Skip to Content

"ukuhlola"

8 occurrences in ZUL

AbAhluleli 18:14

Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe laseLayishi base bephendula, bathi kubafowabo : Niyazi yini ukuthi kukho na kulezi zindlu ingubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibaziweyo , nesithombe esibunjiweyo na? Ngalokho cabangani manje ukuthi niyakwenzani.

AbAhluleli 18:17

Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe benyuka , bafika lapho , basithatha isithombe esibaziweyo , nengubo yamahlombe , namatherafi, nesithombe esibunjiweyo ; umpristi wema ngasesikhaleni sesango kanye nabantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa.

UNumeri 13:16

Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuhlola izwe . UMose wambiza uHosheya indodana kaNuni ngokuthi uJoshuwa.

UNumeri 13:17

UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani , wathi kubo : Yenyukani ngalapha, niye ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,

UNumeri 14:36

Nalawo madoda athunywa nguMose ukuhlola izwe , abuya akhononisa yonke inhlangano ngaye ngokuletha umbiko omubi ngezwe,

UNumeri 14:38

Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababenalawo madoda ukuhlola izwe basinda.

UNumeri 21:32

UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho.

UmShumayeli 9:1

Ngokuba konke lokho ngakubeka enhliziyweni yami ukuhlola konke lokho ukuthi abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma kulu thando noma kuyinzondo , akukho muntu okwaziyo; konke kusebusweni babo.