Skip to Content

"udumo"

107 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:1

Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni ngegama likaJehova yeza ukumvivinya ngezimfumbe.

1 AmaKhosi 10:7

Kepha angikholwanga ngamazwi ngaze ngafika , kwabona amehlo ami ; bheka, angitshelwanga nanxenye; udlula ngokuhlakanipha nenhlanhla udumo engaluzwa.

1 iziKronike 16:27

Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe.

1 iziKronike 29:25

UJehova wamkhulisa uSolomoni kakhulu emehlweni abo bonke abakwa - Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungazange lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli phambi kwakhe. Ukufa kukaDavide

1 kaPetru 3:7

Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi , njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakatha ka, nibanike udumo , lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa. Ukuhamba ngokubekezela ekuhluphekeni

1 kuThimothewu 6:16

yena yedwa onokungafi , ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho , ongazange abonwe muntu , nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.

1 kwabaseKorinte 10:31

Ngakho-ke noma nidla , noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.

1 kwabaseKorinte 12:24

Kanti lezo ezinesimo esihle azik udingi lokho . Kepha uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, enika esidelelekileyo udumo olukhulu kakhulu,

1 kwabaseKorinte 9:15

Kepha mina angisebenzisanga lutho lwalezo zinto ; futhi lokho angikulobanga ukuba kwenziwe kanjalo kimi; ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu alwenz ize udumo lwami.

1 kwabaseThesalonika 1:8

Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina , lwafika, angisho eMakedoniya nase -Akhaya kuphela , kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona ; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho.

1 uSamuweli 6:5

Niyakwenza imifanekiso yamathumba enu nemifanekiso yamagundane enu alonayo izwe , nimnike uNkulunkulu ka -Israyeli udumo ; mhlawumbe uyakusenza lula isandla sakhe phezu kwenu , naphezu kwawonkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.

2 iziKronike 32:33

UHezekiya wayeselala koyise ; bammbela emmangweni wamathuna amadodana kaDavide ; wonke uJuda nabakhileyo eJerusalema bamenzela udumo ekufeni kwakhe. UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 9:1

Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha , negolide eliningi , namatshe ayigugu ; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

2 iziKronike 9:6

Kepha angikholwanga ngamazwi abo , ngaze ngafika, kwabona amehlo ami; bheka, angitshelwanga nanxenye yobukhulu bokuhlakanipha kwakho ; uyadlula udumo engaluzwayo.

2 kaPetru 1:17

Ngokuba wamukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo , lapho kwafika kuye izwi elinje , livela enkazimulweni yobukhosi , lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo --

2 uSamuweli 1:19

Udumo lwakho, Israyeli, lubulewe ezindaweni eziphakemeyo. Yeka ukuwa kwamaqhawe!

2 uSamuweli 6:20

UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe . UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.

AmaHubo 104:1

Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Jehova Nkulunkulu wami , umkhulu, wembethe udumo nobukhosi;

AmaHubo 106:12

Khona bakholwa ngamazwi akhe, bahlabelela udumo lwakhe.

AmaHubo 106:2

Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova , azwakalise lonke udumo lwakhe, na?

AmaHubo 111:10

Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha ; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.

AmaHubo 145:21

Umlomo wami uy akukhuluma udumo lukaJehova, inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.

AmaHubo 21:5

Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho ; udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.

AmaHubo 29:1

Mnikeni uJehova, nina madodana kaNkulunkulu , mnikeni uJehova udumo namandla.

AmaHubo 29:2

Mnikeni uJehova udumo lwegama lakhe, nikhuleke kuJehova emvunulweni engcwele.

AmaHubo 29:9

Izwi likaJehova liphunzisa izimbabala ; lihluba amahlathi ; nasethempelini lakhe konke kuthi: Udumo!

AmaHubo 47:4

Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela

AmaHubo 71:21

Yandisa udumo lwami, ubuye ungiduduze.

AmaHubo 71:8

Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena , nalo udumo lwak ho usuku lonke.

AmaHubo 79:13

Khona thina bantu bakho, izimvu zedlelo lakho, siyakukubonga kuze kube phakade, sishumayele udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.

AmaHubo 85:9

Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo , ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.

AmaHubo 96:6

Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe ; amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.

AmaHubo 9:14

ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni.

IzAga 11:16

Owesifazane onomusa uzuza udumo, nezidlwangudlwangu zizuza ingcebo.

IzAga 14:28

Udumo lwenkosi lungobuningi babantu , kepha ukuswela abantu kungukuchithwa kwesikhulu.

IzAga 15:33

Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha ; ukuthobeka kuyandulela udumo.

IzAga 18:12

Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhen ya; ukuthobeka kwandulela udumo.

IzAga 20:29

Udumo lwabasha lungamandla abo, nesivunulo sabadala singubumpunga.

