Skip to Content

"ukukhonza"

30 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:11

abapristi baze bangema ukukhonza ngenxa yefu , ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.

1 iziKronike 16:4

Wabela amaLevi athile ukukhonza phambi komphongolo kaJehova ukuba amkhumbule, ambonge, amdumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli:

1 iziKronike 23:28

Ngokuba indawo yawo yayingasesandleni samadodana ka-Aroni ukukhonza endlini kaJehova, nasemagcekeni, nasemakamelweni, nokuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nomsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu,

1 iziKronike 26:12

Lezo zigaba zabalindisango , izinhloko zabantu , zaba nemfanelo yazo njengabafowabo ukukhonza endlini kaJehova.

1 kuThimothewu 6:10

Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho ko nke okubi ; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi. Ukukhonza uNkulunkulu ngesiminya; ukufundisa izicebi nokuxwaya isifundiso samanga

1 kwabaseKorinte 10:14

Ngalokho-ke, bathandwa bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.

1 kwabaseKorinte 16:15

Ngiyanincenga, bazalwane, niyayazi indlu kaStefana ukuthi ingulibo lwase- Akhaya nokuthi bazimisele ukukhonza abangcwele

1 kwabaseKorinte 16:21

Nakhu ukukhonza kwami mina Pawulu ngesandla sami.

1 uSamuweli 1:3

Lowo muntu weny uka emzini wakhe iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova Sebawoti eShilo . Kwakukhona lapho amadodana amabili ka-Eli, oHofini noFinehasi, bengabapristi bakaJehova.

2 iziKronike 5:14

baze bangema abapristi ukukhonza ngenxa yefu ; ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.

2 kuThimothewu 4:5

Kepha wena , qonda ezintweni zonke , ubekezele ekuhluphekeni , wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho.

2 kwabaseKorinte 9:12

Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo akuqedi kuphela u kuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunkulu ngabaningi,

EkaJakobe 1:26

Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa , engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.

EkaJakobe 1:27

Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.

IzEnzo 12:25

Kepha oBarnaba noSawulu babuya eJerusalema sebeqede ukukhonza kwabo, behamba benoJohane othiwa uMarku.

KumaHeberu 1:14

Azisibo yini zonke omoya boku khonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?

KwabaseKolose 4:18

Yilokhu ukukhonza kwami ngesandla sami , mina Pawulu . Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.

KwabaseRoma 11:13

Ngikhuluma kini nina bezizwe . Njengokuba mina ngingumphostoli wabezizwe, ngidumisa ukukhonza kwami

NgokukaMarku 10:45

Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi. UBartimewu impumputhe (Math. 20:29)

NgokukaMathewu 20:28

njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi. UJesu usiza izimpumputhe ezimbili ukuba zibone (Mark. 10:46)

UDaniyeli 1:4

abafana abangenasici , ababukeka kahle , abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini , abanokuqonda ekwazini , abanamandla ukukhonza endlini yenkosi, abafundise izincwadi nolimi lwamaKaledi.

UDuteronomi 13:6

Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho , noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo , wena nawoyihlo,

UDuteronomi 17:12

Umuntu oziqhenya ngokungalaleli umpristi omiyo ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli , lowo muntu makafe , wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli.

UJeremiya 40:9

UGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani wafunga kubo nakubantu babo , wathi: Ningesabi ukukhonza amaKaledi : hlalani ezweni , niyikhonze inkosi yaseBabele, kuyakuba kuhle kini.

UJobe 39:9

Inyathi iyakuthanda ukukhonza, ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na?

UMalaki 3:14

Nithi: Kuyize ukukhonza uNkulunkulu ; kuyinzuzoni ukuthi sigcinile imfanelo yakhe nokuthi sihambe ngokukhedamisa phambi kukaJehova Sebawoti na?

UNumeri 3:3

Yilawo angamagama amadodana ka -Aroni, abapristi abagcotshiweyo , abahlukaniselwa ukukhonza esikhundleni sobupristi.

UNumeri 4:35

kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabeneminyaka engamashumi ayisihlanu , bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana;

UNumeri 4:39

kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu , bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana,

UNumeri 4:43

kusukela kwabaneminyaka engamash umi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu , bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana,