Skip to Content

"ujeremiya"

64 occurrences in ZUL

2 iziKronike 35:25

Naye uJeremiya wamlilela uJosiya ; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla ; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.

NgokukaMathewu 16:14

Bathi: Abanye basho uJohane uMbhapathizi; abanye basho u-Eliya; abanye basho uJeremiya noma omunye wabaprofethi.

NgokukaMathewu 27:9

Khona kwagcwaliseka okwashiwo ngomprofethi uJeremiya ukuthi: Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu , inani lowamiselwa inani onani lakhe lamiswa ngamadodana ka-Israyeli;

UJeremiya 18:18

Base bethi : Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.

UJeremiya 19:13

izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda , ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo , bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa. UJeremiya usesitokisini*

UJeremiya 20:1

UPhashuri indodana ka -Imeri umpristi owayengumbonisi omkhulu endlini kaJehova wamuzwa uJeremiya eprofetha ngalezo zinto.

UJeremiya 20:2

UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova.

UJeremiya 20:3

Kwathi ngakusasa uPhashuri wamkhipha uJeremiya esitokisini . UJeremiya wayesethi kuye: UJehova akabizanga igama lakho ngokuthi u Phashuri kepha uMagori Misabibi.

UJeremiya 21:3

UJeremiya wathi kubo: Niyakusho kanje kuSedekiya, nithi:

UJeremiya 25:13

Ngiyakwehlisela phezu kwalelo zwe onke amazwi ami engiwakhulume phezu kwalo, konke okulotshwe kule ncwadi, uJeremiya akuprofethile ngazo zonke izizwe.

UJeremiya 25:2

alikhulumayo uJeremiya umprofethi kubo bonke abantu bakwaJuda nakubo bonke abakhileyo eJerusalema, ethi:

UJeremiya 26:12

Wayesesho uJeremiya kuzo zonke izikhulu nakubo bonke abantu , ethi: UJehova wan githuma ukuprofetha ngale ndlu nangalo muzi onke amazwi eniwezwileyo.

UJeremiya 26:7

Abapristi, nabaprofethi, nabo bonke abantu bezwa uJeremiya ekhuluma lawo mazwi endlini kaJehova.

UJeremiya 26:8

Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo bonke abantu , abapristi, nabaprofethi, nabantu bonke, bambamba, bathi: Uyakufa nokufa.

UJeremiya 28:10

Umprofethi uHananiya wayeselisusa ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, walaphula.

UJeremiya 28:11

UHananiya wayesesho phambi kwabo bonke abantu , wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Kanjalo ngiyakulaphula ijoka likaNebukadinesari , inkosi yaseBabele ingakapheli iminyaka emibili entanyeni yezizwe zonke . Kepha umprofethi uJeremiya wahamba indlela yakhe.

UJeremiya 28:12

Lase lifika izwi likaJehova kuJeremi ya, uHananiya umprofethi eselaphulile ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, lithi:

UJeremiya 28:15

Wayesethi umprofethi uJeremiya kuHananiya umprofet hi: Mawuzwe, Hananiya; uJehova kakuthumanga , kepha wena wenza laba bantu ukuba bethembe amanga.

UJeremiya 28:5

Kepha umprofethi uJeremiya wathi kumprofethi uHananiya phambi kwabapristi, nabantu bonke ababemi endaweni kaJehova,

UJeremiya 28:6

yebo, umprofethi uJeremiya wathi : Amen, makenze njalo uJehova , awaqinise amazwi akho owaprofethayo , kubuyiswe izitsha zendlu k aJehova nabo bonke abathunjwa eBabele, kulethwe kule ndawo.

UJeremiya 29:1

Nanka amazwi encwadi uJeremiya , umprofethi, ayithumayo eseJerusalema kuyo insali yamalunga athunjiweyo , nakubapristi, nakubaprofethi, nakubo bonke abantu ayebathumbile uNebukadinesari eJerusalema , wabayisa eBabele,

UJeremiya 29:27

manje awumsolanga ngani uJeremiya wase-Anathoti, oprofetha kini na?

