Skip to Content

"ujehoyada"

19 occurrences in ZUL

1 iziKronike 12:27

UJehoyada wayengumholi wakwa -Aroni, enezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisikhombisa,

2 AmaKhosi 11:15

UJehoyada, umpristi, wayala izinduna zamakhulu ezazibekwe phezu kwempi, wathi kuzo : Mkhipheni endlini , nimngenise phakathi kwezinhla ; omlandelayo nimbulale ngenkemba ; ngokuba umpristi wathi : Makangabulawa endlini kaJehova.

2 AmaKhosi 11:17

UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaJehova nenkosi nabantu ukuba babe ngabantu bakaJehova, naphakathi kwabantu nenkosi.

2 AmaKhosi 11:4

Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada wathumela walanda izinduna zamakhulu zamaKhari nezabalindi , wazingenisa kuye endlini kaJehova , wenza isivumelwano nazo , wazifungisa endl ini kaJehova , wazibonisa indodana yenkosi.

2 AmaKhosi 12:2

UJehowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova izinsuku zakhe zonke uJehoyada umpristi amfundisa ngazo.

2 AmaKhosi 12:7

Inkosi uJehowashi yayisibiza uJehoyada umpristi nabanye abapristi , yathi kubo: Anilungisi ngani izimfa zendlu na ? Ngalokho ningabe nisathatha imali yabangane benu, kepha niyinikelele izimfa zendlu.

2 AmaKhosi 12:9

UJehoyada, umpristi, wayesethatha umphongolo , wabhoboza imbobo esivalweni sawo , wawubeka eceleni kwe -altare ngakwesok unene lapho umuntu engena endlini kaJehova ; abapristi abalinda umbundu bafaka khona yonke imali eyalethwa endlini kaJehova.

2 iziKronike 23:1

Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada waziqinisa , wazithathela izinduna zamakhulu, u-Azariya indodana kaJerohamu , no-Ishmayeli indoda na kaJehohanani, no-Azariya indodana ka -Obede, noMahaseya indodana ka - Adaya, no-Elishafati indodana kaZikiri, zenza isivumelwano naye.

2 iziKronike 23:11

Base beyikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi, bayibeka inkosi; uJehoyada namadodana akhe bayigcoba bathi : Mana njalo, nkosi.

2 iziKronike 23:14

UJehoyada wayesezikhipha izinduna zamakhulu ezazibekwe phezu kwempi, wathi kuzo : Mkhipheni endlini , nimngenise phakathi kwezinhla; omlandelayo nimbulale ngenkemba ; ngokuba umpristi wathi : Ningambulali endlini kaJehova.

2 iziKronike 23:16

UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaJehova.

2 iziKronike 23:18

UJehoyada wamisa ababonisi bendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisile endlini kaJehova bokunikela ngeminike lo yokushiswa kuJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ngentokozo nangokuhlabelela, njengokuhlela kukaDavide.

2 iziKronike 23:3

Lonke ibandla lenza isivumelwano nenkosi endlini kaNkulunkulu ; uJehoyada wathi : Bhekani, indodana yenkosi iyakubusa njengokukhuluma kukaJehova ngamadodana kaDavide.

2 iziKronike 23:8

AmaLevi naye wonke uJuda b enza njengakho konke uJehoyada umpristi ayale ngakho , bathatha, kwaba yilowo nalowo abantu bakhe ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha , ngokuba uJehoyada umpristi akamukisanga izigaba.

2 iziKronike 23:9

UJehoyada umpristi wani kela ezinduneni zamakhulu imikhonto namahawu nezihlangu okwakungokwenkosi uDavide, kusendlini kaNkulunkulu.

2 iziKronike 24:15

Kodwa uJehoyada waguga , wafa esanelisiwe yizinsuku ; wayeneminyaka eyikhulu namashumi amathathu ekufeni kwakhe.

2 iziKronike 24:22

UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona , wabulala indodana yakhe . Ekufeni kwakhe wathi : UJehova makakubone lokhu, akuphindisele.

2 iziKronike 24:3

UJehoyada wamthathela abafazi ababili; wazala amadodana namadodakazi.

2 iziKronike 24:6

Inkosi yayisibiza uJehoyada inhloko , yathi kuye : Awubizanga ngani kumaLevi ukuba alethe kwaJuda naseJerusalema int ela kaMose inceku kaJehova neyebandla lika-Israyeli, ibe ngeyetende lobufakazi na?