"ukuthukuthela"
16 occurrences in ZUL
UNkulunkulu unikele esandleni senu izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi; mina benginamandla okwenzani , uma kulinganiswa nokwenu , na? Kwase kubohla ukuthukuthela kwabo ngaye, eseshilo lokho. ISukoti nePhenuweli
UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.
UJehova unesihe nobumnene; uyephuza ukuthukuthela, mkhulu ngomusa.
Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje , umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.
Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje.
Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho ; amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela
Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo . Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela;
Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi , kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.
Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana , kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.
Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe , nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.
UJehova wadlula phambi kwakhe , wamemeza wathi : NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,
kusuke kuwe ukuthukuthela komnewenu, akhohlwe lokho okwenze kuye , bese ngithuma ngikulande khona ; ngizakwaphucwa ngani nina nobabili ngalusuku lunye na?
Wakhuleka kuJehova , wathi: Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na ? Ngalokho ngak wandulela ngokubalekela eTharishishi , ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene , wephuza ukuthukuthela , unesihe esikhulu , uzisola ngokubi;
Niklebhule inhliziyo yenu , hhayi izingubo zenu , niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu , ngokuba yena unomusa , unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uhawukela nomubi.
UJehova wephuza ukuthukuthela , mkhulu ngamandla, akenzi onecala abe msulwa; uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni , namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.
Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.