Skip to Content

"ukukholwa"

61 occurrences in ZUL

1 kaJohane 5:4

ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe ; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.

1 kaPetru 1:21

enikholwa nguNkulunkulu ngaye , owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.

1 kuThimothewu 5:12

banokulahlwa, ngokuba bechithile ukukholwa kwabo kokuqala.

1 kuThimothewu 5:8

Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.

1 kuThimothewu 6:10

Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho ko nke okubi ; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi. Ukukhonza uNkulunkulu ngesiminya; ukufundisa izicebi nokuxwaya isifundiso samanga

1 kwabaseKorinte 12:9

omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye,

1 kwabaseKorinte 13:13

Manje-ke kumi ukukholwa , nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu ; kepha okukhulu kulokho luthando.

1 kwabaseKorinte 15:17

Kepha uma uKristu engavuswanga , ukukholwa kwenu akusizi lutho , nisesezonweni zenu.

1 kwabaseKorinte 15:2

nenisindiswa ngalo , nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona , uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize.

1 kwabaseKorinte 2:5

ukuze ukukholwa kwenu kungemi ngokuhlakanipha kwabantu , kume ngamandla kaNkulunkulu.

1 kwabaseThesalonika 1:8

Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina , lwafika, angisho eMakedoniya nase -Akhaya kuphela , kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona ; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho.

1 kwabaseThesalonika 3:5

Ngalokho nami, lapho ngingasenakubekezela, ngathumela ukuba ngiqonde ukukholwa kwenu, ingabe mhlawumbe umlingi unilingile yini, ukukhandleka kwethu kube yize. Esebuyile uThimothewu, uPawulu uyathokoza; uyabakhulekela

2 kaPetru 1:1

USimeyoni Petru , inceku nomphostoli kaJesu Kristu , kubo abazuzile ukukholwa okuyigugu ngokufana nokwethu ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu:

2 kuThimothewu 2:18

abadukileyo mayelana neqiniso , bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile , bechitha ukukholwa kwabanye.

2 kuThimothewu 4:7

Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa;

2 kwabaseKorinte 8:7

Kepha njengalokho nivamile kukho konke : ukukholwa, namazwi, nokwazi, nokukhuthala konke, nothando enisithanda ngalo , manivame nakuwo lowo msebenzi womusa.

2 kwabaseThesalonika 3:2

nokuba sikhululwe kuban tu abadukileyo nababi ; ngokuba ukukholwa akusikho okwabo bonke.

EkaJakobe 2:1

Bazalwane bami , ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi nokukhetha abantu.

EkaJakobe 2:13

Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyaku mehlela ongenzi isihawu ; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni. Ukukholwa kufanele kube nezenzo

EkaJakobe 2:14

Kusizani, bazalwane bami , uma umuntu ethi unokukholwa , kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?

EkaJakobe 2:18

Kepha omu nye uyakuthi : Wena unokukholwa , mina nginemisebenzi , ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi , nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami.

EkaJakobe 2:20

Kepha wena muntu ongelutho uyathanda ukuqonda ukuthi ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize na?

EkaJakobe 2:22

Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi ya khe nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi,

IzEnzo 16:11

Khona samuka eTrowa ngomkhumbi , saqonda eSamotrake , ngangomuso safika eNeyapholi. UPawulu ushumayela eFilipi; ukukholwa kukaLidiya

IzEnzo 3:12

Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na?

IzEnzo 6:5

Leli zwi laba lihle kulo lonke ibandla ; base bekhetha uStefanu , umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele , noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite lase-Antiyokiya,

KuFilemoni 1:3

Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. UPawulu ubabaza ukukholwa kukaFilemoni

KumaHeberu 11:1

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezin to ezithenjwayo , kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.

KumaHeberu 11:6

kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa ; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

KumaHeberu 13:7

Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini , niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.

KwabaseFilipi 1:29

Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe,

KwabaseGalathiya 1:23

abesezwile nje ukuthi : Lowo okade esizingela useshumayela ukukholwa akade ekuchitha.

