"ukuthunjwa"
25 occurrences in ZUL
Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo.
Buyisa, Jehova, ukuthunjwa kwethu njengemifula yaseningizimu.
Sengathi ukusindiswa kuka -Israyeli kungavela eSiyoni . Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabant u bakh e uJakobe uyakwethaba , u-Israyeli ajabule.
Sengathi kungavela u kusindiswa kuka -Israyeli eSiyoni. Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe , uJakobe ethabe , u- Israyeli ajabule.
Abaprofethi bakho bakubonele imibono eyize nobuwula ; abambulanga ukona kwakho ukuba babuyise ukuthunjwa kwakho . Kepha bakubonele iziprofetho eziyize nezikhohlisayo.
Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe imizi echithekileyo, bahlale kuyo ; bayakutshala izivi ni, baphuze iwayini lazo ; bayakwenza nezivande, badle izithelo zazo.
khona uJehova uNkulunkulu wak ho uyakubuyisa ukuthunjwa kwakho , akuhawukele, abuye akubuthe ezizweni zonke , lapho uJehova u Nkulunkulu wakho ekuhlakazele khona.
Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabo , ukuthunjwa kweSodoma nokwamadodakazi alo , nokuthunjwa kweSamariya nokwamadodakazi alo , nokuthunjwa kwabathunjwa bakho phakathi kwawo
ngibuyise ukuthunjwa kwaseGibithe , ngibabuyisele ezweni lasePhatirosi , izwe lokudabuka kwabo, babe ngumbuso ophansi khona.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJakobe, ngihawukele yonke indlu yakwa -Israyeli, ngibe nomhawu ngegama lami elingcwele.
Nawe Juda ulungiselwe ukuvunwa, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.
Ngiyakufunyanwa yinina , usho uJehova , ngibuyise ukuthunjwa kwenu , nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, usho uJehova, nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.
Usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyakwakhiwa edumeni lawo, indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.
Ngokuba bheka , izinsuku ziyeza , usho uJehova , lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o -Israyeli noJuda, usho uJehova, ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bayakubuye basho leli zwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo , lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: UJehova makakubuyise wena khaya lokulunga , ntaba yobungcwele.
Amasimu ayakuthengwa ngemali , kulotshwe encwadini , kunamatheliswe, kufakazelwe ngofakazi ezweni lakwaBenjamini , nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda, nasemizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, usho uJehova.
izwi lokujabula nezwi lokuthokoza , izwi lomyeni nezwi lomakoti , izwi labathi: Bongani uJehova Sebawoti , ngokuba uJehova muhle , ngokuba umusa wakhe umi phakade , nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe nje ngakuqala, usho uJehova.
ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka -Abrahama, neka-Isaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.
Ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kukaJuda nokuthunjwa kuka -Israyeli, ngibakhe njengakuqala.
Kepha ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaMowab i ngezinsuku ezizayo, usho uJehova. Kuphela lapha ukwahlulelwa kukaMowabi.
Kepha kuyakuthi ezinsukwini zokugcina ngibuyise ukuthunjwa kwe-Elamu, usho uJehova.
Kepha ngasemuva ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantwana bakwa-Amoni, usho uJehova. Isiprofetho ngo-Edomi
Ngokuba ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi , lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,
Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda , yaluse kulo ; ezindlini zase - Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa , ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela, abuyise ukuthunjwa kwabo.
Ngaleso sikhathi ngiyakuningenisa , ngaleso sikhathi ngiyakunibutha , ngokuba ngiyakunenza igama nendumis o phakathi kwabantu bonke bomhlaba, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwen u phambi kwamehlo enu, usho uJehova.