Skip to Content

"ukusebenza"

10 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 15:58

Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile , abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi , nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.

1 kwabaseKorinte 9:6

Kanti yimi kuphela noBarnaba esingenalungelo lokuyeka ukusebenza na?

2 iziKronike 2:14

indodana yowesifazane wamadodakazi akwaDani ; uyise wayengumuntu waseTire, owayekwazi ukusebenza ngegolide , nangesiliva, nangethusi, nangensimbi, nangamatshe, nangemithi, nangokububende, nangokuluhlaza, nangelineni elicolekileyo , nangokubomvu, nangokuqopha imiqopho yonke , nangokuqamba yonke imisebenzi yobungcweti , ukuba anikwe indawo kanye nezingcweti zakho nezingcweti zenkosi yami uDavide uyihlo.

2 kwabaseThesalonika 3:10

Ngokuba nalapho sisekini , saniyala ngalokhu ukuthi : Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.

IzAga 21:25

Isifiso sevila siyalibulala, ngokuba izandla zalo ziyenqaba ukusebenza.

NgokukaJohane 9:4

Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo , kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu.

NgokukaLuka 10:40

Kepha uMarta ekhathazekile ukusebenza okuningi waya kuye, wathi: Nkosi, awukhathaleli ukuthi udadewethu ungishiyile , ngisebenze ngedwa, na? Ngakho yisho kuye ukuba angisize.

NgokukaMathewu 4:11

USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza. UJesu uqala ukusebenza eGalile. Ukubizwa kwabafundi (Mark. 1:14; Luk. 5:1)

UGenesise 29:14

ULabani wathi kuye: Impela uyithambo lami nenyama yami. Wahlala kuye inyanga yonke. UJakobe uqala ukusebenza kuLabani

UNumeri 8:19

Ngiwanikile amaLevi abe yisipho sika -Aroni nesamadodana akhe esivela kubantwana bakwa -Israyeli ukusebenza umsebenzi wabantwana bakwa - Israyeli etendeni lokuhlangana nokwenzela abantwana bakwa -Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabikho sifo phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli, lapho abantwana bakwa-Israyeli besondela endlini engcwele.