Skip to Content

"udla"

7 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 20:3

UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema ; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu , yababeka endlini yokulindela , yabapha uk udla, kepha ayingenanga kubo . Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.

AmaHubo 50:3

UNkulunkulu wethu uyeza , akayikuthula; umlilo udla phambi kwakhe ; uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.

AmaHubo 97:3

Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke.

KwabaseRoma 14:2

Omunye ukholwa ukuthi angadla konke, kepha obuthakathaka udla imifino.

U-Isaya 44:20

Udla umlotha ; inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile ; akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi : Akukho yini amanga kwesokunene sami na? Intokozo ngokuhlengwa kuka-Israyeli

UDuteronomi 6:11

nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga , nemithombo embiweyo ongayimbanga , nezivini neminqumo ongakutshalanga , nalapho udla usuthe,

UGenesise 2:17

kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi , ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa. Ukudalwa kowesifazane