Skip to Content

"sikhuphukele"

5 occurrences in ZUL

AbAhluleli 15:10

Abantu bakwaJuda bathi : Nisikhuphukeleleni na ? Bathi: Sikhuphukele ukuba simbophe uSamsoni, senze kuye njengalokho enze kithina.

U-Isaya 2:3

Abantu abaningi bayakuhamba , bathi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe ; uyakusifundisa izindlela zakhe , sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.

UGenesise 35:3

sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i -altare, yena owangiphendula ngosuk u lokuhlupheka kwami , waba nami endleleni engangiyihamba.

UJeremiya 31:6

Ngokuba kuyakuba khona usuk u abayakumemeza ngalo abalind i entabeni yakwa-Efrayimi ukuthi: Sukani, sikhuphukele eSiyoni kuJehova uNkulunkulu wethu.

UMika 4:2

Izizwe eziningi ziyakuhamba , zithi: Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni , nezwi likaJehova eJerusalema.