UJeremiya 32:2

Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBabele yalivimbezela iJerusalema ; uJeremiya umprofethi wayevalelwe egcekeni letilongo elalisendlini yenkosi yakwaJuda,

UJeremiya 32:6

UJeremiya wathi: Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

UJeremiya 34:6

UJeremiya umprofethi wayesekhuluma onke lawo mazwi kuSedekiya inkosi yakwaJuda eJerusalema,

UJeremiya 35:18

UJeremiya wathi kuyo indlu yamaRekabi : Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngenxa yokuba niwulalele umyalo kaJonadaba uyihlo, nagcina yonke imiyalo yakhe, nenza ngakho konke aniyala ngakho,

UJeremiya 36:32

UJeremiya wayesethatha omunye umqulu , wawunika uBaruki umbhali , indodana kaNeri ya, owaloba kuwo , ewathatha emlonyeni kaJeremiya onke amazwi encwadi uJehoyakimi inkosi yakwaJuda ayeyishisile ngomlilo ; kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawo.

UJeremiya 36:4

UJeremiya wayesebiza uBaruki indodana kaNeriya ; uBaruki waloba emqulwini wencwadi onke amazwi kaJehova ayewakhulume kuye , ewathatha emlonyeni kaJeremiya.

UJeremiya 36:5

UJeremiya wamyala uBaruki ngokuthi: Ngivalelwe, anginakungena endlini kaJehova.

UJeremiya 36:8

UBaruki indodana kaNeriya wenza njengakho konke uJeremiya umprofethi amyala ngakho, efunda encwadini amazwi kaJehova endlini kaJehova.

UJeremiya 37:12

uJeremiya waphuma eJerusalema ukuba aye ezweni lakwaBenjamini ukuthola khona isabelo sakhe phakathi kwabantu.

UJeremiya 37:13

Lapho esesangweni lakwaBenjamini , kwakukhona lapho inkosi yabalindi egama layo lalingu -Iriya indodana kaShelemiya kaHananiya ; yambamba uJeremiya umprofethi, yathi: Uyahlubukela kumaKaledi.

UJeremiya 37:14

Kepha uJeremiya wathi : Amanga. Angihlubukeli kumaKaledi . Kepha ayimlalelanga; u-Iriya wayesembamba uJeremiya, wamyisa ezikhulwini.

UJeremiya 37:15

Izikhulu zamthukuthelela uJeremiya , zamshaya, zamfaka et ilongweni endlini kaJonathani umbhali, ngokuba zaziyenze itilongo.

UJeremiya 37:16

Lapho uJeremiya esengene endlini yomgodi ezindlwaneni ezingaphansi , uJeremiya esehlale khona izinsuku eziningi,

UJeremiya 37:17

uSedekiya inkosi wathumela wamlanda ; inkosi yambuza ngasese endlini yayo, yathi: Kukhona izwi elivela kuJehova na ? UJeremiya wathi: Likhona. Wathi futhi: Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele.

UJeremiya 37:18

UJeremiya wathi futhi enkosini uSedekiya : Ngoneni kuwe, nasezincekwini zakho, nakulaba bantu ukuba ningifake etilongweni na?

UJeremiya 37:21

USedekiya inkosi wayeseyala ukuba bambeke uJeremiya egcekeni letilongo, bamnika imihla ngemihla iqebelengwane lesinkwa livela esiTaladini Sabaphekizinkwa , kwaze kwaphela isinkwa sonke emzini . UJeremiya wahlala-ke egcekeni letilongo.

UJeremiya 37:3

USedekiya inkosi wathuma uJehukali , indodana kaShelemiya, noZefaniya, indodana kaMahaseya , umpristi, kumprofethi uJeremiya , wathi: Ake usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wethu.

UJeremiya 37:4

UJeremiya wangena , waphuma phakathi kwabantu , ngokuba babengakamfaki etilongweni.

UJeremiya 37:6

Lase lifika izwi likaJehova kumprofethi uJeremiya, lithi:

UJeremiya 38:1

UShefathiya indodana kaMathani, noGedaliya indodana kaPhashuri , noJukali indodana kaShelemiya, noPhashuri indodana kaMalikhiya bawezwa amazwi uJeremiya awakhulumayo kubo bonke abantu ukuthi:

UJeremiya 38:10

Inkosi yayisimyala u -Ebedi Meleki umKushe , ithi: Thatha lapha abantu abangamashumi amathathu, uhambe nabo, umkhiphe uJeremiya umprofethi emgodini, engakafi.

