Skip to Content

"siyini"

11 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 20:1

UDavide wabaleka eNayoti eRama , weza, wathi phambi kukaJonathani : Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?

AmaHubo 39:4

Jehova, ngazise ukuphela kwami , nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini; mangazi ukuthi ngingodlulayo.

IzEnzo 17:19

Base bemthatha, bamyisa e-Areyophagu, bethi: Ungesazise ukuthi siyini lesi sifundiso esisha esikhulunywa nguwe na?

U-Eksodusi 16:7

Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova , lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?

U-Eksodusi 16:8

UMose wathi : Lokhu kuzakwenzeka , lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle , nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe ; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ng azo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.

U-Esteri 5:6

Inkosi yathi ku -Esteri ngasedilini lewayini : Isicelo sakho siyini na ? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na ? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.

U-Esteri 7:2

Inkosi yabuye yathi ku -Esteri ngosuku lwesibili lwedili lewayini : Isicelo sakho siyini , nkosikazi Esteri , na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na ? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.

U-Esteri 9:12

Inkosi yayisithi ku -Esteri inkosikazi : AbaJuda babulele bac hitha abantu abangamakhulu ayisihlanu eShushani endlini yenkosi namadodana ayishumi kaHamani; pho, benzeni kwezinye izifunda zenkosi ? Isicelo sakho siyini ? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa.

UHezekeli 12:22

Ndodana yomuntu, siyini leso saga eninaso ezweni lakwa -Israyeli sokuthi: Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile, na?

UJobe 31:2

Ngokuba siyini isabelo ebesiyakuvel a kuNkulunkulu phezulu , nefa likaSomandla ebeliyakuvela ekuphakameni, na?

UMika 1:5

Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobe nangezono zendlu yakwa- Israyeli. Siyini isiphambeko sikaJakobe ? Asiyilo iSamariya na ? Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda? Aziyilo iJerusalema na?