IzAga 25:2

Kuludumo lukaNkulunkulu ukusitha into , kepha udumo lwamakhosi lungukuphenya indaba.

IzAga 25:27

Ukudla izinyosi eziningi akukuhle, nokuzifunela udumo kakusilo udumo.

IzAga 26:1

Njengeqhwa ehlobo nemvula ngesikhathi sokuvuna , kanjalo udumo alufanele isiwula.

IzAga 26:8

Njengobopha itshe endwayimaneni, unjalo onika isiwula udumo.

IzAga 28:12

Lapho abalungileyo bethokoza, udumo lukhulu, kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa.

IzAga 29:23

Ukuzidla komuntu kuyamthobisa , kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.

IzAga 5:9

funa unike abanye udumo lwakho, naye ononya iminyaka yakho,

IzEnzo 12:23

Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho , ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.

IzEnzo 21:39

Kepha uPawulu wathi : Mina ngingumJuda waseTarsu laseKhilikhiya , ngingumuntu womuzi ongesiwo ongenalo udumo; ngiyacela, ake ungivumele ngikhulume kubantu.

Kwabase-Efesu 3:21

makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.

KwabaseGalathiya 1:5

makube kuye udumo kuze kube phakade. Amen. Ukuhlubuka kwabaseGalathiya kulo ivangeli eliyilo

KwabaseGalathiya 5:26

Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.

KwabaseRoma 13:7

Nikani bonke okubafaneleyo : intela kofanele intela , inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo. Ukuthanda abazalwane

KwabaseRoma 4:20

akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa , kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo,

NgokukaJohane 12:43

ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.

NgokukaJohane 3:8

Umoya uphephetha lapha uthanda khona ; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona ; banjalo bonke abazelwe nguMoya.

NgokukaJohane 5:41

Mina angamukeli udumo kubantu.

NgokukaJohane 5:44

Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?

NgokukaJohane 7:18

Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe ; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.

NgokukaJohane 8:50

Mina-ke angifuni olwami udumo; ukhona ofunayo nowahlulelayo.

NgokukaJohane 8:54

UJesu waphendula wathi : Uma ngizidumisa mina , udumo lwami luyize ; nguBaba ongidumisayo, enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu.

NgokukaJohane 9:24

Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe , bathi kuye : Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.

NgokukaLuka 17:18

Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo , kuphela lona wezizwe na?

NgokukaLuka 2:14

Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu , nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.

NgokukaLuka 4:14

UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya ; udumo lwakhe lwanda kulo lonke izwe langakhona.

NgokukaLuka 4:37

Kwanda udumo ngaye kuzo zonke izindawo zangakhona.

NgokukaMarku 1:28

Udumo lwakhe lwase lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile.

NgokukaMathewu 14:1

Ngaleso sikhathi uHerode umtetrarki waluzwa udumo lukaJesu,

NgokukaMathewu 4:24

Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya ; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu , nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.

NgokukaMathewu 9:26

Udumo lwalokho lwezwakala ezweni lonke langakhona. UJesu uyahawukela izimpumputhe, nesimungulu, nabantu abakhathazekileyo

U-Esteri 5:11

UHamani wabalandisa udumo lwengcebo yakhe , nobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi emkhulisile kukho, nalokho emphakamisile kukho phezu kwezikhulu nezinceku zenkosi.

U-Esteri 6:6

Yayisithi inkosi kuye: Umuntu inkosi ethanda ukumdumisa wenzelwani na ? UHamani wathi enhliziyweni yakhe : Ngubani inkosi ebiyakuthanda ukumenzela udumo ngaphandle kwami na?

U-Esteri 6:7

Wayesethi enkosini: Umuntu inkosi ethanda ukumenzela udumo

U-Isaya 10:18

Iyakuqeda udumo lwehlathi lakhe nensimu yakhe , umzimba nomphefumulo, kube njengesiguli esinyamalalayo.

U-Isaya 16:14

Kepha manje uJehova ukhulumile ukuthi: Phakathi kweminyaka emithathu njengeminyaka yomqashwa udumo lukaMowabi luyakudelelwa , noma enezixuku eziningi; insali iyakuba ncane kakhulu, ingabi namandla.

U-Isaya 17:4

Kuyakuthi ngalolo suk u udumo luka Jakobe lube buthakathaka , kuzace ukukhuluphala kwenyama yakhe.

U-Isaya 20:5

Bayakuphela amandla , babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo.

U-Isaya 21:16

Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje , yathi: Phakathi kom nyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela,

U-Isaya 22:24

Bayakuphanyeka phezu kwakhe lonke udumo lwendlu kayise , inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.