KwabaseGalathiya 3:23

Kepha kungakafiki ukukholwa , sasigcinwa phansi komthetho , sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa.

KwabaseGalathiya 3:25

Kepha-ke sekufikile ukukholwa, asisephansi komlayi.

KwabaseGalathiya 5:6

Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki , kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.

KwabaseKolose 1:2

kubo abaseKolose , abangcwele nabazalwane abakholwayo kuKristu ; makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu. UPawulu ubonga ukukholwa nothando lwabaseKolose

KwabaseRoma 10:17

Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa , ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.

KwabaseRoma 13:11

Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso.

KwabaseRoma 14:22

Ukukholwa onakho , yiba nakho ngokwakho phambi kukaNkulunkulu . Ubusisiwe ongazahluleli ngalokho akukhethayo;

KwabaseRoma 1:8

Kuqala-ke ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke , ngokuba ukukholwa kwenu kunconywa ezweni lonke.

KwabaseRoma 4:14

Ngokuba uma izindlalifa ziyizo ngawo umthetho, ukukholwa kwenziwe ize, nesithembiso asiselutho;

KwabaseRoma 4:5

kepha kongasebe nziyo, kodwa ekholwa nguye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa yena ukuthi kungukulunga,

KwabaseRoma 4:9

Ngakho-ke lokhu kubusiswa kuqondene nabasokile noma nabangasokile na ? Ngokuba sithi: Ukukholwa kwabalelwa u-Abrahama ukuthi kungukulunga.

NgokukaLuka 17:19

Wayesethi kuye: Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile. Umbuso kaNkulunkulu; ukubuya kweNdodana yomuntu

NgokukaLuka 17:5

Abaphostoli base bethi eNkosini: Yandisa ukukholwa kwethu.

NgokukaLuka 18:42

UJesu wathi kuyo: Bona! Ukukholwa kwakho kukusindisile.

NgokukaLuka 18:8

Ngithi kini: Uzakubezwela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu , imbala iyakufumana ukukholwa emhlabeni na? UmFarisi nomthelisi ethempelini

NgokukaLuka 22:32

kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli ; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.

NgokukaLuka 5:20

Ebona ukukholwa kwawo wathi: Mngane, uthethelelwe izono zakho.

NgokukaLuka 7:50

Kepha wathi kowesifazane : Ukukholwa kwakho kukusindisile ; hamba, ube nokuthula.

NgokukaLuka 7:9

UJesu ekuzwa lokho wamangala ngayo , waphenduka, wathi esixukwini esimlandelayo: Ngithi kini : Angizange ngifumane ukukholwa okungaka nakwa-Israyeli.

NgokukaLuka 8:25

Wayesethi kubo : Kuphi ukukholwa kwenu na ? Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele? Ukukhishwa kwamademoni (Math. 8:28; Mark. 5:1-20)

NgokukaLuka 8:48

Wayesethi kuye: Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.

NgokukaMarku 10:52

UJesu wathi kuyo : Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile . Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.

NgokukaMarku 2:5

UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi : Ndodana, uthethelelwe izono zakho.

NgokukaMarku 5:34

Wayesethi kuye: Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.

NgokukaMathewu 15:28

Khona uJesu waphendula , wathi kuye : O mame , kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho. Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi. UJesu uphulukisa iziguli; usuthisa amadoda ayizinkulungwane ezine (Mark. 7:31; 8:1)

NgokukaMathewu 8:10

UJesu ekuzwa lokho wamangala , wathi kwabamlandelayo : Ngiqinisile ngithi kini : Angizange ngifumane kwa -Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu.

NgokukaMathewu 9:2

Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni . UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: Yima isibindi , ndodana; uthethelelwe izono zakho.

NgokukaMathewu 9:22

UJesu ephenduka wambona , wathi: Yima isibindi , ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile. Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.

UDuteronomi 32:20

Wayesethi: Ngiyakubafihlela ubuso bami , ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini ; ngokuba bayisizwe esiphambeneyo , abantwana okungekho kubo ukukholwa.