Skip to Content

"sondela"

9 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 22:18

Inkosi yathi kuDowegi : Sondela wena , usukele abapristi . UDowegi wabakwa-Edomi wasondela , wabasukela abapristi , wabulala ngalolo suku abantu abangamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu , abembethe ingubo yamahlombe yelineni.

2 uSamuweli 1:15

UDavide wayesebiza enye yezinsizwa, wathi: Sondela, umsukele. Yamshaya waze wafa.

2 uSamuweli 20:16

Kwase kumemeza owesifazane ohlakaniphileyo esemzini , wathi: Zwanini! Zwanini! Ake nithi kuJowabe: Sondela lapho ukuba ngikhulume nawe.

AmaHubo 69:18

Sondela kuwo umphefumulo wami , uwuhlenge, ngikhulule ngenxa yezitha zami.

IzEnzo 8:29

UMoya wathi kuFiliphu: Sondela, unamathele kuleyo nqola.

NgokukaLuka 17:7

Ngumuphi kini onenceku elimayo nokuba eyalusayo, athi kuyo ibuya endle: Sondela masinyane, uhlale phansi, udle ?

UDuteronomi 5:27

Sondela wena, uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma, usitshele konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukh uluma kuwe , sikuzwe, sikwenze.

ULevitikusi 9:7

UMose wathi ku-Aroni: Sondela e-altare, unikele ngomnikelo wakho wesono nangomnikelo wakho wokushiswa , uzenzele wena nabantu ukubuyisana, andukuba unikele ngomnikelo wabantu , ubenzele ukubuyisana, njengalokho uJehova eyalile.

UNumeri 18:2

Nabafowenu, isizwe sakwaLevi , isizwe sikayihlo , sondela nabo ukuba bahlanganiswe nawe , bakukhonze; kepha wena namadodana akho kanye nawe niyakuba ngaphambi kwetende lobufakazi.