Skip to Content

"ukukhuluma"

77 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:56

Makabongwe uJehova onike abantu bakhe u -Israyeli ukuphumula njengakho konke akushiloyo ; akuwanga izwi elilodwa lakho konke ukukhuluma kwakhe okuhle akusho ngesandla sikaMose inceku yakhe.

1 kuThimothewu 6:20

Thimothewu, londa k ahle okubekiweyo kuwe , ugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana kwalokho okuthiwa ukwazi kungesikho,

1 kwabaseKorinte 12:10

omunye ukwenza imisebenzi yamandla , omunye ukuprofetha , omunye ukwahlukanisa omoya , omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi , omunye ukuhumusha izilimi.

1 kwabaseKorinte 14:19

kodwa ebandleni ngingathanda ukukhuluma amazwi ayisihlanu ngengqondo yami , ukuze ngifundise abanye , kunamazwi ayizinkulungwane eziyishumi ngezilimi.

1 kwabaseKorinte 14:39

Ngakho-ke, bazalwane bami , zondelelani ukuprofetha , ningakuvimbeli ukukhuluma ngezilimi.

1 kwabaseThesalonika 1:8

Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina , lwafika, angisho eMakedoniya nase -Akhaya kuphela , kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona ; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho.

1 kwabaseThesalonika 2:16

besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo. Uthando lukaPawulu aluguqukile

1 uSamuweli 18:1

Kwathi eseqedile ukukhuluma kuSawule , inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide , uJonathani wamthanda njengenhliziyo yakhe.

1 uSamuweli 24:16

Kwathi uDavide eseqedile ukukhuluma lawo mazwi kuSawule , uSawule wathi: Yizwi lakho leli , ndodana yami Davide, na? USawule wadazuluka , wakhala.

2 AmaKhosi 18:27

Kepha uRabi Shake wathi kubo : Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawa mazwi na ? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo , baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?

2 kuThimothewu 2:16

Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme ; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu,

2 kwabaseKorinte 10:10

Ngokuba izincwadi -ke bathi zinzima , zibukhali, kepha nxa ekhona ngomzimba, ubuthakathaka, ukukhuluma kwakhe kudelelekile.

2 uSamuweli 13:36

Kwathi eseqedile ukukhuluma, bheka, afika amadodana enkosi, adazuluka, akhala; nenkosi nazo zonke izinceku zayo zakhala ngokukhala okukhulu kakhulu.

2 uSamuweli 14:15

Ngalokho-ke lokhu ngize ukukhuluma leli zwi enkosini yami , inkosi, kungokuba abantu bengesabisile ; incekukazi yakho yayisithi: Mangikhulume enkosini; mhlawumbe inkosi iyakwenza izwi lencekukazi yayo.

2 uSamuweli 19:11

Inkosi uDavide yathumela kuSadoki naku -Abiyathara abapristi , yathi: Khulumani kumalunga akwaJuda , nithi: Kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi endlini yayo , lokhu kufinyelele enkosini nasendlini yayo konke ukukhuluma kuka-Israyeli, na?

2 uSamuweli 20:18

Wathi-ke: Endulo babevama ukukhuluma ngokuthi : Kuyakubuzwa nokubuzwa e-Abela. Base beqeda.

2 uSamuweli 3:19

U-Abineri wakhuluma futhi ezindlebeni zakwaBenjamini ; u-Abineri waya futhi ukukhuluma ezindle beni zikaDavide eHebroni konke okwakukuhle ku - Israyeli nakuyo yonke indlu yakwaBenjamini.

AbAhluleli 15:17

Kwathi eseqedile ukukhuluma , wawulahla umhlathi esandleni sakhe ; leyo ndawo yathiwa iRamati Lehi.

AmaHubo 103:20

Bongani uJehova nina zingelosi zakhe , nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.

AmaHubo 19:3

Akukho ukukhuluma, awakho amazwi, lapho izwi lingezwakali khona.

