Skip to Content

"ukayini"

12 occurrences in ZUL

UGenesise 4:1

U-Adamu wamazi umkakhe u -Eva; wakhulelwa, wazala uKayini ; wathi: Ngitholile indoda kuJehova.

UGenesise 4:13

Khona wathi uKayini kuJehova: Isono sami sikhulu kunokuba ngisithwale.

UGenesise 4:15

Kepha uJehova wathi kuye : Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa. UJehova wabeka uphawu kuKayini , funa omfumanayo ambulale.

UGenesise 4:16

Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova , wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene. Inzalo kaKayini

UGenesise 4:17

UKayini wamazi umkakhe ; wakhulelwa, wazala u -Enoke. Wakha umuzi , wawuqamba igama lokuthi u-Enoke ngegama lendodana yakhe.

UGenesise 4:2

Waphinda wazala u -Abela umfowabo . U-Abela waba ngumalusi , uKayini waba ngumlimi.

UGenesise 4:24

Yebo, uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa, kepha uLameka kamashumi ayisikhombisa, aphindwe kasikhombisa.

UGenesise 4:25

U-Adamu wabuye wamazi umkakhe ; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti , ethi: UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika - Abela, njengokuba uKayini umbulele.

UGenesise 4:3

Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi.

UGenesise 4:5

Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala.

UGenesise 4:8

UKayini wakhuluma ku -Abela umf owabo, wathi: Masiye endle . Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala.

UNumeri 24:22

Nokho uKayini uyakuchithwa uze uthunjwe ngu-Ashuri.