U-Isaya 24:16

Siyezwa amahubo avela emikhawulweni yomhlaba , athi: Udumo malu be koLungileyo! Kepha mina ngithi : Ngifile, ngifile! Maye kimi ! Abakhohlisi bakhohlisile, yebo, abakhohlisi bakhohlisile nokukhohlisa.

U-Isaya 35:2

Luyakukhahlela kahle , luthokoze, yebo, luthokoze, luhube; luyakuphiwa udumo lweLebanoni, nobukhosi beKarmeli nobeSharoni, lubone inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.

U-Isaya 42:12

Mabanike uJehova udumo, bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.

U-Isaya 42:8

NginguJehova; yilo igama lami ; angiyikunika omunye inkazimulo yami , nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.

U-Isaya 43:21

laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami.

UDaniyeli 11:21

Esikhundleni sakhe kuyakuvela odelelekileyo abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobushelezi.

UDaniyeli 11:39

Iyakwenze njalo ezinqabeni ez inamandla inonkulunkulu ongowabezizwe ; omvumayo iyakumandisela udumo , imenze ukuba abuse abaningi , imahlukanisele izwe libe ngumvuzo wakhe.

UDaniyeli 5:20

Kepha lapho inhliziyo yakhe yaziphakamisa, nomoya wakhe waba lukhuni waze wazidla , wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi , balususa udumo lwakhe kuye;

UHabakuki 3:3

UNkulunkulu uvela eThemani , oNgcwele uphuma entabeni yasePharanu . Sela Udumo lwakhe lusibekela amazulu, nomhlaba ugcwele indumiso yakhe.

UHoseya 4:7

Njengokwanda kwabo , kanjalo b ona kimi ; udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.

UHoseya 9:11

Udumo luka -Efrayimi luyakundiza , lumuke njengenyoni , kungabikho ukuzala, nonesisu, nokukhulelwa.

UJeremiya 13:16

Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo , engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zen u ezintabeni zokuhwelela , nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.

UJeremiya 2:11

Isizwe sike senana ngawonkulunkul u abangesibo onkulunkulu na ? Kepha abantu bami benanile udumo lwabo ngokungenakusiza.

UJeremiya 48:2

Udumo lukaMowabi alusekho ; eHeshiboni bacebe okubi ngaye ngokuthi : Wozani simnqume , angabe esaba yisizwe . Nawe Madimeni uyakuthuliswa , inkemba ikulandele.

UJeremiya 50:43

Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo , izandla zayo zaba buthakathaka ; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.

UJobe 19:9

Ungikhumulile udumo lwami; ususile umqhele ekhanda lami.

UJobe 29:20

udumo lwami lusha njalo kimi , umnsalo wami wenziwa musha esandl eni sami.

UJobe 30:15

Ingebhe ithululwa phezu kwami ; njengomoya luyaxoshwa udumo lwami ; inhlalakahle yami iyadlula njengefu.

UJobe 40:10

Zihlobise ngobukhosi nangokuphakama, wembathe udumo nenkazimulo.

UJoshuwa 6:27

UJehova wayenaye uJoshuwa; udumo lwakhe lwalukhona ezweni lonke.

UJoshuwa 9:9

Bathi kuye : Izinceku zakho zivela ezweni elikude kakhulu ngenxa yegama likaJehova uNkulunkulu wakho , ngokuba siluzwile udumo lwakhe , nakho konke akwenzayo eGibithe,

UMalaki 2:2

Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo, usho uJehova Sebawoti , ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.

UMika 1:15

Ngisezakwehlisa phezu kwen u enakhileyo eMaresha oyakunidla : udumo luka-Israyeli luyakufika e-Adulamu.

UNumeri 14:15

Manje-ke uma ubulala laba bantu njengomuntu munye, izizwe ezizwe udumo lwakho ziyakukhuluma zithi:

UNumeri 22:17

ngokuba ngiyakukunika udumo olukhulu , nakho konke ongitshela khona ngiyakukwenza; ake uze ngalokho manje, ungiqalekisele laba bantu.

UNumeri 22:37

UBalaki wathi kuBileyamu: Angithumanga nokuthuma kuwe ukukubiza na? Awufikanga ngani kimi? Anginamandla yini okukunika udumo na?

UNumeri 24:11

Ngalokho baleka uye endaweni yakho ; bengithi ngiya kukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe.

UNumeri 27:20

Uyakubeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuba yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele.

UZakariya 11:3

Izwi lokukhala kwabelusi ! ngokuba udumo lwabo luyachithwa ; izwi lokubhonga kwamabhongo ezingonyama ! ngokuba ubuhle beJordani buyaqothulwa. Abelusi bakwa-Israyeli

UZakariya 12:7

UJehova uyakusindisa amatende akwaJuda kuqala , ukuze udumo lwendlu yakwaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungakhuliswa phezu kukaJuda.