"ubuwula"
35 occurrences in ZUL
kepha thina sishumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuwula kubo abezizwe,
Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunabantu ; nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunabantu.
Kepha abasayikuqhubekela phambili ; ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengokuba kwaba njalo nobabo. Ukubambelela esifundisweni esilungileyo
Bhekani, nansi indodakazi yami , intombi, nesancinza sakhe ; ngiyakubakhipha bona manje , nibone, nenze kubo njengokuthanda kwenu ; kepha kulo muntu ningenzi ubuwula obunjalo.
Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami, nezono zami azifihlakele kuwe.
Umuntu oqondileyo uyafihla ukwazi, kepha izinhliziyo zeziwula zimemeza ubuwula.
Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi , kepha isiwula sihlakaza ubuwula.
Isififane siyenza ubuwula, kepha umuntu wamasu unokuthula.
Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi , kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.
Ukuhlakanipha koqondileyo kungukuqonda indlela yakhe , kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.
Inhliziyo yoqondileyo iyafuna ukwazi , kepha umlomo weziwula uyadla ubuwula.
Ulimi lwabahlakaniphileyo luveza kahle ukwazi , kepha umlomo weziwula uphafuza ubuwula.
Ubuwula buyintokozo kongenangqondo , kepha umuntu oqondileyo uyaqondisa ukuhamba kwakhe.
Ukuqonda kungumthombo wok uphila konakho , kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula.
Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe , kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova.
Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula , nezideleli zijabula ukudelela , neziwula zizonda ukwazi, na?
Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana , kepha induku yokula ya iyabudedisela kude naye.
Ukuceba ubuwula kuyisono, nesideleli siyisinengiso kubantu.
Njengenja ebuyela ebuhlanzweni bayo, kanjalo isiwula siphinda ubuwula baso.
Noma ugqula isiwula ngembokodwe etsheni lokusila phakathi komqhazulo, ubuwula baso abuyikusuka kuso.
Uma wenzile ubuwula ngokuziphakamisa. wacabanga okubi, beka isandla emlonyeni wakho.
Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo, ongazi lutho.
Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda.
Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela , nesiluleko sabalulek i abahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula ; ningasho kanjani kuFaro ukuthi: Mina ngiyindodana yabahla kaniphileyo, ngiyindodana yamakhosi asendulo, na?
Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula , nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi, yenze ukungamesabi uNkulunkulu , ikhulume okupha mbene noNkulunkulu, yenze ukuba olambileyo abe nephango , nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.
Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo , ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo, ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula ; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.
bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise , amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife , ngokuba yenzile ubuwula kwa -Israyeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho ; abantu badabuka , bathukuthela kakhulu , ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.
Kubaprofethi baseSamariya ngibonile ubuwula : baprofetha ngoBali , bedukisa abantu bami u-Israyeli.
ngokuba benzile ubuwula kwa -Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo ; yimi engikwaziyo, ngingufakazi, usho uJehova. Izwi kuShemaya
Kuyakuthi othathwayo enokuqalekisiweyo ashiswe ngomlilo , yena nakho konke anakho, ngokuba eqile isivumelwano sikaJehova nangokuba esebenzile ubuwula kwa-Israyeli.
Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omthaki ukuba anuke , abile; kanjalo ubuwula obuncane bulingana nokuhlakanipha nodumo.
ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo , kepha abacebileyo bahlala kweziphansi.
Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengalokhu ukukhanya kudlula ubumnyama.
Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini , inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha , nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.