Skip to Content

"ukufutheka"

47 occurrences in ZUL

IsiLilo 2:4

Yansala umnsalo wayo njengesitha , yema njengomelene nathi ngesokunene sayo, yabulala konke okwakumnandi emehlweni ethu . Etendeni lendodakazi yaseSiyoni yathulula ukufutheka kwayo njengomlilo.

IsiLilo 4:11

UJehova ufezile ukufutheka kwakhe, uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe; uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo.

IzAga 15:1

Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka , kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.

IzAga 19:12

Ukufutheka kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.

IzAga 21:14

Isipho ekusithekeni siyadambisa ulaka , nomvuzo esifubeni ukufutheka okunamandla.

U-Isaya 10:5

Wo kulo i -Asiriya, intonga yentukuthelo yami , nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku.

U-Isaya 27:4

Ukufutheka akukho kimi ; sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva ! Bengiyakuwasukela ngokulwa, ngiwashise kanyekanye,

U-Isaya 42:25

Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe , namandla empi; kwamvuthela nxazonke , kepha akakwazanga ; kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.

U-Isaya 51:13

Ukhohliwe uJehova uMenzi wakh o owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba; uthuthumele njalo izinsuku zonk e ngokufutheka komcindezel i njengokungathi ozilungiselela ukuchitha; kuphi ukufutheka komcindezeli na?

U-Isaya 51:20

Amadodana akho adangele, alala ezihlokweni zezitaladi zonke, njengewula esihibeni; agcwele ukufutheka kukaJehov a nokukhuza kukaNkulunkulu wakho.

U-Isaya 59:18

Njengokwenza kwabo, kanjalo uyakubaphindisela: ukufutheka kuzo izitha zakhe, nokwenza kwabo kwabamelene naye, abuyisele eziqhingini izenzo zazo.

UDaniyeli 3:19

Khona uNebukadines ari wagcwala ukufutheka , nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki , noMeshaki, no-Abedi Nego ; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho.

UGenesise 27:44

uhlale kuye izinsukwana ezithile, kuze kubohle ukufutheka komfowenu,

UHezekeli 13:15

Ngiyakufeza ukufutheka kwami ogangeni nakubo abalunameka ngodaka olungavuthiwe, ngithi kini: Alusekho ugange, abasekho abalunamekayo,

UHezekeli 14:19

Nokuba bengiyakuthuma isifo kulelo zwe , ngithele ukufutheka kwami phezu kwalo ngegazi ukuba nginqume kulo abantu nezilwane,

UHezekeli 16:42

Ngiyakuqeda ukufutheka kwami kuwe, umhawu wami usuke kuwe , ngibe nokuthula, ngingabe ngisacunuka.

UHezekeli 20:13

Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, balahla izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza ; amasabatha ami bawona kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo ehlane ukuba kubaqede.

UHezekeli 20:21

Kepha abantwana bangihlubuka , abahambanga ngezimiso zami , abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze , umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami ; ngase ngithi ngiyakuthulu la ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane.

UHezekeli 20:8

Kepha bangihlubuka, abangilalelanga, abalahlanga, kwaba yilowo nalowo okuzondekayo kwamehlo akhe , abazishiyanga izithombe zaseGibithe ; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo , ngifeze intukuthelo yami kubo phakathi kwezwe laseGibithe.

UHezekeli 22:22

Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando , kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso , nazi ukuthi mina Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu.

UHezekeli 22:31

Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ; ngibaqedile ngomlilo wentukuthelo yami, ngehlisela indlela yabo phezu kwama khanda abo, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 24:13

Ngokungcola kobufebe bakho nangokuba ngikuhlambululile ungahlanjululwanga kodwa awusayikuhlanjululwa ekungcoleni kwakho , ngize nganelise ukufutheka kwami kuwe.

UHezekeli 24:8

Ukuze kuvuswe ukufutheka kube yimpindiselo , ngabeka izingazi zawo edwaleni eliyinyabule ukuba zingasitshekelwa.

UHezekeli 30:15

Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kweSini , inqaba yaseGibithe , nginqume isixuku saseNo.

