Skip to Content

"ukuqonda"

33 occurrences in ZUL

1 iziKronike 12:32

Kubantwana bakwa -Isakare ngabazi ukuqonda izikhathi ukuba bazi okufanele ukwenziwa ngu -Israyeli; izinhloko zabo zazingamakhulu amabili; bonke abafowabo balalela izwi labo.

1 kaPetru 4:1

Njengokuba uKristu wahluphek a enyameni , hlomani nani ukuqonda okunjalo, ngokuba ohluphekile enyameni uyekile ukona,

2 iziKronike 30:22

UHezekiya wakhuluma kahle kuwo onke amaLevi ayebonakalisa ukuqonda inkonzo kaJehova . Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa , benikela ngemihlats helo yeminikelo yokut hula, bembonga uJehova uNkulunkulu wawoyise.

2 kuThimothewu 2:7

Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke.

AmaHubo 119:104

Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda ; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga.

AmaHubo 119:144

Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade ; ngiphe ukuqonda uku ba ngiphile.

AmaHubo 119:66

Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi, ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho.

AmaHubo 147:5

INkosi yethu inkulu , makhulu amandla ayo ; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.

EkaJakobe 2:20

Kepha wena muntu ongelutho uyathanda ukuqonda ukuthi ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize na?

IzAga 13:15

Ukuqonda kahle kuveza umusa, kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni.

IzAga 15:5

Isiwula siyadelela ukulaya kukayise , kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.

IzAga 16:16

Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide; yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.

IzAga 16:22

Ukuqonda kungumthombo wok uphila konakho , kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula.

IzAga 17:16

Yini ukuba kube yimali esandlen i sesiwula ukuthenga ukuhlakanipha , kungekho ukuqonda, na?

IzAga 19:25

Shaya isideleli , ongenalwazi uyakuthola ukuqonda ; sola oqondileyo , uyakuqonda ukwazi.

IzAga 19:8

Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe ; ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.

IzAga 21:30

Akukho ukuhlakanipha , akukho ukuqonda , nesiluleko, okungamelana noJehova.

IzAga 2:11

Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine,

IzAga 3:5

Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho , ungenciki kokwakho ukuqonda.

IzAga 4:1

Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda.

IzAga 4:5

Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;

IzAga 6:32

Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda ; wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.

IzAga 7:4

Yisho kukho ukuhlakanipha : Ungudadewethu, ubize ukuqonda ngokuthi owazana nawe,

KwabaseFilipi 4:7

Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.

UDaniyeli 10:12

Wayesethi kimi: Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwiwa ; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.

UDuteronomi 32:28

Ngokuba bayisizwe esimasu aso aphelile, akukho ukuqonda kubo.

UJobe 11:6

akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha , ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi, uze wazi ukuthi uNkulunkulu , ukuba kube kuhle kuwe , wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.

UJobe 12:12

Ezimpungeni kukhona ukuhlakanipha, nasebudeni bezinsuku ukuqonda.

UJobe 12:20

Uyasusa ulimi lwabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.

UJobe 26:3

Umlulekile kanjani ongenak uhlakanipha! Umemezile kangakanani ukuqonda!

UJobe 38:36

Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu, ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?

UJobe 38:4

Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba , na? Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda.

UJobe 39:17

Ngokuba uNkulunkulu wayenza ukuba ikhohlwe ukuhlakanipha , akayabelanga ukuqonda.