Skip to Content

"sondelani"

11 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:30

U-Eliya wayesethi kubantu bonke: Sondelani kimi. Bonke abantu basondela kuye. Wayeselungisa i-altare likaJehova elalidiliziwe.

1 kaPetru 2:4

Sondelani kuyo , iyitshe eliphilileyo , elinqatshwe ngabantu , kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu,

1 uSamuweli 14:38

USawule wathi: Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nazi, nibone ukuthi bekuyisiphi lesi sono sanamuhla.

1 uSamuweli 22:17

Inkosi yathi kuzo izigijimi ezazimi ngakuyo : Sondelani, nibulale abapristi bakaJehova, ngokuba nesandla sabo sinaye uDavide nangokuba bazi ukuthi uDavide wabaleka , bengakwambulelanga kimi . Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo ukuba zisukele abapristi bakaJehova.

2 iziKronike 29:31

Wayesethatha uHe zekiya, wathi: Senizahlukanisele uJehova ; sondelani, nilethe imihlatshelo neminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ibandla laletha imihlatshelo neminikelo yokubonga , nabo bonke abaqhutshwa yinhliziyo evumayo baletha iminikelo yokushiswa.

EkaJakobe 4:8

sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.

U-Isaya 34:1

Sondelani nina zizwe , nizwe, nilalele nina bantu : makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo, nezwe nakho konke okuvela kulo.

U-Isaya 48:16

Sondelani kimi , nizwe lokhu ; angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni; kusukela esikhathini sokuba kwenzeke , ngangikhona. Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.

UJoshuwa 10:24

Kwathi lapho bekhiphela kuJoshuwa lawo makhosi, uJoshuwa wabiza onke amadoda akwa-Israyeli, wathi ezinduneni zamadoda empi ezazihamba naye : Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi . Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo.

UJoshuwa 3:9

UJoshuwa wathi kubantwana bakwa -Israyeli: Sondelani lapha , nizwe amazwi kaJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 10:4

UMose wabiza oMishayeli no-Elisafani amadodana ka-Uziyeli, uyisekazi ka- Aroni, wathi kubo : Sondelani, nibasuse abafowenu ngaphambi kwendlu engcwele, nibakhiphele ngaphandle kwekamu.