Skip to Content

"ufakazi"

17 occurrences in ZUL

IsAmbulo 1:5

nakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba . Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe

IsAmbulo 2:13

Ngiyazi lapho wakhe khona: lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane; nokho ulibambisisile igama lami, kawuphikanga inkolo yami nasemihleni ka- Antipase, ufakazi wami , othembekayo wami , owabulawa phakathi kwenu lapho uSathane wakhe khona.

IsAmbulo 3:14

Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u- Amen, ufakazi othembekayo noqinisileyo , ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:

IzAga 12:17

Ophefumula iqiniso ulanda ngokulunga , kepha ufakazi wamanga ngenkohliso.

IzAga 14:25

Ufakazi oqinisileyo uyophula imiphefumulo , kepha ophafuza amanga unenkohliso.

IzAga 14:5

Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga , kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.

IzAga 19:28

Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela; umlomo wababi uyagwinya ukona.

IzAga 19:5

Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga akayikusinda.

IzAga 19:9

Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga uyakubhubha.

IzAga 21:28

Ufakazi wamanga uyabhujiswa , kepha umuntu ozwileyo angakhuluma njalo.

IzEnzo 22:20

futhi m hla kuchithwa igazi likaStefanu ufakazi wakho , ngangimi khona mina, ngivuma, ngilinda izingubo zabambulalayo.

UDuteronomi 19:15

Ufakazi oyedwa nje akayikumvukela umuntu ngobubi , noma ngesono , noma kuyisiphi isono ona ngaso ; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.

UDuteronomi 19:16

Uma ufakazi wamanga emvukela umuntu, afakaze ngaye ngokubi,

UDuteronomi 19:18

abahluleli baphenyisise; bheka, uma ufakazi engufakazi wamanga ofakazile amanga ngomfowabo,

UJobe 16:19

Namanje bheka , ufakazi wami usezulwini ; ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.

UMalaki 2:12

UJehova makanqume kumuntu owenza lokhu ufakazi nophendulayo ematendeni akwaJakobe kanye noletha umnikelo kuJehova Sebawoti.

UNumeri 35:30

Noma ubani obulala umuntu , umbulali uyakubulawa ngemilomo yawofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakazela muntu aze afe.