Skip to Content

"ubuningi"

11 occurrences in ZUL

2 iziKronike 20:25

Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuqoqa impango kubo , bafumanisa phakathi kwabo ubuningi bengcebo nezidumbu nezinto ezinxanelekayo, bazihlubulela zona , kwaze kwangabakho ongazithwala ; kwaba yizinsuku ezintathu beqoqa impango, ngokuba yayiningi kangaka.

AmaHubo 104:24

Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho ; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.

AmaHubo 106:7

Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe , abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa ; bahlubuka ngaselwandle , uLwandle Olubomvu.

AmaHubo 139:17

Imicabango yakho , Nkulunkulu, ingamagugu kimi ; bukhulu kangaka ubuningi bayo.

U-Isaya 33:6

Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho , ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.

U-Isaya 60:6

Ubuningi bamakamela buyakukusibekela , amakamela amasha akwaMidiyani nase -Efa; bonke abaseSheba bayakuza , balethe igolide nenhlaka, bamemezele izindumiso zikaJehova.

UDaniyeli 4:3

Yeka ubuningi bezib onakaliso zakhe , namandla ezimangaliso zakhe ! Umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade , nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane.

UDuteronomi 25:2

kuze kuthi uma onecala efanele ukushaywa, umahluleli amenze alale phansi, ashaywe phambi kwakhe, ubuningi bemivimbo bube njengokwecala lakhe.

UHoseya 10:13

Nilime ububi, navuna okubi; nidlile izithelo zamanga , ngokuba nethemba endleleni yenu nakubo ubuningi bamaqhawe enu.

UJobe 32:7

Ngathi: Makukhulume izinsuku, ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.

ULevitikusi 19:35

Aniyikwenza ukungalungi ekwahluleleni , ekulinganiseni ubude noma isisindo noma ubuningi.