"ugali"
8 occurrences in ZUL
Kwafika uGali indodana ka -Ebedi nabafowabo , waya eShekemi ; abaseShekemi bamethemba.
UGali indodana ka-Ebedi wathi: Ngubani u-Abimeleki, ngubani uShekemi, ukuba simkhonze, na? Akasiyo indodana kaJerubali, noZebule yinduna yakhe na? Khonzani abantu bakaHamori uyise kaShekemi. Thina siyakumkhonzelani yena na?
Wathuma iz ithunywa ku -Abimeleki ngobuqili , wathi: Bheka, uGali indodana ka-Ebedi nabafowabo bafikile eShekemi; bheka, bakuvusela umuzi.
UGali indodana ka -Ebedi waphuma , wema esikhaleni sesango lomuzi ; u- Abimeleki wayeseqhamuka nabantu ababenaye ekuqamekeleni.
Lapho uGali ebona abantu , wathi kuZebule : Bheka, kwehla abantu eziqongweni zezintaba . UZebule wathi kuye : Uyabona amathunzi ezintaba kungathi ngabantu.
UGali wabuye wakhuluma, wathi: Bheka, kwehla abantu eNkabeni yezwe , esinye isigaba sifika ngendlela ye-oki lokuhlola imihlola.
UGali waphuma phambi kwabantu baseShekemi, walwa no-Abimeleki.
U-Abimeleki wahlala e-Aruma; uZebule wamxosha uGali nabafowabo ukuba bangahlali eShekemi.