Skip to Content

"sokulunga"

9 occurrences in ZUL

EkaJakobe 3:18

Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuth ula kubo abakwenzayo ukuthula.

IzEnzo 13:10

wathi: O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?

KumaHeberu 12:11

Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo , kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho. Qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo

Kwabase-Efesu 6:14

Ngakho yimani izinkalo z enu ziboshiwe ngeqiniso , nifakile isivikelo sesifuba sokulunga,

KwabaseRoma 1:32

abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi a benza okunjalo bafanele ukufa , abenzi lokho kuphela , kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.

KwabaseRoma 5:17

Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, ikakhulu abamukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo emunye, uJesu Kristu.

KwabaseRoma 5:18

Ngalokho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke , kanjalo ngasenzo sinye sokulunga kwaba khona ukulungisiswa kukho ukuphila kubantu bonke;

U-Isaya 41:10

ungesabi, ngokuba mina nginawe ; ungapheli amandla , ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho ; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza , yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.

U-Isaya 61:10

Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova , umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami , ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso , wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.