Skip to Content

"ugibe"

15 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 28:9

Owesifazane wathi kuye : Bheka, uyazi ukuthi uSawule wenzeni , ukuba unqumile ezweni abanamadlozi pha kathi kwabo nabathakathi ; ngalokho ungibekelelani ugibe ukuba ungibulale na?

AmaHubo 119:110

Ababi bangibekele ugibe, kepha angiduki eziyalezweni zakho.

AmaHubo 124:7

Umphefumulo wethu uphunyukile njengenyoni ogibeni lwabacuphi ; ugibe lwaphukile, thina saphunyuka.

AmaHubo 140:5

Abazidlayo bangifihlela ugibe ; ngezintambo bendlala inetha ; eceleni kwendlela bangibekela izihibe. Sela

AmaHubo 142:3

Lapho umoya wami udangala phakathi kwami , wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe.

AmaHubo 57:6

Izinyathelo zami bazibekele ugibe ; umphefumulo wami ugobile ; bembile igebe phambi kwami, kwakhalakathela bona kulo. Sela

IzAga 12:13

Ngokuphambeka kwezindebe kukhona ugibe lomubi , kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni.

IzAga 22:25

funa ufunde izindlela zakhe, uthole ugibe lomphefumulo wakho.

IzAga 29:25

Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.

IzAga 29:6

Esiphambekweni somuntu omub i kukhona ugibe , kepha olungileyo uyenanela, athokoze.

U-Amose 3:5

Inyoni iwela og ibeni emhlabathini , ingenasihibe, na? Ugibe luyaxhuma emhlabathini, lungabambanga nokubamba, na?

U-Isaya 29:21

ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje , bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni, bachezukisa olungileyo ngento engelutho.

U-Obadiya 1:7

Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni; abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa , bakwahlule; abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho; akakho oluqondayo.

UHoseya 9:8

umprofethi engumlindi ka -Efrayimi kanye noNkulunkulu wami , ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe , nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.

UJeremiya 5:26

Ngokuba phakathi kwabantu bami kufunyanwa ababi , baqamekela njengabacuphayo nabalinda izinyoni, babeke ugibe, babambe abantu.