UHezekeli 36:18

Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.

UHezekeli 38:18

Kuyakuthi ngalolo suku lapho uGogi efika ezweni lakwa -Israyeli, isho iNkosi uJehova, ukufutheka kwami kukhuphukele emakhaleni ami.

UHezekeli 5:13

Isiyakuphela intukuthelo yami , nganelise ukufutheka kwami ngabo , ngiduduzeke; bayakwazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengifezile ukufutheka kwami ngabo.

UHezekeli 6:12

Okude uyakufa ngesifo, oseduze uyakuwa ngenkemba, oseleyo evinjezelwe uyakufa ngendlala, ngifeze kanjalo ukufutheka kwami kubo.

UHezekeli 7:12

Isikhathi sesifikile , usuku lusondele ; umthengi makangathokozi , nomthengisi makangalili, ngokuba ukufutheka kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.

UHezekeli 7:14

Babethile icilongo, balungisile konke, kepha akakho ophuma impi, ngokuba ukufutheka kwami kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.

UHezekeli 7:3

Ukuphela sekuphezu kwakho ; ngiyakuthuma ukufutheka kwami , ngikwahlulele njengezindlela zakho , ngehlisele phezu kwakho zonke izinengiso zakho.

UHezekeli 7:8

Manje sengiyakuthulula masinyane ukufutheka kwami phezu kwakho , ngifeze intukuthelo yami kuwe , ngikwahlulele njengezindlela zakho , ngehlisele phezu kwakho zonke izinengiso zakho.

UHezekeli 9:8

Kwathi esabulala , kwasala mina ; ngawa ngobuso , ngakhala ngathi : Maye, Nkosi Jehova ! Uyakubulala yonke insali yakwa -Israyeli ekutheleni kwakho ukufutheka kwakho phezu kweJerusalema na?

UHoseya 11:9

Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami , ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu , angisiye umuntu ; ngingoNgcwele phakathi kwenu, angiyikufika ngolaka.

UJeremiya 10:25

Thulula ukufutheka kwakho phez u kwabezizwe abangakwaziy o naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho , ngokuba bamdlile uJakobe ; yebo, bamdlile bamqeda, balichitha ikhaya lakhe.

UJeremiya 18:20

Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na ? lokhu bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakh o ukukhuluma okuhle ngabo nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.

UJeremiya 30:23

Bheka, isivunguvungu sikaJehova ! Ukufutheka kwakhe kuphumile , isivunguvungu esichithayo; siyakwehlela phezu kwamakhanda ababi.

UJeremiya 30:24

Ukufutheka okuvuthayo kukaJehova akuyiku buya, aze enze , aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda.

UJeremiya 42:18

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema , kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu , nxa nin gena eGibithe , nibe yisithuko , nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.

UJeremiya 44:6

Kwase kuthululwa ukufutheka kwami nentukuthelo yami, kwavutha emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema , kwaba yincithakalo nokuchitheka njenganamuhla.

UJeremiya 49:37

Ngiyakwenza ukuba i -Elamu liphele amandl a ngaphambi kwezitha zal o naphambi kwabafuna ukuphila kwabo , ngibehlisele okubi , ukufutheka kwentukuthelo yami, usho uJehova, ngithume inkemba emva kwabo , ngize ngibaqede.

UJeremiya 4:4

Zisokeleni kuJehova , nisuse amajwabu ezinhliziyo zen u nina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kuvuthe, kungabikho ongakucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.

UJeremiya 6:11

Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova , ngikhathele ukunyamezela. Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini , nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye, ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo , ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.

UJobe 15:13

uphendulele kuNkulunkulu ukufutheka kwakho , ukhiphe amazwi emlonyeni wakho na?

UJobe 21:20

Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo , bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.

UNahume 1:2

UJehova unguNkulunkul u oshisekelayo nophindiselayo ; uJehova uyaphindisela, ugcwele ukufutheka; uJehova uphindisela kwabamelene naye, ugcinela izitha zakhe intukuthelo.

UNahume 1:6

Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na ? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na ? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.