Skip to Content

"siyazi"

37 occurrences in ZUL

1 kaJohane 2:18

Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina , njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza , nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi ; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.

1 kaJohane 2:3

Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.

1 kaJohane 2:5

kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye;

1 kaJohane 3:14

Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni , sangena ekuphileni , ngokuba sithanda abazalwane; ongathandiyo uhlezi ekufeni.

1 kaJohane 3:19

Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso ; sizakuyithulisa inhliziyo yethu phambi kwakhe

1 kaJohane 3:2

Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu , kepha akukabonakali esiyakuba yikho . Siyazi ukuthi , nxa ebonakaliswa , siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.

1 kaJohane 3:24

Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye , naye uqobo uhlala kuye ; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.

1 kaJohane 4:13

Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye , naye kithi , ngokuba usiphile okukaMoya wakhe.

1 kaJohane 5:15

Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani , siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.

1 kaJohane 5:18

Siyazi ukuthi yilowo n alowo ozelwe nguNkulunkulu akoni , ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti.

1 kaJohane 5:19

Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi izwe lonke limi ebubini.

1 kaJohane 5:2

Ngalokho siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu , nxa sithanda uNkulunkulu, senza imiyalo yakhe.

1 kuThimothewu 1:8

Siyazi kambe ukuthi umthetho muhle , nxa umuntu ewusebenzisa ngokomthetho,

1 kwabaseKorinte 8:1

Maqondana nokuhlatshe lwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinokwazi . Ukwazi kuyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.

1 kwabaseKorinte 8:4

Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlats helwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu , munye kuphela.

2 kwabaseKorinte 5:1

Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa , sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu , indlu engenziwanga n gezandla, eyaphakade, esezulwini.

IzEnzo 28:22

Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo , ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.

KwabaseRoma 2:2

Siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu ngokweqiniso kubehlela abenza okunjalo.

KwabaseRoma 3:19

Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe , izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,

KwabaseRoma 7:14

Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya ; kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono.

KwabaseRoma 8:22

Ngokuba siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube manje;

KwabaseRoma 8:28

Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.

NgokukaJohane 14:5

UTomase wathi kuye : Nkosi, asazi lapho uya khona ; siyazi kanjani indlela na?

NgokukaJohane 16:30

Kalokhu siyazi ukuthi waz i konke , awudingi ukuba umuntu akubuze ; ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu.

NgokukaJohane 21:24

Nguye lo mfundi ofakaza ngalezi zinto nokulobile lokhu ; siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buqinisile.

NgokukaJohane 3:2

Lowo-ke weza kuye ebusuku, wathi kuye: Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu , ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo , uma uNkulunkulu engenaye.

NgokukaJohane 4:42

Base bethi kowesifazane : Asisakholwa ngokulanda kwakho nje , ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi lo ngempela unguMsindisi wezwe.

NgokukaJohane 6:69

Siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.

NgokukaJohane 9:20

Abazali bakhe base bephendula bethi : Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe;

NgokukaJohane 9:24

Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe , bathi kuye : Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.

NgokukaJohane 9:29

Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose , kodwa lo asimazi lapha evela khona.

NgokukaJohane 9:31

Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni , kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo.

NgokukaLuka 20:21

Bambuza-ke bathi : Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma , ufundisa ngokuqondileyo, awukhethi buso bamuntu , kepha ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuqinisileyo.

NgokukaMarku 12:14

Beza bathi kuye : Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu , kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso . Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha ? Sithele nokuba singatheli na?

NgokukaMathewu 22:16

Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode , bathi: Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile , ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso ; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.

UJeremiya 14:20

Jehova, siyazi ububi bethu nokona kwawobaba, ngokuba sonile kuwe.

UJoshuwa 22:31

UFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi wathi kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaManase : Namuhla siyazi ukuthi uJehova uphakathi kwethu , ngokuba anenzanga lesi siphambeko kuJehova; manje senophulile abantwana bakwa -Israyeli esandleni sikaJehova.