AmaHubo 34:13

Londa ulimi lwakho kokubi , nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.

AmaHubo 77:4

Uzibambile izinkophe zamehlo ami , angavaleki; ngikhathazekile, angisakwazi ukukhuluma.

AmaHubo 83:1

Nkulunkulu, ungathuli, ungalibali, ungali ukukhuluma, Nkulunkulu.

EkaJakobe 1:19

Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo . Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela;

IzAga 4:20

Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.

IzEnzo 11:15

Ngathi ngisaqala ukukhuluma , uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengakithi ekuqaleni.

IzEnzo 2:4

Base begcwala bonke uMoya oNgcwele , baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.

IzEnzo 4:20

ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalo kho esikubonileyo nesikuzwileyo.

IzEnzo 6:13

bamisa ofakazi bamanga abathi : Lo muntu akayeki ukukhuluma amazwi ngale ndawo engcwele nangomthetho;

KwabaseKolose 4:4

ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma.

KwabaseKolose 4:6

Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo , kuyolisiwe ngosawoti , ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu. OThikhiku no-Onesimu

KwabaseRoma 3:19

Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe , izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,

NgokukaLuka 11:29

Sekubuthana kuye izixuku , waqala ukukhuluma , wathi: Lesi sizukulwane siyisizukulwane esibi; sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona.

NgokukaLuka 12:1

Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.

NgokukaLuka 1:20

Bheka-ke, uzakuba yisimungulu, ungakwazi ukukhuluma kuze kube lusuku okwenzeka ngalo lokhu , ngokuba ungakholwanga ngamazwi ami azakugcwaliseka ngesikhathi sawo.

NgokukaLuka 1:22

Kuthe esephuma, wahluleka ukukhuluma kubo; bazi ukuthi ubone umbono ethempelini; wayelokhu ebaqhweba, wahlala eyisimungulu.

NgokukaLuka 24:6

Kakho lapha , kepha uvukile ; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile,

NgokukaLuka 4:21

Waqala ukukhuluma kubo , ethi: Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo ezindlebeni zenu.

NgokukaLuka 5:15

Kwayilapho ukukhuluma ngaye kwanda kakhulu . Zabuthana izixuku eziningi ukuzwa nokuphulukiswa ezifweni zazo.

NgokukaLuka 5:4

Kuthe esegcinile ukukhuluma , wathi kuSimoni : Qhubekela ekujuleni , nehlise amanetha enu, nibambe.

NgokukaLuka 7:15

Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma; yamnika unina.

NgokukaLuka 7:24

Sezimukile izithunywa zikaJohane , yaqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, ithi: Naphuma naya ehlane ukuyobonani na ? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?

NgokukaMarku 12:1

Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso , ethi: Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo , wakha isiqongo sokulinda , wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.

NgokukaMarku 13:5

Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo , ethi: Qaphelani ningadukiswa muntu.

NgokukaMarku 1:34

Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ng ezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi.

NgokukaMathewu 11:7

Kepha sebemuka laba , uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJ ohane, wathi: Naphuma naya ehlane ukuyobonani na ? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?

NgokukaMathewu 12:46

Esashumayela ezixukwini , bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye.

NgokukaMathewu 12:47

Omunye wathi kuye : Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.

U-Eksodusi 31:18

Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi , izibhebhe zamatshe , zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.

U-Eksodusi 34:33

UMose eseqedile ukukhuluma nabo, wafaka iveli ebusweni bakhe.

U-Eksodusi 34:34

Kepha uMose esezakungena phambi kukaJehova ukukhuluma naye , walikhumula iveli waze waphuma; waphuma, wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli lokho akuyalelweyo.

U-Eksodusi 5:23

Selokhu ngafika kuFaro ukukhuluma egameni lakho , ubaphathe kabi laba bantu, nawe awubophulanga nakanci abantu bakho.

