Skip to Content

"ukukhuleka"

22 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:42

ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu , nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo lapho ebeseza ukukhuleka kule ndlu,

1 AmaKhosi 8:54

Kwathi uSolomoni eseqedile ukukhuleka wonke lo mkhuleko nalokho kunxusa kuJehova, wasuka e-altare likaJehova ekuguqeni ngamadolo akhe , izandla zakhe zelulelwe ngasezulwini.

1 uSamuweli 1:12

Kwathi esaqhubeka ukukhuleka phambi ku kaJehova, u-Eli waqaphela umlomo wakhe.

2 iziKronike 6:32

Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho u -Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu nesandla sakho esinamandla nengalo yakho eyeluliweyo, abesefika ukukhuleka kule ndlu,

2 iziKronike 7:1

USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.

EkaJakobe 5:12

Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo ; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo , noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni. Ukukhuleka

IsAmbulo 19:10

Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha. UKristu uyalwa nesilo

IzEnzo 10:31

yathi: Korneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho , nokwabela kwakho abampofu izipho kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu.

IzEnzo 16:13

Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona ; sahlala phansi , sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene.

IzEnzo 4:22

ngokuba umuntu esenziwe kuye leso sibonakaliso sokuphulukiswa wayeneminyaka eve emashumini amane. Ukukhuleka kwebandla

NgokukaJohane 4:24

UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.

NgokukaLuka 11:1

Kwathi ekhuleka endaweni ethile , esegcinile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye : Nkosi, sifundise ukukhuleka , njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe.

NgokukaLuka 18:1

Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali.

NgokukaMathewu 2:2

Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba sibonile inkanyezi yakhe kwelasempumalanga, size ukukhuleka kuye.

NgokukaMathewu 6:5

Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasi nagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.

U-Isaya 66:23

Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye yonke inyama iyakufika ukukhuleka phambi kwami , usho uJehova.

UGenesise 4:26

Naye uSeti wazala indodana , wayiqamba igama layo ngokuthi u -Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.

UJeremiya 26:2

Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli zwi.

UJeremiya 29:12

Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.

UJeremiya 7:2

Yima esangweni lendlu kaJehova , umemeze lapho leli zwi , uthi: Zwanini izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa m asango ukukhuleka kuJehova.

UZakariya 14:16

Kuyakuthi bonke abaseleyo ezizweni zonke ezazilifikela iJerusalema bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti nokugubha umkhosi wamadokodo.

UZakariya 14:17

Kuyakuthi abangakhuphuki emindenini yomhlaba , baye eJerusalema ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti, phezu kwabo kungabi yimvula.