Skip to Content

"ubone"

46 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:22

Umprofethi wasondela enkosini yakwa -Israyeli, wathi kuyo : Hamba uziqinise, uqaphele, ubone oyakukwenza, ngokuba emva komnyaka inkosi yama-Aramu iyakwenyuka ukulwa nawe.

1 uSamuweli 24:11

Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga , yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami , angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe.

1 uSamuweli 25:17

Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke , lokhu engumuntu omubi kangaka , ukuze umuntu angekhulume naye.

2 AmaKhosi 10:16

Wayesethi: Hamba nami , ubone ukushisekela kwami uJehova . Base bemkhwelisa enqoleni yakhe.

2 AmaKhosi 19:16

Beka, Jehova, indlebe yakho , uzwe; vula amehlo akho , Jehova, ubone, uzwe amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.

2 AmaKhosi 6:13

Yayisithi: Hamba ubone ukuthi uphi ukuba ngithumele ngimlande . Watshelwa ukuthi: Bheka, useDothani.

2 uSamuweli 24:13

UGadi wayesefika kuDavide , wamtshela, wathi kuye : Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na ? Manje cabanga , ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.

AbAhluleli 16:5

Amakhosi amaFilisti enyukela kuye , athi kuye : Myenge, ubone ukuthi amandla akhe amakhulu aphi nokuthi singamahlula ngani ukuba simbophe , simnqobe; siyakukunika, kube yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva.

AmaHubo 139:24

ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade.

AmaHubo 142:4

Bheka ngakwesokunene sami , ubone ukuthi akakho onginakekelayo ; isiphephelo singiphuthele, akakho okhathalela umphefumulo wami.

AmaHubo 59:4

Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone.

AmaHubo 80:14

Nkulunkulu Sebawoti, mawubuye; bheka usezulwini, ubone, unakekele lo mvini,

AmaHubo 91:8

Uyakubuka nje ngamehlo akho, ubone ukuphindiselwa kwababi,

IsAmbulo 3:18

ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elihlanzwe ngomlilo uku ze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobuze bakho nomuthi wamehlo wokugcoba amehlo akho ukuba ubone.

IsiLilo 2:20

Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani . Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo , izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?

IsiLilo 5:1

Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho; bheka, ubone ihlazo lethu.

IzAga 6:6

Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe,

IzEnzo 22:13

weza kimi, wema, wathi kimi: Sawulu, mzalwane, buye ubone. Mina ngase ngimbona ngaso leso sikhathi.

IzEnzo 9:17

Khona wahamba u -Ananiya, wangena endlini , wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: Sawulu umzalwane , iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo , ingithumile ukuba ubuye ubone , ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.

NgokukaJohane 11:34

wathi: Nimbekephi na? Bathi kuye: Nkosi, woza ubone.

NgokukaJohane 1:46

UNathanayeli wathi kuye: Kungase kuvele okuhle eNazaretha na? UFiliphu wathi kuye: Woza ubone.

NgokukaJohane 20:27

Wayesethi kuTomase: Zisa lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; zisa isandla sakho , usifake ohlangothini lwami ; ungabi ngongakholwayo kodwa okholwayo.

NgokukaJohane 7:52

Baphendula, bathi kuye: Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenyisisa, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.

NgokukaLuka 1:22

Kuthe esephuma, wahluleka ukukhuluma kubo; bazi ukuthi ubone umbono ethempelini; wayelokhu ebaqhweba, wahlala eyisimungulu.

U-Eksodusi 33:23

Besengisusa isandla sami , ubone umhlane wami , kepha ubuso bami abuyikubonwa.

U-Isaya 37:17

Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.

U-Isaya 49:18

Phakamisa amehlo akho nxazonke , ubone: bonke bayabuthana , bafika kuwe. Kuphila kwami , usho uJehova , impela uyakubembatha bonke njengemvunulo, uzibhince ngabo njengomakoti.

U-Isaya 60:4

Phakamisa amehlo akho nxazonke , ubone; babuthana bonke, beza kuwe ; amadodana akho ayakuvela kude, namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.

U-Isaya 63:15

Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho : kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na ? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.

UDuteronomi 1:31

nasehlane lapho ubone khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuthwala njengendoda ithwala indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.

UDuteronomi 21:11

ubone phakathi kwabathunjwa owesifazane omuhle onamathela kuye , uthanda ukumthatha abe ngumkakho,

UGenesise 31:12

Yayisithi: Awuphakamise amehlo akho , ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe , nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.

UGenesise 31:42

Uma ebengenami uNkulunkulu kababa , uNkulunkulu ka -Abrahama, ukwesaba kuka-Isaka, ngempela ubuyakungimukisa ze . UNkulunkulu ubone ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami , wakusola ubusuku obudlule.

UGenesise 37:14

Wayesethi kuye: Hamba-ke, ubone ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi, uze ungibuyisele izwi . Wamthuma esuka esigodini saseHebroni , waze wafika eShekemi.

UGenesise 37:32

Bathumela leyo ngubo enemikhono emide , bayiyisa kuyise , bathi: Siyitholile lena; ake ubone, uma le ngubo ingeyendodana yakho yini , noma akusiyo na?

UGenesise 38:25

Eselethiwe wathumela kuyisezala , wathi: Ngikhuleliswe yile ndoda engumnini walezi zinto . Wathi futhi : Ake ubone ukuthi ngokukabani le ndandatho, nale ntambo, nalolu dondolo na?

UHezekeli 44:5

UJehova wathi kimi : Ndodana yomuntu , beka inhl iziyo yakho , ubone ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho konke engikukhuluma kuwe ngazo zonke izimiso zendlu kaJehova nangayo yonke imithetho yayo , uqaphele indawo yendlu yokungena nazo zonke izindawo zokuphuma zendlu engcwele.

UHezekeli 8:13

Futhi wathi kimi: Uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu abazenzayo.

UHezekeli 8:15

Wathi kimi : Uyakubona lokho wena ndodana yomuntu na ? Uyakubuye ubone izinengiso ezinkulu kunalezi.

UHezekeli 8:6

Wathi kimi : Ndodana yomuntu , uyabona yini abakwenzayo , izinengiso ezinkulu indlu yakwa -Israyeli ezenzayo lapha ukuba ngidede kude nendlu yami engcwele na? Kepha uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu.

UHezekeli 8:9

Wayesethi kimi: Ngena ubone izinengiso ezimbi abazenzayo lapha.

UJeremiya 1:12

Wayesethi uJehova kimi : Ubone kahle , ngokuba ngiyakulilinda izwi lami ukuba ngilenze.

UJeremiya 2:19

Ububi bakho buyakukulaya, nokuhlehla kwakho kuyakukusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabay o yokuthi umhlub ukile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukungesaba akukho kuwe, isho iNkosi uJehova Sebawoti.

UJeremiya 3:2

Phakamisela amehlo akh o emadulini angenalutho , ubone; kuphi lapho ongalalwanga khona na? Ngasezindleleni ubahlalele njengomArabiya ehlane, walingcolisa izwe ngobufebe nangobubi bakho.

UJobe 35:5

Bheka ngasezulwini, ubone, uqaphele amafu aphakeme kunawe.

UZakariya 5:5

Yayisiphuma ingelosi eyayikhuluma nami , yathi kimi : Ake uphakamise amehlo akho, ubone ukuthi kuyini lokhu okuphumayo.