UJeremiya 38:12

U-Ebedi Meleki umKushe wathi kuJeremiya : Faka lawa madlephudlephu amadala namanikiniki abolileyo emakhwapheni phansi kwezintambo . UJeremiya wenze njalo.

UJeremiya 38:13

Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo , bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni letilongo. UJeremiya uhlangana ngasese noSedekiya

UJeremiya 38:14

USedekiya inkosi wathumela wamthatha uJeremiya umprofethi , wamzisa kuye esikhaleni sesithathu esisendlini kaJehova ; inkosi yathi kuJeremiya : Ngithanda ukubuza into kuwe, ungangifihleli lutho.

UJeremiya 38:15

UJeremiya wathi kuSedekiya : Uma ngikutshela , awuyikungibulala nokungibulala na? Uma ngikululeka, awuyikungilalela.

UJeremiya 38:17

Wayesethi uJeremiya kuSedekiya : Usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: U ma uphuma nokuphuma , uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele, umphefumulo wakho uyakuphila , futhi lo muzi awuyikushiswa ngomlilo, uphile wena nendlu yakho;

UJeremiya 38:20

Kepha uJeremiya wathi : Abayikukunikela. Ake ulilalele izwi likaJehova kulokhu engikukhulumayo kuwe ; kuyakuba kuhle kuwe , umphefumulo wakho uphile.

UJeremiya 38:28

Kepha uJeremiya wasala egcekeni letilongo , kwaze kwafika usuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.

UJeremiya 38:6

Zase zimthatha uJeremiya , zamphonsa emgodini kaMalikhiya indodana yenkosi owawusegcekeni letilongo , bamehlisa uJeremiya ngezintambo . Emgodini kwakungekho manzi, udaka lodwa; uJeremiya washona odakeni.

UJeremiya 38:7

U-Ebedi Meleki umKushe , umthenwa, owayesendlini yenkosi , esezwile ukuthi bamfake uJeremiya emgodini , inkosi ihlezi esangweni lakwaBenjamini,

UJeremiya 39:14

bathuma bamkhipha uJeremiya egcekeni letilongo , bamnikeza kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.

UJeremiya 40:2

Induna yabalindi yamthatha uJeremiya , yathi kuye: UJehova uNkulunkulu wakho wakhuluma lokhu okubi kule ndawo;

UJeremiya 40:6

Wayesehamba uJeremiya, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, eMispa, wahlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.

UJeremiya 42:4

Wayesethi kubo uJeremiya umprofethi: Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuJehova uNkulunkulu wenu njengamazwi enu ; kuyakuthi noma yintoni uJehova ayakuniphendula ngayo, nginitshele yona, nginganigodleli lutho.

UJeremiya 43:1

Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubantu bonke onke amazwi kaJehova uNkulunkulu wabo , uJehova uNkulunkulu wabo amthume nawo kubo, onke lawa mazwi,

UJeremiya 44:15

Ayesephendula uJeremiya onke amadoda ayekwazi ukuthi omkawo bashisela abanye onkulunkulu impepho nabo bonke abesifazane ababemi khona, ibandla elikhulu , bonke abantu ababehlala ezweni laseGibithe ePhatirosi; bathi:

UJeremiya 44:20

UJeremiya washo kubantu bonke , kwabesilisa nakwabesifazane , kubo bonke abantu abamphendule kanjalo, wathi:

UJeremiya 44:24

UJeremiya wathi futhi kubantu bonke nakubo bonke abesifazane : Yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enisezweni laseGibithe.

UJeremiya 45:1

Izwi uJeremiya , umprofethi, alikhuluma kuBaruki, indodana kaNeriya , ekulobeni kwakhe lawa mazwi encwadini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi , indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda , lokuthi:

UJeremiya 51:59

Izwi uJeremiya umprofethi ayala ngalo uSeraya indodana kaNeriya kaMakhaseya ekuhambeni kwakhe noSedekiya inkosi yakwaJuda eya eBabele ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe . USeraya wayeyisikhulu sezindawo zokuphumula.

UJeremiya 51:60

UJeremiya waloba encwadini konke okubi obekuyakwehlela iBabele , onke lawa mazwi alotshiwe ngeBabele.

UJeremiya 51:61

UJeremiya wathi kuSeraya : Ekufikeni kwakho eBabele bhekisisa ukuba ufunde onke lawa mazwi,