"ubuthongo"
34 occurrences in ZUL
Walala ubuthongo phansi konwele ; bheka, kwamthinta ingelosi, yathi kuye: Vuka udle.
Wavuka phakathi kwamabili , wathatha umfana wami eceleni kwami , incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami.
ODavide no -Abishayi bafika kubantu ebusuku ; bheka, uSawule wayelele ubuthongo ezinqoleni , umkhonto wakhe ugxunyekiwe emhlabathini ngasekhanda lakhe; u-Abineri nabantu bakhe babelele ngakuye nxazonke.
Wamlalisa ubuthongo emathangeni akhe , wabiza umuntu , waphucula amagoda ayisikhombisa ekhanda lakhe ; waqala ukumhlupha, amandla akhe amuka kuye.
UJayeli umkaHebere wayesethatha isikhonkwane setende, waphatha isando ngesandla, wanyonyobela kuye , wambethela esikhaleni sendlebe ngesikhonkwane, sagqobhoza, saphumela emhlabathini , ngokuba wayelele ubuthongo obukhulu ediniwe; wafa kanjalo.
angiyikunika amehlo ami ubuthongo, nezinkophe zami ukozela
Bheka neno, ungiphendule, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ngize ngingalali ubuthongo bokufa,
Ngizakucambalala ngokuthula , ngilale ubuthongo , ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.
Bachithekile abaqinile ngenhliziyo , balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.
Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo ; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo.
Ungathandi ubuthongo , funa ufikelwe ngubumpofu ; vula amehlo akho , uyakusutha ngesinkwa.
ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,
Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulale phansi, ubuthongo bakho buyakuba mnandi.
Ngokuba abalali , uma bengenzanga okubi ; ubuthongo buyasuswa , uma bengakhubekisanga muntu.
Ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,
Unganiki amehlo akho ubuthongo, nezinkophe zakho ukozela.
Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.
Wayeseguqa phansi , wamemeza ngezwi elikhulu , wathi: Nkosi, ungababaleli lesi sono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.
Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo.
Kuthe besahamba ngomkhumbi , walala ubuthongo ; kwehlela-ke isivunguvungu somoya elwandle, bagcwala amanzi, babesengozini.
Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini , yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla , zafundwa p hambi kwenkosi.
Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe ; lapho ngezwa izwi lamazwi akhe , ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.
Esakhuluma nami , ngalala ubuthongo obukhulu , ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.
UJehova uNkulunkulu wamehlis ela umuntu ubuthongo obunzima , walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama.
Nganginjalo; emini ngaqedwa ngukushisa , ebusuku ngamakhaza ; ubuthongo bami babalekela amehlo ami.
Walala ubuthongo , waphupha ngokwesibili ; bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, zibhoxile, zizinhle.
Kulokhu ngase ngivuka, ngabheka; ubuthongo bami babumnandi kimi.
Sebevuthile, ngiyakubenzela idili , ngibadakise ukuze baq uleke, balale ubuthongo obuphakade, bangavuki, usho uJehova.
Ngiyakudakisa izikhulu zalo nezihlakaniphi zalo, nezinduna zalo, nababusi balo, namaqhawe alo ; bayakulala ubuthongo obuphakade , bangavuki, isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.
Ngokuba kalokhu ngakube ngilele , ngithule; khona ngakube ngilele ubuthongo nginokuphumula
Khona amatilosi esaba , akhala, kwaba yilelo nalelo kunkulunkulu walo , aphonsa elwandle impahla ebisemkhunjini ukuba ube lula kubo. Kepha uJona wayehlele phakathi komkhumbi, wayeselele ubuthongo.
Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi , yathi: Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.
Ubuthongo besisebenzi bumnandi , noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale.
Lapho ngibeka inhliziyo yami uku kwazi ukuhlakanipha nokubona umshikashika owenziwa emhlabeni , ngokuba akakho obona ubuthongo ngamehlo akhe imini nobusuku,