Skip to Content

"siyoni"

8 occurrences in ZUL

AmaHubo 146:10

UJehova uyabusa kuze kube phakade , uNkulunkulu wakho , Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Haleluya!

AmaHubo 147:12

Jerusalema, mbabaze uJehova; Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho.

U-Isaya 40:9

Khuphukela entabeni ende , wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho , wena Jerusalema obika okujabulisayo , uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi : Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.

U-Isaya 41:27

Ngingowokuqala othi kulo i Siyoni: Bheka, babheke, nginike iJerusalema umbiki wendaba ethokozisayo.

U-Isaya 52:1

Vuka, vuka, wembathe amandla akho , Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwe le, ngokuba akusayikungena kuw e ongasokile nongcolileyo.

UMika 4:10

Yiba nemihelo , uzale, ndodakazi yase Siyoni njengobelethayo , ngokuba manje uyakuphuma emzini , uhlale endle , ufike naseBabele , lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.

UZakariya 9:13

Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo , ngibeka u -Efrayimi kuwo , ngivusela amadodana akho , Siyoni, kumadodana akho , Javani, ngikwenze inkemba yeqhawe.

UZefaniya 3:16

Ngalolo suku kuyakuthiwa kulo iJerusalema : Ungesabi, Siyoni! Izandla zakho mazingadangali.