U-Isaya 28:23

Bekani indlebe, nizwe izwi lami; lalelani, nizwe ukukhuluma kwami.

U-Isaya 29:4

Uyakubhidlizelwa phansi , ukhulume usemhlabathini; ukukhuluma kwakho kuyakuthotshiselwa phansi , kuphume othulini , izwi lakho libe njengelonedlozi livela emhlabathini , ukukhuluma kwakho kubethe imiloz i othulini.

U-Isaya 36:12

Kepha uRabi Shake wathi : Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawamazwi na ? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?

U-Isaya 7:10

UJehova waqhubeka ukukhuluma ku-Ahazi, wathi:

UDuteronomi 20:9

Kuyakuthi lapho izinduna s eziqedile ukukhuluma , zikhethe izin duna zamabandla eziyakubahola abantu.

UDuteronomi 31:1

UMose waya ukukhuluma lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli,

UGenesise 17:22

UNkulunkulu wayeseqeda ukukhuluma naye , wenyuka emshiya u - Abrahama. Ukusokwa kwabantu baka-Abrahama

UGenesise 18:27

Kepha u -Abrahama waphendula wathi : Bheka, sengiqalile ukukhuluma eNkosini, mina engiluthuli nomlotha.

UGenesise 18:31

Kepha w athi: Bheka, ngiqalile ukukhuluma neNkosi . Mhlawumbe kungatholakala abangamashumi amabili khona . Wathi: Angiyikuwubhubhisa ngenxa yabangamashumi amabili.

UGenesise 18:33

UJehova wasuka , nxa eseqedile ukukhuluma no -Abrahama; u-Abrahama wabuyela endaweni yakhe.

UGenesise 24:15

Kwathi ingakaqedi ukukhuluma , bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka , umkaNahori, umfowabo ka -Abrahama, enembiza yakhe ehlombe.

UGenesise 24:45

Ngingakaqedi ukukhuluma enhliziyweni yami , bheka, kweza uRebeka enembiza yakhe ehlombe ; wehlela emthonjeni , wakha; ngathi kuye : Ake ungiphuzise.

UHoseya 1:2

Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya , uJehova wat hi kuHoseya : Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.

UJeremiya 18:20

Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na ? lokhu bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakh o ukukhuluma okuhle ngabo nokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.

UJeremiya 1:6

Kepha ngathi: Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.

UJeremiya 26:8

Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma konke uJehova amyale ngakho ukuba akukhulume kubo bonke abantu , abapristi, nabaprofethi, nabantu bonke, bambamba, bathi: Uyakufa nokufa.

UJeremiya 43:1

Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubantu bonke onke amazwi kaJehova uNkulunkulu wabo , uJehova uNkulunkulu wabo amthume nawo kubo, onke lawa mazwi,

UJeremiya 9:5

Yilowo nalowo uyakh ohlisa umakhelwane wakhe , abakhulumi iqiniso ; bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga , bazikhathaza ngokwenza okubi.

UJobe 29:9

izikhulu zayeka ukukhuluma, zabeka izandla emilonyeni yazo;

UJobe 32:4

U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe , ngokuba bona babebadala kunaye.

UJobe 6:25

Ukukhuluma okuqotho kunamandla , kepha ukusolwa nokusolwa yinina kusizani na?

UJobe 6:26

Nicabanga yini ukusola amazwi , lokhu ukukhuluma kophelelwa ithemba kungumoya nje na?

UNumeri 12:8

ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo ngokusobala , kungabi ngamazwi ayimfumbe; isimo sikaJehova uyakusibona ; anesabanga ngani ukukhuluma ngenceku yami uMose na?

UNumeri 23:12

Waphendula wathi : Angiyikuqaphela ukukhuluma lok hu uNkulunkulu akufakile emlonyeni wami na?

URuthe 1:18

Esebonile ukuthi uzimisele ukuhamba naye, wayeka ukukhuluma kuye.