla sakho phezu kwezwe laseGibithe, kufike isikhonyane ukuba senyukele ezweni laseGibithe, sidle imifino yonke, konke okwashiywa yisichotho.

U-Eksodusi 10:5

Siyakusibekela ubuso bomhlaba , ukuze kungabe kusabonwa mhlabathi ; siyakudla okuseleyo okusindile, enikushiyelwe yisichotho, sidle yonke imithi enimilelayo endle.

UHezekeli 35:10

Ngokuba wathi : Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, sidle ifa lakho, noma uJehova ebelapho,

UHezekeli 44:3

Kepha isikhulu , siyisikhulu, siyakuhlala kulo , sidle phambi kukaJehova ; siyakungena ngendlela yompheme wesango, siphume ngendlela yawo futhi.

UNehemiya 5:2

Ngokuba babekhona abathi : Thina namadodana ethu namadodakazi ethu sibaningi; masithole amabele ukuba sidle, siphile.

UNumeri 11:13

Ngingathathaphi inyama ukubanika bonke laba bantu na? Ngokuba bakhala kimi, bathi: Siphe inyama ukuba sidle.

UNumeri 11:18

Yisho kubantu ukuthi : Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi : Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle , ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe , ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle.

UNumeri 11:4

Ingxubevange eyayiphakathi kwabo yaqala ukufisa nokufisa ; nabantwana bakwa-Israyeli babuye bakhala , bathi: Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?

UmShumayeli 4:5

Isiwula siyasonga izandla zaso, sidle umzimba waso.