Skip to Content

"ubisi"

32 occurrences in ZUL

1 kaPetru 2:2

njengezingane ezisand ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa,

1 kwabaseKorinte 3:2

Nganiphuzisa ubisi, anganipha ukudla okuqinileyo, ngokuba beningakaqini. Yebo, nakalokhu anikaqini,

1 kwabaseKorinte 9:7

Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na ? Ngubani otshala isivini , angazidli izithelo zaso , na? Ngubani owalusa umhlambi , angadli ubisi lomhlambi, na?

AbAhluleli 5:25

Wacela amanzi , wamupha ubisi , wamlethela amangqanga ngesitsha samakhosi.

IzAga 27:27

Kuyakuba khona ubisi lwezimbuz i olwanele ukudla kwakho nokudla kwendlu yakho, nokuphila kwamantombazana akho.

IzAga 30:33

Ngokuba ukuphehla ubisi kuveza iphehlwa , nokucindezelwa kwempumulo kuveza igazi; kanjalo ukucindezela ulaka kuveza ukuxabana.

KumaHeberu 5:12

Ngokuba noma benifanele ukuba nibe ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo.

KumaHeberu 5:13

Ngokuba lowo odla ubisi akakaqondi lutho lwezwi lokulunga , ngokuba uyingane.

U-Eksodusi 13:5

Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani , nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga.

U-Eksodusi 33:3

uye ez weni elichichima ubisi nezinyosi . Angiyikukhuphuka ngiphakathi kwenu, lokhu ningabantu abantamo ilukhuni, funa nginiqede endleleni.

U-Eksodusi 3:17

Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.

U-Eksodusi 3:8

ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe , ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi , izwe elichichima ubisi nezinyosi , indawo yamaKhanani , neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.

U-Isaya 60:16

Uyakuncela ubisi lwezizwe , uncele namabele amakhosi ; uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho , noMhlengi wakho , uMninimandla kaJakobe.

UDuteronomi 11:9

nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona nenzalo yabo, izwe elivame ubisi nezinyosi.

UDuteronomi 26:15

Bheka phansi usezindlini zakho ezingcwele ezulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli nomhlaba osinike wona njengokufunga kwakho kobaba , izwe elivame ubisi nezinyosi.

UDuteronomi 26:9

wasiletha kule ndawo, wasinika leli zwe, izwe elivame ubisi nezinyosi.

UDuteronomi 27:3

ulobe kuwo amazwi onke alo mthetho , nxa usuwelile ukuba ungene ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona , izwe elivame ubisi nezinyosi njengokukwethembisa kukaJehova uNkulunkulu wawoyihlo.

UDuteronomi 31:20

Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engalifungela o yise, elivame ubisi nezinyosi, badle, basuthe, bakhuluphale, bayakuphendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangidelele, basaphule isivumelwano sami.

UDuteronomi 6:3

Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza ukub a kube kuhle kuwe , nande ngamandla, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wakuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.

UGenesise 49:12

Amehlo akhe ayaklwela iwayini, amazinyo akhe amhlophe ubisi.

UHezekeli 20:15

Yebo, ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngingabangenisi ezweni engangibanike lona , lichichima ubisi nezinyosi , elihle kunawo onke amazwe,

UHezekeli 20:6

Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona , lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe.

UHezekeli 25:4

bheka, ngalokho ngiyakukunikela kwabasempumalanga , ube yifa labo , bamise amakamu abo phakathi kwakho , babeke amakhaya ab o kuwe, badle isithelo sakho, baphuze ubisi lwakho.

UJeremiya 11:5

ukuba ngisiqinise isifungo engasifunga koyihlo ukubanika izwe elichichima ubisi nezinyosi -- njenganamuhla. Ngase ngiphendula ngithi: Amen, Jehova.

UJeremiya 32:22

wabanika leli zwe , njengalokho afunga koyise ukubani ka lona , izwe elichichima ubisi nezinyosi;

UJoshuwa 5:6

Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane , saze saphela isizwe sonke , yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova , afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona , izwe elivame ubisi nezinyosi.

UJoweli 3:18

Kuyakuthi ngalolo suk u izintaba ziconse iwayini elimnandi , amagquma agobhoze ubisi , yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi ; kuyakuvela umthombo endlini kaJehova oyakunisela isigodi saseShithimi.

ULevitikusi 20:24

Kepha ngishilo kini ukuthi : Niyakulidla ifa lezwe labo , ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi , nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.

UNumeri 13:27

Bamtshela bathi: Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.

UNumeri 14:8

Uma uJehova esithanda , uyakusingenisa kulelo zwe , asinike lona , izwe elivame ubisi nezinyosi.

UNumeri 16:13

kuyinto encane yini ukuthi wasikhuphula ezweni elivame ubisi nezinyosi ukuba usibulale ehlane; usuyazenza nesikhulu phezu kwethu na?

UNumeri 16:14

Futhi awusingenisanga ezweni elivame ubisi nezinyosi , awusinikanga ifa lamasimu nelezivini ; uyakubhoboza amehlo ala ba bantu na ? Asiyikukhuphuka.