Skip to Content

"ukulidla"

23 occurrences in ZUL

U-Ezra 9:11

oyale ngayo ngezandla zezinceku zakho abaprofethi ngokuthi : Izwe eniya kulo ukulidla liyizwe elingcolileyo ngenxa yokungcola kwabantu bezizwe ngezinengiso zabo eziligcwalisile ngokonakalisa kwabo , kusukela ekuqaleni kuze kufike ekugcineni.

UDuteronomi 11:10

Ngokuba izwe ongena kulo ukulidla alinjengezwe laseGibithe enaphuma kulo, lapho wahlwanyela khona imbewu yakho, wayinisela ngonyawo lwakho njengesivande semifino,

UDuteronomi 11:11

kepha izwe eniya kulo ukulidla liyizwe lezintaba nelezigodi , liphuza amanzi emvula yezulu,

UDuteronomi 11:29

Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, usibeke isibusiso entabeni yaseGerizimu nesiqalekiso entabeni yase-Ebali.

UDuteronomi 11:31

Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona, nilidle, nihlale kulo.

UDuteronomi 11:8

Ngalokho niyakugcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, ningene nilidle izwe eniwela ukuya kulo ukulidla,

UDuteronomi 23:20

Umfokazi ungamtsheleka ngenzalo , kepha umfowenu awuyikumtsheleka ngenzalo ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka isandla sakho kukho ezweni ongena kulo ukulidla.

UDuteronomi 28:21

UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo , aze akuqede ezweni ongena kulo ukulidla.

UDuteronomi 28:63

Kuyakuthi njengalokho uJehova wayejabula ngani ukunenzela okuhle nokunandisa, kanjalo uJehova ajabule ngani ukwenza ukuba nibhubhe , niqothulwe, nisishulwe ezweni eningena kulo ukulidla.

UDuteronomi 2:24

Sukani nihambe , niwele umfula i -Arinoni; bhekani, nginikele esandleni sakho uSihoni umAmori , inkosi yaseHeshiboni, nezwe lakhe: qala ukulidla, ulwe naye ekulweni.

UDuteronomi 2:31

UJehova wayesethi kimi : Bheka, ngiqalile ukunikela uSihoni nezwe lakhe phambi kwakho: qala ukulidla ukuba udle ifa lezwe lakhe.

UDuteronomi 30:16

ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho , uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe , nezimiso zakhe , nezahlulelo zakhe , ukuze uphile , wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.

UDuteronomi 30:18

ngiyanimemezela namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha ; aniyikuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.

UDuteronomi 31:13

nokuba abantwana babo abangawaziyo bezwe , bafunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wenu isikhathi sonke sokuhlala kwenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.

UDuteronomi 32:47

Ngokuba akusiyo into eyize kini ; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.

UDuteronomi 4:14

UJehova wanginika ngaleso sikhathi uku nifundisa izimiso nezahlulelo ukuba nizenze ezweni eningena kulo ukulidla.

UDuteronomi 4:5

Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.

UDuteronomi 6:1

Nansi imiyalo , nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,

UDuteronomi 7:1

Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho , amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,

UDuteronomi 8:1

Yonke imiyalo engikuya la ngayo namuhla niyakuyigcina niyenze ukuba niphile, nande, ningene ukulidla izwe uJehova alifungela oyihlo.

UJoshuwa 18:3

UJoshuwa wathi kubantwana bakwa -Israyeli: Niyakuyekethisa kuze kube nini ukuya ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninike lona na?

UNehemiya 9:15

wabanika isinkwa esivela ezulwini ngokulamba kwabo , wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo , wabayala ukuba bangene ukulidla izwe owaphakamisa ngalo isandla sakho ukuba ubanike lona.

UNehemiya 9:23

Nabantwana babo wabandisa ngangezinkanyezi zezulu , wabangenisa ezweni owasho ngalo koyise ukuthi bayakungena ukulidla.