Skip to Content

"ubuyele"

9 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 19:20

Wayeseshiya izinkabi , wagijima wamlandela u -Eliya, wathi: Ake ngange ubaba nomame , bese ngikulandela . Wathi kuye: Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?

1 uSamuweli 5:11

Bathuma babutha onke amakhosi amaFilisti , bathi: Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka -Israyeli, ubuyele endlini yawo , ukuba ungasibulali thina nabantu bakithi, ngokuba kwakukhona ukungquzuka okokufa emzini wonke; isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu khona.

AmaHubo 7:7

Umhlangano wezizwe mawukuphahle, ubuyele phezulu ngaphezu kwawo.

U-Eksodusi 4:19

UJehova wathi kuMose kwaMidiyani : Hamba ubuyele eGibithe , ngokuba sebafa abantu bonke abafuna ukukubulala.

UDuteronomi 30:2

ubuyele kuJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe njengakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho, ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho,

UGenesise 31:13

NginguNkulunkulu waseBethele , lapho wagcoba khona insika na lapho wenza isithembiso kimi ; manje vuka , usuke kuleli zwe , ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.

UGenesise 3:19

Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho , uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo ; ngokuba ungumhlabathi , uyakuphenduka umhlabathi.

UJeremiya 31:21

Zibekele amatshe , zimisele iziqondiso zendlela ; yibeke inhliziyo yakho emendweni, indlela owahamba ngayo; buya, ntombi yakwa-Israyeli, ubuyele kule mizi yakho.

UmShumayeli 12:7

uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo , umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.